Incazelo ngoNkungwini(Plectranthus grallatus)
Nina abakaHlabahlungu bazoshumayezana abasezitheni nabasemakhaya.IGwija likaMdlaka ligwegwe lijiyeze abasini bengoma.Inkomo eyakhala eMthonjaneni izizwe zonke zayizwa ukulila.ILembe lelo!Enhla nasezansi ngiyazibingelela iziNgabade ngethemba basaphila abeZulu eliphezulu,cha,thina sisaphila kwaKhumalo.Nina beSilo le Nduku eniyibonayo kuthiwa uNkungwini igama layo,ibuye yazizwe ngoMnyamawempunzi kwezinye izindawo.Kanti uMnyamawempunzi kungashiwo imigqa esezansi kwamehlo eMpunzi.Impande kaNkungwini okuyiyona esebenzayo icishe ifane nekaMpikayiboni kanti vele leziNduku ziye zeqhathwe ndawonye.
Wenzani uNkungwini?
Nina beSilo uNkungwini yintelezi enzima engena ezindaweni eziningi.Iyangena kwezokubethela umuzi,iwusitha umuzi yenze izitha noma abathakathi bengawuboni ,babone iDamu,noma iNkungu, noma ihlathi,noma babone noma yini nje esamlingo.Iyangena le ntelezi nakwezezitha, umuntu osetshenzwe ngoNkungwini izinkabi zivele zibone imilingo uma zithunywe ukuyombulala, zingabona iDamu,iKati , ihlathi njalo njalo.Ziphuma inqina kaMabuyaze lana, alufakwa.Yintelezi yemilingo lena.Le Nduku ivase ukugiya noMpikayiboni,uMnyamawempunzi(otholakala ezansi kwamehlo esilwane iMpunzi)kanye nezinye iziNduku.NaseMgangeleni muhle kakhulu uNkungwini,imbangi ivele ibone abantu sebebaningi, noma ivele ibone inkungu.UNkungwini kuthiwa wawungasali eNdulo uma kwakuchelwa iMpi. Kuthiwa kusukela eNdulo wawugiya kakhulu noMpikayiboni, kanye nezinye iziNduku nokho.Le ntelezi iyangena nakwezoPhunyuka ,amaPhoyisa awacoshi lutho lana,iye iqhathwe kakhulu noNtuma,iSibhaha kanye nezinye.UNkungwini uyangena ezigqabeni.Uyangena kwezamacala,uyagquma,uyancindwa,uyageza uphinde uphalaze ngomuntu ozoya ecaleni,ayobhekana neMansthi ,yiNduna,yiNkosi njalo njalo.Uyangena uNkungwini kwezokugomela isibhamu.Uyangena uNkungwini kwezokuchela igceke. Uyangena uNkungwini emithini yokunqoba umdlalo webhola.Yintelezi yemilingo lena.UNkungwini uyangena kwezophalazela ukuthandeka , ayawusebenzisa amaSoka.Le Nduku uNkungwini iyangena kwezokuvika izibango,uma ugeze ngayo eMpophomeni noma emanzini ahambayo uyiqhathe noMpikayiboni,uMakhanda ka Nsele,uMsilinga,uMabophe kanye nezinye iziNduku.UNkungwini uyangena kwezovalo ,kwezokwethuka izanya.Kuningi okwenziwa yile Nduku.
Khumu!
Niphile nina beNkomo eyakhala eMthonjaneni izizwe zonke zayizwa ukulila! UMgengi pheza izitha kusehlobo utshani bude buzokugabanisa.Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi ngempande .
