Umlando ngesibongo sakwaMasinga
Abantu bakwaMasinga baphuma kubantu baseLangeni,abantu bakwaMhlongo.Abantu bakwaMhlongo bona baphuma kundlunkulu yaseSwazini ebizwa ngokuthi ngaMalangeni(Dlamini Mlangeni),ingakho bebizwa ngokuthi ‘abaseLangeni’,lokho kuchaza ukuthi bangabaMbo Nguni ngokwezigaba zabaNguni.Laba bantu bakwaMhlongo babuye baziwe ngokuthi bangabantu baseLangeni.Unina wenkosi uShaka kaSenzangakhona wabe ezalwa khona eLangeni,ezalwa nguMhlongo kaNqeshe okwavela ngaye isibongo sakwaMhlongoUMhlongo lona wayebuye aziwe ngelikaBhebhe [owabhe*la umuntu etsheni ngoba wayenomkhuba okwenza ucansi noMlamu wakhe wakwaQwabe phezu kwetshe elabe lingenhla komuzi wakhe waseBozini.UMhlongo wakha umuzi wakhe wawuqamba igama elithi kuseBozeni,undlunkulu wakhe kwabe kunguMfunda wakwaQwabe okunguyena ozala indlovukazi uNandi unina weLembe.Ngesikhathi elakwaZulu libuswa inkosi u-Shaka abantu bakwaMhlongo babebuswa uMakhandama(INjomane).UMakhendama nguyena owaba yiNjomane eyaduka iminyakanyaka, idukele kwelaseButhonga.
Ukwakheka kwesibongo sakwaMhlongo :
Njengoba besingishilo ukuthi isibongo sakwaMhlongo savela ngoMhlongo indodana kaNqeshe [uDlomo] kodwa indaba yaqala kuNqeshe uyise kaMhlongo.UNqeshe lona wayezalwa kwaDlamini(Mlangeni)ezalwa nguSoyingwase kaLugoloza.UNqeshe(uDlomo)nguyena owafika nalaba bantu bakwaDlamini(abaseLangeni)beqhamuka kwelaseSwazini.wafika wakha laphaya endaweni yaseMthimude,bakhelane nabantu bakwaZulu. Ngesizathu sokuthi wabe enganalutho ehlonga,uNqeshe wakha umuzi wakhe wawetha igama elithi kukaHlongisibi. Lelo gama lalichaza ukuthi akanalutho uyahlonga,weswele. Ngokuhamba kwesikhathi wabusiswa ngendodana,wabe eseyetha igama,wathi nguMhlongo.Nguye -ke lo Mhlongo wodumo ,owazala indlovukazi uNandi ,leyo ndlovukazi yazala inkosi yesizwe samaZulu ,inkosi u-Shaka kaSenzangakhona .
Izithakazelo zakwaMhlongo
Makhedama
Soyengwase
Nina bakaBhebhe kaMthendeka
Nina bakaSoqubele onjengegundane
Nina baseSiweni
KwaMpuku yakwaMselemusi
KwaNogwence webaya
Dlomo weNdl’ende
Sihlangu samavaka seswel’ababhemu
Wen’owalala nomunw’endunu, wavuka wawuncinda wawukhomb’ilanga
Makhul’emini abafokazana bekhul’ebusuku
Zingwazi zempi yakwaNdunu
Njoman’eyaduk’iminyakanyaka
Yatholakal’onyakeni wesine
Yabuye yatholakala ngowesikhombisa
Langeni
Owavel’elangeni
AbakwaMasinga
Njengoba inkosi u-Shaka ingaphathekanga kahle ikhayabonina, eLangeni, ngesikhathi isakhula, yathi ingathatha ubukhosi bakwaZulu yazimisela ukuba iyophindisela ngokuphatheka kwayo kambi kwabaseLangeni.Ngempela yabahlasela .Abasinda lapho babaleka balibhekisa eNyakatho,bahamba baze bayomisa ezintabeni zoBombo.Ngesikhathi bemisile lapho kwadingeka ukuba bazifunele okuya ngasethunjini . Ngako-ke basinga., befuna ,befuna ukuthola ukuthi izinyosi zabe zingalaphi ukuze bayozitapa,bathole okuya ethunjini. Abantu baleyo ndawo bebona labo bantu bakwaMhlongo ababesinga izinyosi bababiza ngokuthi bangoMasinga. Ngokubizwa kwabo ngoMasinga kwaba sekuba ukuqambeka kwesibongo sakwaMasinga. Nabo abazange baziveze ukuthi bangabakwaMhlongo ngoba phela besaba ukuthi labo bantu bengase bayobikela iLembe ukuthi kunabantu bakwaZulu ezweni labo,phela babe beyinyamazane ezingelwayo,ezingelwa iLembe eleqa amanye ngokukhalipha . Uma sebezitapile izinyosi kwakufika izintombi zendawo zibaphathele ukudla,bona baziphe amakhekhe ezinyosi.Ngokusinga kwabo izinyosi bagcina sebaziwa ngokuthi bangabantu bakwaMasinga. Saqambeka ngaleyo ndlela isibongo sakwaMasinga.
Izithakazelo zakwa-Masinga
Shobane
Ngonyama
Mbokweni omhlophe ogibela igagasi
Mangethe
AbakwaGuma
Abanye balabo bantu baseLangeni bangena ezweni lamaSwazi bahlala egqumeni thizeni.Ngokubona labo bantu abahlala egqumeni amaSwazi aluleka izingane zawo ukuba zingayi kulelo gquma. Izingane zaziyalwa,zisatshiswe ngokuthi kunabantu bakwaZulu abaphatha amahawu nemikhonto emide abahlala kulelo gquma.Kodwa izingane zamaSwazi zazishaya indiva lezo zeluleko.Zavakashela khona ,zejwayelana nezingane zamaZulu. Njengoba amaSwazi ayethefuya uma ebiza igquma athi,’iguma’,ngakho-ke labo bantu baseLangeni ababehlala egqumeni,amaSwazi ababiza ngokuthi bangabantu baseGumeni,ngoba nakho phela babehlala egqumeni. AmaSwazi aqhubeka ababiza ngokuthi bangabantu bakwaGuma,ngoba babehlala egumeni[igquma phela] .Ngenxa yokwesaba labo bantu baseLangeni bavuma ukubizwa ngamaSwazi ngokuthi bangabakwaGuma.Phela babesaba ukuthi amaSwazi angase ayobukela inkosi uShaka ukuthi kunabantu bakwaZulu abacashe ezweni lawo.Ngakho-ke bakwemukela ukubizwa ngesibongo sakwaGuma.Lokho kwaba ukuqambeka kwesibongo sakwaGuma.
Izithakazelo zakwaGuma
Guma
Ngogwana,
Suthisamagxegwana,
Zandla zibomvu ngokuphatha ilanga
Suthisamaphiva namasongololo
Siyaye sibasa endleleni singosi lutho
Juba elakhale mate kwazekwasa upotoloza engalele
Somomose
Mpinda kaNomopha
Mngezane
Mangena ngesitha ekhaya
