Abantu bakwaMyeni bangaMaNtungwa Nguni . Isizinda sabo silaphaya eBabanango eduze nomfula uMhlathuze. Lapho okwakuxhumeke khona uMabaso noMchunu. Ngesikhathi belaphaya eBabanango kwakungashiwo ukuthi ngabakwaMyeni, kodwa kwakuthiwa ngabakwaMyeki. Umuntu owayeyikhanda lalaba bantu kwakunguMlambo noma... qhubeka ufunde »
Abantu bakwaMashabane bangabantu baseBuThonga .Bakanye nabantu bakwaGumede kaManukuza [hhayi owakwaQwabe]kanye nabakwaTembe . Kuthiwa ngabantu baseBuThonga nje ngoba bezalwa yindoda eyayiziwa ngokuthi nguMthonga kaNkalane kaSidlondlo . UMthonga lona ubuye abe ngukhokho wabantu bakwaTembe .Igama lika... qhubeka ufunde »
Umlando ngesibongo sakwaMthembu Abantu baseBathenjini badatshulwa nguMthembu indodana ka Ntongakazi ,bangabaNguni bohlobo lwaNtungwa Nguni. Zimbili izindlu zaBathembu kleli laseNingizimu Afrika ,kukhona indlu enkulu yaBathembu nokuyindlu esebenzisa kakhulu uMthembu njengesibongo ,bese kuba khona ind... qhubeka ufunde »
Umlando ngesibongo sakwaNtombela  Abantu bakwaNtombela baxhumene kakhulu nabakwaZulu kanye nabakwaQwabe. Ukhokho wabo nguNtombela kaLuzumana owabe engumfowabo omncane wenkosi uMalandela ,uMalandela uyise woQwabe noZulu.NguNtombela owasala ebheke amadodana enkosi uMalandela ngemuba kokukhothama kwayo.Elinye igama likaNtombela kwakunguMahlobo nokuyilona eligqama kakhulu ezithakazelweni zabakwaNtombela . Inkosi uMalandela siyitholala yakhe egqumeni iMandwe ngaseShowe ,kanti naye umnawayo uNtomb... qhubeka ufunde » read more
Umlando ngesibongo sakwaDlamuka Ngokwezigaba zabaNguni abantu bakwaDlamuka bangabaNguni abangabaNtungwa Nguni.Lokho akubahlobanisi nabakwaKhumalo noma abakwaMabaso . AbaNguni bahlukaniswe izigatshana,kukhona abaNtungwa Nguni,abaNguni baseMbo, aMalala Nguni kanye nezinye izigaba. AbakwaDlamuka bona-k... qhubeka ufunde »
Umlando ngesibongo sakwaBiyela Isibongo sakwaBiyela siphuma kwesakwaZulu. Laba bantu bakwaBiyela basondelene kakhulu nabantu bakwaNtshangase .Empeleni kusengabantu ababodwa.UKhokho wabantu bakwaBiyela nguXhoko owayeyindodana yeSilo uNdaba kaMageba kaZulu.UXhoko wayeyindodana endala yeSilo uNdaba kod... qhubeka ufunde »
Abantu bakwaNgidi bangaManguni angamaLala ngokwezigaba zobunguni. Phela abantu bakwaNgidi baphuma ozalweni lukaVumizitha wazala abakwaNgcobo. Abantwana bakaVumizitha abaziwayo uNgcobo, uMkheshane kanye noNgidi. Akucaci ukuthi balamana kanjani kodwa siyazi ukuthi kungenzeka ukuthi bazalwa omama abahl... qhubeka ufunde »
Abantu bakwaNtanzi baphuma kubantu bakwaNtombela , lokho kusho ukuthi bangabaNtungwa Nguni ngokwezigaba zabaNguni njengabo abakwaNtombela. AbakwaNtombela bona baphuma kuNtombela owabe engumnawa wenkosi uMalandela ka Luzumana, enguyise omncane oQwabe noZulu. Laba bantu bakwaNtanzi endulo sibathola ba... qhubeka ufunde »
Umlando ngesibongo sakwaShabalala Abantu bakwaShabalala bangabaNguni baseMbo,imvelaphi yabo iseSwazini.Bahlobene kakhulu nesibongo sakwaDlamini . Ukhokho wabantu bakwaShabalala nguMshengu indodana kaSidwabasiluthuli.UMshengu wazala uMavuso,uNhlabathi noMhlanga.UMavuso wazala uMagudulela,uLudonga noN... qhubeka ufunde »