Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

Ama-categories

Imithi yesintu (Izincazelo nezithombe)

Incazelo ngoMkhuhlu(uMathunzini, Trichilia emetica)

Incazelo ngoMkhuhlu(uMathunzini, Trichilia emetica) Nina abakaKlebe engimbone ukwehla kwezikaMangcengeza kwathi kwezikaPhungashe wanyamalala.UGawu bazawuliluma bazawuliphimisa bakhumbul’emaGawu abebesi.INtethe egolwe nganti zamkhonto kithi kwaMalandela.Enhla nasezansi ngiyazibingelela iziNgabade, ngethemba basaphila abeSilo.Cha,thina sisaphila eMantungweni. UMkhuhlu Nina beSilo lo muthi eniwubona esithombeni kuthiwa uMkhuhlu igama lawo lesiZulu,ubuye waziwe ngoMathunzini.UMkhuhlu akuwona uMkhokha, futhi akuwona uMsinsi.Lo muthi uyakhuhla njengoba negama lizisho.Ungena ezindaweni eziningi,la ... qhubeka ufunde »

Kheswa

Umlando ngesibongo sakwaKheswa Abantu bakwaKheswa babengabakwaHadebe; bengamaHlubi, behlala endaweni osekuyi-Utrecht manje.Babemunye noBhungane owayedume ngobunyanga,ephatha intelezi yempi eyayinamandla ayisimangaliso. Kuthiwa-ke yiyo le ntelezi eyabangela ukuthi iLembe lifise ukumgwinya uBhungane,l... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeLoyi(Datura stramonium,iJoye)

Incazelo ngeLoyi(Datura stramonium,iJoye) Nalo-ke iLoyi nina beSilo,lona kanye elivela ezibongweni zeNdudumo yaseMgungundlovu,iSilo uDingane uma kuthiwa”üVezi ngimfumane bemzila ngafike ngamudla kanti ngizifaka iLoyi esiswini”.INduku lena edinga ukuba umuntu aqaphele uma ezoyisebenzisa ... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMahlabekufeni(Croton gratissimus)

Incazelo ngoMahlabekufeni(Croton gratissimus) Nina bakaMakhalimakhande njengeZulu lona limakhalima limandindizela.UTshwala bukaGologo babungaphuzwa muntu kithi kwaMalandela babuphuzwa yimihlambi yezinyamazane.Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade,ngethemba basaphila abeSilo . Cha, thina si... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeMvubu(Hippopotamus)

Incazelo ngeMvubu(Hippopotamus) Nina abakaSingquma khuluma bakuz’umoya abasezitheni nabasemakhaya,uMkhwamude wangisika isilevu uSungulo olude lwangithunga impumulo.Enhla nasezansi ngiyayibingelela iNgabade kungumhla wokuqala kuNhlaka {uMeyi} onyakeni ka 2023.Ngethemba basaphila abeZulu eliphezulu.... qhubeka ufunde »

Ndlovu

Umlando ngesibongo sakwaNdlovu Abantu bangabeSuthu badabuka eLesotho.Ekufikeni kwabo kwelakwaZulu bafike bakhonza esizweni sabantu bakwaNxamalala.Laba bantu bakwaNdlovu bangabantu bakaMatsimane wakwaTlou noma uMotaung.Kuthiwa abantu ababekhuluma ulimi lwesiZulu behluleka ukuphimisa igama noma ngithi... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeShaladilezinyoka (iSweli\ISivimbampunzi\ITswele lo mlambo\Tulbaghia acutiloba)

Incazelo ngeShaladilezinyoka(iSweli\ISivimbampunzi\ITswele lo mlambo\Tulbaghia acutiloba) Nina abeMbube eshoba liyisilikithi uHlamvana bhul’umlilo eNdulinde ububaswe uMantshonga benoGqelebane.UZulu ladum’obala lapho kungeMunga kungeMtholo.UThambeka wena owaliwayo,thambekeka wewuswe iNtamanana na... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeNkakha(Pangolin,iHalakavuma)

Incazelo ngeNkakha(Pangolin,iHalakavuma) Nina bakaVezi ngimfumane bemzila,ngafike ngamudla,kanti ngizifaka iloyi esiswini.Uqambi lankomo ukuba zilahlekile ziyokufa uMdlebe kwaSoshangane,uSingquma khulum abakuz’umoya abasezitheni nabasemakhaya.Enhla nasezansi ngiyayibingelela iziNgabade,ngethemba n... qhubeka ufunde »

Incazelo ngePhahla( Brachylaena transvaalensis

Incazelo ngePhahla( Brachylaena transvaalensis Nina abakaGawu bazawuliluma bazawuliphimisa bakhumbul’amagaw’abebesi.UZulu lizayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela.INkomo eyakhal’eMthonjaneni izizwe zonke zayizw’ukulila.IPhahla noma uMphahla isihlahla cishe es... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeNsingizi(iNgududu,Southern ground hornhill)

Incazelo ngeNsingizi(iNgududu,Southern ground hornhill) Bangaki abayaziyo lenyoni yezulu?Lafa elihle kakhulu.Lenyoni isiyindlala kakhulu kwelengabadi ngenxa yokuzingelwa kwayo abakhunkulu kanye nokufa kwezwe lakithi elingasalinywa nhlobo okuholele ekutheni izilwakazane ezidliwa yilenyoni ezivame huk... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!