Incazelo ngoMalala(Jasminum angular)

UMalala.

Incazelo ngoMalala(Jasminum angular)

Nina abaNkomo eyakhala eMthonjaneni izizwe zonke zayizwa ukulila.UKlebe engimbone ukwehla kwezikaMangcengeza kwathi kwezikaPhungashe wanyamalala.IGwija likaMdlaka ligwegwe lijiyeze abasini bengoma.Ngethemba nisaphila nina beSilo.Le Nduku eniyibona esithombeni kuthiwa uMalala igama layo.

Wenzani uMalala

UMalala nina beSilo uyintelezi engena ezindaweni eziningi.Usetsheziswa kakhulu ekucupheni umuntu othandana naye ukuze angahambi elala nabanye.Uma ethi uyazama kuvele kuwe induku noma avele akhathale azunywe ubuthongo.Muhle uMalala kwezokuchela ikhaya ulalilisa izinto zabakhunkuli.Uyangena uMalala emithini eshunqiswa ekhaya uma ngabe lelo khaya likhathwazwa izinto zabathakathi ezifana nemikhovu ezenza abantu bakulelo khaya bengalali.Muhle kakhulu uMalala kwezezitha,muhle nakwezamacala.UMalala uyageza uphinde ushunqisele ingane elala ikhala ebusuku ngenxa yezinto zabasokoco.

Khumu.

Niphile nina beSilo.Thola olunye ulwazi kuYou Tube wethu osihloko sithi”Kholo Khumalo TV”.

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo