Nina abeGwija likaMdlaka ligwegwe lijiyeze abasini bengoma. Ngiyayibingelela iNgabade enhla nasezansi. Nanso-ke iSigqiki soMkhovu nina beSilo. Lesi isihlahla esitshalwa esangweni lekhaya ,ikakhulukazi ezindaweni zasemakhaya. Sitshalwa yizo zonke izinhlanga, ngisho nabeLungu imbala. Sitshalelwa izi... qhubeka ufunde »
Nina abakaMbomboshe omnyama uMgabadeli owagabadela inkundla yakwaBulawayo , uMashikizela ashiye impi yakhe ! UVemvane lukaPhunga noMageba uVemvane lumabala azibhadu ngibe ngiluthinta luyahwaqabala , lunjengoPhunga waseBulawini , lunjengoVumakubangoma!!#ISilo uDingane leso , iSilo sakithi eMgungundlo... qhubeka ufunde »
Nina bakaNtaba zimbili zakhelene zentula ngisho ukuxhawulana! Nina bakaZiyayinhlonhlonga inkomo ethandwa zibawu! INkwazi ka Ndaba emaphiko amhlophe! INtulo ebande ngodonga kwaBhekuzulu! Enhla nasezansi ngiyababingelela nina abeZulu eliphezulu. Nanso-ke isithombe somuthi uMvongothi. Ubuye ubizwe ngoM... qhubeka ufunde »
AbakwaMncube Ncube Abantu basemaNcubeni ungababiza Mncube,Ncube noma ke Sincuba iqiniso kusengabantu ababodwa laba. Labantu badabuka eLusuthu esizweni lesi sabeSuthu okungakuthi nabo bangabeSuthu.Sibathola bonasebezinze laphaya entabeni Intabazwe (Harriesmith) nasOndini(Underburg), Umuntu esiqala uk... qhubeka ufunde »
Incazelo ngeSifumbathi(Rose of Jericho) Nina abakaVezi kofa abantu kosala izibongo izona ezosala zibadabula,izona ezosala zibalila emanxiweni.IMbuzi ka Dambuza abayibambe ngendlebe yabekezela ayinjengekaMdlaka ngaseNtshobozeni yena ayibambe ngendlebe yadabula yaqeda amadoda.Inkomo eyabuya yodwa kwaS... qhubeka ufunde »
Nina abeSilo sakithi KwaDukuza iGwija likaMdlaka ligwegwe lijiyeze abasini bengoma! UKlebe engimbone ukwehla kwezikaMangcengeza kwathi kwezikaPhungashe wanyamalala! #ISilo uShaka leso. Ngethemba nisaphila nina beSilo , sisaphila thina eMantungweni. Ake sibheke umlando ngoSokwetshatha Mthethwa. USokw... qhubeka ufunde »
Nina abakaNdaba obhiyoze kuNomangci phezulu, eyokunqumel’umbango wakwaNyuswa .Kwakungabangwa lutho nakwaNyuswa , kwakubangwa izinhlakuva emanxiweni!! Bethi nteke nteke lindani amajuba! Nina abakaNdaba okhangele ezansi naMadungela, izinkomo zawoSihayo zabuya, kwaye kwalandela nezikaMafongosi. #ISil... qhubeka ufunde »
Nina abeNgqongqo yemikhonto iyazibanga izililo iyazibanga izinyembezi! UMagwaza ayiqhume ayise eKhakonina kwaSothondose! UNgalo zimqingo ngoba ziyakwazi ukuphatha isibhamu zinjengazabeSuthu bakoFebane! UMudli eNguyazane eyedwa kwaNolele! #Enhla nasezansi ngiyababingelela abeSilo ngethemba basaphila.... qhubeka ufunde »
Shongwe Kunene Mntimande Bhambolunye ukube zazimbili Kwakuyobe ufuze ekhabonina. Bomageza ngobisi amant’ehleti, Bantu labahle timomotso. Uyadzela umfati lo oyokwendzela kaShongwe ngoba uyotala timomotso todvwa. Nina bakwaZandlazivutha umlilo. Nina bakaTinkuni owaphuma nezikhuni ezivutha... qhubeka ufunde »