Incazelo ngoMhlakuva(Ricinus communis)

UMhlakuva

Incazelo ngoMhlakuva(Ricinus communis)

Nina abakaMdayi sabela kweliphesheya uZalukazi zosala emanxiweni amaXhegu ayosala emizileni.UTshwala bukaGologo babungaphuzwa muntu kithi kwaMalandela babuphuzwa imihlambi yezinyamazane!Enhla nasezansi ngiyababingelela abeSilo,ngethemba basaphila abeZulu eliphezulu kuwumhla zintathu kuMbasa onyakeni ka2023.Cha,thina sisaphila eMantungweni.Lo muthi eniwubona esithombeni kuthiwa uMhlakuva ngesiZulu.NgesiNdebele ubizwa ngeMfunde.NgesiPedi lo muthi ubizwa ngeMokhura.NgesiBhunu kuthiwa iBloubottelboo,noma Olieboom.NgesiXhosa usabizwa ngalo eloMhlafutho.NgesiSuthu kuthiwa uMohlafotha.NgesiVenda kuthiwa uMuplure.NgesiTsonga kuthiwa iNhlampfura.NgesiLungu soSosayensi phecelezi I’Botanical name‘kuthiwa iRicinus communis.NgesiNgisi kuthiwa iCastor Bean Plant,noma iCastor Oil Plant,noma iWonder Tree.UMhlakuva uyizinhlobo ezimbili,kukhona oluhlaza nobomvu,njengoba nibona esithombeni.Zombili lezinhlobo zenza umsebenzi ofanayo.

Wenzani uMhlakuva?

Amacembe oMhlakuva mahle kakhulu ekwelapheni izinso ezigulayo.Nokho adinga ukuqashelwa,awafakwa kakhulu ngoba anamandla kakhulu.Kuye kubiliswe amacembe bese kwenziwa isiphungo esiphungwa u500mls kanye ngeviki.Lesi siphungo asiphuzwa njalo ngoba silimaza isibindi ngenxa yamandla aso.izimpande zoMhlakuva ziye zibiliswe kwezinziwe isiphungo esixubha umuntu uma ngabe ephethwe yizinyo.Imbewu yoMhlakuva inamafutha amaningi,kwenziwa ngayo iCastor Oil.OkuwuOyela okuthiwa waqala ukusebenza kwelaseNdiya,walendela kwelaMaGibhithe.Lo Oyela uhlanza isisu ,uqinisa namasosha omzimba.Uye uphuzwe,kuphuzwa inkeshezana ekalwa ngoKhezwana lweTiye.Lo Oyela ushisa nezilonda ngaphakathi esiswini kwazise uMhlakuva ungeminye yemithi eyi-Antibacterial plants,okuyimithi ebulala amagciwane.Lo Oyela ubuye udambise nenhlungu yezinso.Lo Oyela iCastor Oil ubuye ungene naseZigubhini zemali,bathi muhle kakhulu ekudonseni.Uyangena naseZibungeni zeBhizinisi.Inkovu yamacembe oMhlakuva iye ikhanyelwe enxebeni noma esilondeni esibhibhayo ishise wonke amagciwane,selepheke isilonda.Impande yoMhlakuva iyangena embizeni eyelapha izinso.Amafutha embewu yoMhlakuva mahle kakhulu ekuvuleni,ayangena ezithakweni zemithi yokuvula iSangoma esivaliwe, imbewu iyangena ezinsizi ezikhothwa yiSangoma esivaliwe,esingasashayi emhlolweni.Imbewu iyangena nasezinsizini zamaBekelo,iMeqo. Imbewu ibuye ibe yinhle kakhulu kumadliso,iyangena emithini yamadliso.Kuningi okwenziwa uMhlakuva.

Khumu!!!

Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV”uthole olunye ulwazi ngamakhambi

Niphile nina abakaZulu lizayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela!!!

 

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo