Incazelo ngeNtuma (Solanum marginatum)

INtuma enkulu.

Incazelo ngeNtuma  (Solanum marginatum)

Nina baka Singquma khuluma bakuz’umoya,abasezitheni nabasemakhaya.Enhla nasezansi ngiyababingelela abeSilo.Lo muthi osesithombeni kuthiwa yi-Ntuma ngesiZulu.Zimbili izinhlobo zeNtuma,kukhona encane,kukhona nenkulu.Iyefana imisebenzi eyenziwa yiNtuma encane nenkulu.INtuma ibuye yaziwe ngoCalakalithethwa,noma uMthuma,noma ngoMagangeni.NgesiLungu kuthiwa yi-Solanum marginatum.Lona wumuthi onobungozi ekuchatheni,ufana neSende lenja.Kwangena inhlamvu uhambile umuntu.Kudingeka ukuba umuntu aqaphele kakhulu uma ewucwengwa, ewusefa, kudingeka aqinisekise ukuthi imbewu ayedluli.Ngale kobungozi bawo,cha usebenza kahle kakhulu lo muthi.Uchathela ukulola imbazo ebuthuntu ensizweni.Kuchatha isithelo sawo esiphuzi, esesivuthiwe.Zombili izinhlobo zeNtuma ziyachatha,kodwa abantu basebenzisa kakhulu iNtuma enkulu,ngenxa kaSayizi wesithelo.INtuma iqhathwa neminye imithi yokuchatha,lapho ichatha insizwa.Mina angikaze ngiyisebenzise iyodwa,ngenxa yendlela emandla ngayo.Ngiye ngiyiqhathe nezinye iziNduku. Kodwa ngike ngizwe abanye bethi bayayisebenzisa iyodwa, angisazi kodwa isikali sabo.INtuma inhle kakhulu kwinzalo, iyangena embizeni ephuzwa noma echatha umuntu wesilisa noma wesifazane onenkinga yokungabatholi abantwana,ezimbizeni eziphuzwayo kusebenza impande.Ngaphandle kokuchatha nokuphuzwa,iNtuma yenza imisebenzi eyahlukane,abanye bayayithuma,ingena eMabuthweni , aMabutho athunywa ukuba alande izikweletu.Iyangena nasemithini yoPhunyuka,imithi esetshenziswa kakhulu izinsizwa ezihlezi zivika ezikaDalawana.Kusebenza impande-ke lapho.Iyangena nasemithini yamacala.Abanye bayisebensizwa iyodwa vo, umuntu uvele aphathe  impande yayo uma eya ebandla,noma eNkantolo,ayifake ephaketheni,abuye ewudlile umhlanganiso.Kuthiwa namaPhoyisa omgwaqo awakwamisi uma kukhona iNtuma emotweni yakho.Uma kwenzekile akumisa kuthiwa avele abe nomusa omkhulu kuwe, akuthwale ngeQoma.Iyangena naseZikhafulweni.NamaSoka ayayisebenzisa,ayifaka emlonyeni uma ezoyokhuluma neNtombi,intombi ivele ithambe, ingabi nalulaka.Iyangena futhi naseNdukwini kaMalalisa,okuyiNduku esetshenziswa yizigebengu uma zizoyoganga.Ziningi izimanga ezenziwa yiNtuma.Wumuthi othunywayo lona njengoba negama nalo lizisho,uthunywa uvume.Impande yeNtuma kukhishwa ngayo isilwane ezinyweni elibuhlungu.Iye ibiliswe bese kuxubha umuntu ophethwe yizinyo.

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo