Mathenjwa

USomahlaya uSmangaliso Mathenjwa.

Umlando ngesibongo sakwaMathenjwa

Abantu bakwaMathenjwa njengamanje batholakala laphaya ezintabeni zaseNgwavuma,indawo yabo yaziwa ngokuthi kuseManyiseni. Empeleni abantu bakwaMathenjwa basemngceleni waseSwazini neMozampiki kanye nelakwaZulu. Uma ufika endaweni ebizwa ngeminye imizi yakwaMathenjwa okuthiwa kuseKuhleni, yilapho ofike ukuthole khona lokhu engikhuluma ngakho.Yingakho nje laba bantu ubathola bekhuluma kakhulu isiSwazi kunolukaMageba.

Imvelaphi yabakwaMathenjwa

Kuthiwa abantu bakwaMathenjwa bavela eSwazini,kodwa kuthiwa ukudabuka kwabo kwangempela,kuxhumane nabeSuthu abangabaPedi,lapha okuthiwa zivela khona zonke izizwe ezakhele elakwaNgwane.Bake bahlaselwa nguLubelo wakwaMngomezulu,babaleka baze bacela ukukhoseliswa yinkosi uMpande kaSenzangakhona owabanika indawo kwaHlabisa,okwaba ngokwesikhashana.Babakhe phakathi komfula uMsunduze kanye noMduna.Kwathi ukuba bezwe kuthi uLubelo usekhotheme,kanti futhi kunendawo ezweni lakubo engakhiwe muntu basuka endaweni yakwaHlabisa bayokwakha luleyo ndawo eyayixhumene nomfula uSuthu.Sengathi ukusuka kwabantu bakwaMathenjwa endaweni lapho uMpande ayebabeke khona kwabadalela uhlevane kuMsimude(uMpande) ngoba wabahlasela.Babaleka baze beqa uSuthu bayokwakha endaweni okwase kungeyamaPutukezi ngaleso sikhathi.Kwaze kwathi sekuphethe amaNgisi kulo lonke leli likaMthaniya,babuya abantu bakwaMathenjwa bazokwakha endaweni yabo yaseManyiseni. Ngesikhathi bebuya ezweni labo abahlezi kulo kuze kube manje babeholwa nguMtshelekwana kaGamula

Ubukhosi bakwaMathenjwa

Inkosi uLubhoko

Inkosi uMusi

Inkosi uSibothi[uDlamini]

Inkosi uManyalala

Inkosi uMzikubola(uMuntukubola)

Inkosi uGamula

Inkosi uMtshelekwana

Inkosi uSibhamu

Inkosi uShikishi

Izithakazelo zakwa-Mathenjwa

Mgabadeli
Wena owagabadela inkundla kwaBulawayo
Dumakude
Ndabezitha

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo