Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

Ama-categories

Imithi yesintu (Izincazelo nezithombe)

Incazelo ngoMpikayiboni

Incazelo ngoMpikayiboni Nina abakaGawu bazawuliluma bawuliphimisa bakhumbul’amagawu abebesi.UZulu lizayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibakelela.INkomo eyakhal’eMthonjaneni izizwe zonke zayizw’ukulila!Enhla nasezansi ngiyayibingelela iNgabade kuwu mhla wamashumi amathathu nanye kuNdasa,onyakeni ka 2023.Ngethemba basaphila abeZulu eliphezulu.Cha,thina eNdinaneni sisaphila.Lo muthi eniwubona esithombeni uyintelezi enkulu engena ezithakweni zezintelezi zokuchela ekhaya ezivimbela imimoya emibi kanye nezinyoka ukuba zingangeni ekhaya.Kuthiwa le ntelezi eNdulo yabe ingeye yezintele... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoZeneke(Harmanthus Deformis)

Incazelo ngoZeneke(Harmanthus Deformis) Nina bakaCala lathethwa ngomkhonto kithi kwaMalandela amanye amacala ethethwa ngezindukwana.UMpondo zamila enjeni engabe enkomeni zesabani.UMkhumbi gudluka sibone aMgumgedlele.Ngiyababingelela abeSilo,ngethemba basaphila. Lo muthi osesithombeni ubizwa ngokuthi... qhubeka ufunde »

Incazelo ngemithi yemfuyo

Incazelo ngemithi yemfuyo Uma unguMfuyi thatha izimpande zeNtolwane,ezikaBhoqo nezikaVimbukhalo uzibilise ngento ewu 20litha okwesikhathi esingangeHora, bese uyakwephula eziko,bese ulinda kuphole,bese uphuzisa nje yonke imfuyo yakho.Ngingabalaizimbuzi,izinkomo,amankonyane,amahhashi,kanye nayo yonke ... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeNtebe(iHlukwe/Zantedeschia aethipica)

Incazelo ngeNtebe(iHlukwe/Zantedeschia aethipica) Nina abakaHlamvana bhul’umlilo eNdulinde ububaswe uMantshonga benoGqelebana.UZulu laduma obala lapho kungeMunga kungeMtholo.UKhaba limile lodwa ngaseNhlungwane amanye amakhaba emila izixexelegu.Enhla nasezansi ngiyazibingelela zonke izNgabade.Ngeth... qhubeka ufunde »

Incazelo ngamasiko abaNguni

UBunyanga Zazikhona izinyanga kwaZulu ezazikwazi ukwelapha kwelapheke ukuba kwakungenjalo uZulu wayengeke ande abe ngakaya.Nokho izinyanga umuntu asezibona namuhla sezivama ukuba nenkohliso.Njengakunoma yimuphi umphakathi wesintu, umuntu onamandla okwenza lokho thina esingezenzele ngamandla ethu,siy... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeMpepho(Helichrysum odoratissimum\Kooigoed kruie)

Incazelo ngeMpepho(Helichrysum odoratissimum\Kooigoed kruie) Nina abakaHlamvana bhul’umlilo eNdulinde ububaswe nguMantshonga benoGqelebana.UZulu laduma obala lapho lungemunga kungeMtholo.IMbube eshoba liyisilikithi.ISinakanaka sezincwadi ebezibhalwa uMalimade kwabamhlophe abeLungu.Enhla nasezansi ... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoNkungwini(Plectranthus grallatus)

Incazelo ngoNkungwini(Plectranthus grallatus) Nina abakaHlabahlungu bazoshumayezana abasezitheni nabasemakhaya.IGwija likaMdlaka ligwegwe lijiyeze abasini bengoma.Inkomo eyakhala eMthonjaneni izizwe zonke zayizwa ukulila.ILembe lelo!Enhla nasezansi ngiyazibingelela iziNgabade ngethemba basaphila abe... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeNtuma (Solanum marginatum)

Incazelo ngeNtuma  (Solanum marginatum) Nina baka Singquma khuluma bakuz’umoya,abasezitheni nabasemakhaya.Enhla nasezansi ngiyababingelela abeSilo.Lo muthi osesithombeni kuthiwa yi-Ntuma ngesiZulu.Zimbili izinhlobo zeNtuma,kukhona encane,kukhona nenkulu.Iyefana imisebenzi eyenziwa yiNtuma encane ... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoQadolo(uCadolo\Blackjack\Bidens Pilosa\uMhlabangulo\AMalenjana\uCucuza)

Incazelo ngoQadolo(uCadolo\Blackjack\Bidens Pilosa\uMhlabangulo\AMalenjana\uCucuza) Nina bakaMakhalimakhande njengeZulu lona limakhalima limandindizela.USomnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi KwaZulu.Enhla nasezansi ngiyazibingelela zonke iziNgabade,ngethemba basaphila abakaBhush... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeGobandlovu(Balanites maughammi)

Incazelo ngeGobandlovu(Balanites maughammi) Nina abakaQambi lankomo ukuba zilahlekile ziyokufa uMdlebe kwaSoshangane,iHwanqa eladla amanye amaHwanqa ngoba ladl’uPiti kwabaseMgungundlovu.UVezi wakithi eMgungundlovu.Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade kuwumhla ziyisiShiya galo mbili kuMb... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!