Incazelo ngaBaphaphi(Umhlonhlo/Euphorbia ingens)
Nina bakaGaga ngamanzi angawesi mlomo.Amanzi wodwa asale ababaze.UMlung”ungaphesheya komfula,omuny’unganeno kukaMpehlela noMaqhwakazi.Nina abeSilo ngiyazibingelela zonke iziNgabade enhla nasezansi.Ngethemba basaphila abeSilo.Lo muthi eniwubona esithombeni ubizwa ngokuthi ngaBaphaphi,ubuye ubizwe ngokuthi uMhlondlo.NgesiLungu,lo muthi ubizwa ngokuthi i-Euphorbia ingens.Le Nduku isemndeni wezihlahla ezaziwa ngokuthi ngama-Ingens,kulowo mndeni kubuye kutholakale noMdolofiya.Kuyileso sizathu uMdolofiya ubuye ubizwe ngoMhlonhlo kwezinye izindawo.Le Nduku uMhlonhlo yopha ubisi,lolu bisi kwelashwa ngalo umzimba onoTwayi,izinsuma,izinduna njalo njalo.
Babuye benzeni aBaphaphi
ABaphaphi\uMhlonhlo bangena kakhulu kuMabutho athunywayo ikakhulukazi athunywa ukuyolanda izikweletu.Ngale Nduku umuntu usibuyisa ngokushesha isikweletu.Ngingasho nje ngithi wumuthi weZikhafulo,noma owaMabutho.Le Nduku iphinde ingene nakwezamaSoka,intombi ayidabuli ensizweni edle le mpande,uma iyithakwe kahle.AmaSoka aphahlaza ngempande yawo,ayithaka kweziMhlophe oVumakubangoma omhlophe,uVelabahleke,uQhume,uMusa kanye neminye imithi emhlophe,yenhlanhla.Abuye ayigiyise naseZikhafulweni,yinhle kakhulu nakuleyo ndawo.Umuthi oyisiqomiso lona.Wumuthi ongasali nangephutha lapho kuthakwa iNduku yokuphephetha intombi lona,noma eyokubuyisa isithandwa.Kanti uyangena futhi nasemithini yokwakha isithunzi,uthakwa nemithi efana noMnyamathi kanye neminye imithi.Engingakusho nje ngaBaphaphi wukuthi aBaphaphi abavamisile ukusala uma kuthakwa iZikhafulo, noma aMabutho.
Thola ulwazi ngamakhambi kuYou Tube wethu osihloko sithi ‘Kholo Khumalo TV’

Sipheni okuningi ngemithi yesintu