Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

Ama-categories

Imithi yesintu (Izincazelo nezithombe)

Incazelo ngeNyathelo(Platycapha glomerata

Incazelo ngeNyathelo(Platycapha glomerata Nina abakaVezi ngimfumane bemzila ngafike ngamudla kanti ngizifaka iLoyi esiswini,iSela lintongande lawoBaleka lithabathe uMshiza lawetshatha liyakugalela ngawo eMankenganeni{kwabaMhlophe, oPritorious}.Le Nduku eniyibonayo ibizwa ngokuthi yiNyathelo,akuyona iMboziso lena.IMboziso ibizwa ngeFennel plant ngesiLungu.Kodwa uma le Nduku niyibiza ngeMboziso ngakini cha kulungile ayikho inkinga.Nina beSilo uma ungumuntu wesifazane onenkinga yenzalo,awukwazi ukumumatha,ake uthathe izimpande zoGobho ,ezikaNsukumbili uzihlanganise nezeBhuma,ugxobe ugxobe bese ut... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeMboziso(Fennel plant)

Incazelo ngeMboziso(Fennel plant) Lo mbhemu osesithombeni kuthiwa iMboziso ngesiZulu.Intelezi enkulu lena.Ingena ezintelezini zokuchela ekhaya,ezokugeza ,kanye nezinye.Le ntelezi inamakha amnandi,anuka kahle uma uyihogela.Njengoba ibizwa ngeMboziso nje umsebenzi wayo omkhulu wukubolisa  Ibolisa nam... qhubeka ufunde »

Sithole

Umlando ngesibongo sakwaSithole Isibongo sakwaSithole sasingekho ekuqaleni.Lapha kwaSithole endaweni yaseQhudeni entatshaneni iMbilana kade kubonaka ibhungu elide liphuma emgedeni osabekayo okulentatshana iMbilana.Izibongo ezazigqamile kulendawo ngalesosikhathi esakwaMbeje nesakwaMbatha. Abantu baku... qhubeka ufunde »

Hlongwa

Umlando ngesibongo sakwaHlongwa Isibongo sakwaHlongwa sengesinye sezibongo ezinkulu kwelikaMthaniya.Kulesi sibongo kuphuma ezinye izibongo ezifana nesibongo sakwaKhawula,esakwaJeza,esakwaKhuluse , esakwaShozi , esakwaMaluleka  esakwaLange nezinye izibongo.Abantu bakwaHlongwa emandulo  babakhe eMzu... qhubeka ufunde »

Umlando ngamadodana kaVico oMande noMagaye Cele

Umlando ngoMande noMagaye Cele Abantu bakwaCele baphuma kubantu bakwaMthethwa , uCele ozala abantu bakwaCele wayengowakhona kwaMthethwa . Ngesikhathi sokubusa kwenkosi uDingiswayo ka Jobe kwaMthethwa , abantu bakwaCele babebuswa yinkosi uDubandlela ka Mkhokheli . Inkosi uDubandlela yayinomuzi lapho ... qhubeka ufunde »

Miya

Ukulandelana kwamakhosi akwaMiya UMtiti wokuqala UMiya UNcwabe UNdlangathi UNzaba UMasango UNgubonhle UMtiti wesibili UDlamini UThenya UTshanibuhle UNjokweni UMhlanushile UXuza ( wabusa ngesikhathi seNgonyama uShaka) Umlando ngesibongo sakwaMiya Isibongo sakwaMiya savela ngoMiya kaMtiti wokuqala (Mz... qhubeka ufunde »

Mathenjwa

Umlando ngesibongo sakwaMathenjwa Abantu bakwaMathenjwa njengamanje batholakala laphaya ezintabeni zaseNgwavuma,indawo yabo yaziwa ngokuthi kuseManyiseni. Empeleni abantu bakwaMathenjwa basemngceleni waseSwazini neMozampiki kanye nelakwaZulu. Uma ufika endaweni ebizwa ngeminye imizi yakwaMathenjwa o... qhubeka ufunde »

Nsele

Umlando ngesibongo sakwaNsele Abantu bakwaNsele bangaBambo Nguni ngokwezigaba zabaNguni. Laba bantu bakwaNsele babuye baziwe ngokuthi bangabaseMangweni, basekanye nabantu bakwaZwane,abakwaHudla, abakwaCebekhulu , abakwaNdiweni kanye nabanye.UNsele okwaqanjwa ngaye isibongo nguNsele wesibili indodana... qhubeka ufunde »

Ngcobo

AbakwaNgcobo  Abantu bakwaNgcobo bangaMalala avela eNyakatho nezwe.Abantu bakwaNgcobo sibathola beneNdlunkulu,iQadi kanye neKhohlwa kuze kufike nakwisizinda. Ukuze uchazeke kahle umlando wakwaNgcobo kumele uchazwe ngezindlu Ukudabuka kabantu bakwaNgcobo Kuthiwa umuntu wokuqala owaba yinzalabantu, s... qhubeka ufunde »

Kunene

Izithakazelo ngomlando wakwaKunene Abantu bakwaKunene bangabaNguni baseMbo ngokwezigaba zabeNguni,imvelaphi yabo isenhla nezwe njengazo zonke izibongo zabeNguni.Bahlobene kakhulu nesibongo sakwaNkosi-Dlamini nokuyisibongo esibusa izwe laseSwazini.Isibongo sakwaKunene saqambeka ngoKunene kaGebase kaS... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!