Incazelo ngeNcamashela  (Eriospermum cooperi)

INcamashela.

Incazelo ngeNcamashela  (Eriospermum cooperi)

Nina abeNgodlamkhonto yakithi oPhindweni ithi yiwona onguBaba yiwona onguMama,uKhawuleza Nkume yoHlanga iyasha imizi emaphethelweni.Enhla nasezansi ngiyababingelela abeSilo.Ngethemba basaphila.

INcamashela

Nina beSilo lo muthi eniwubona esithombeni kuthiwa yiNcamashela igama lawo lesiZulu.ISibambelelo esihle lesi,awusali eNdukwini yeSibambalelo.Isigaxa salo muthi sithi asifane neseLabatheka,noma eseNkomfe.Lo muthi usetshenziswa kakhulu ngabantu besifazane , bawusabenzisa ukwakha iSibambelelo,babuye bawuphuzele ukulungisa imizwa yabo.Kulula kabi ukwakha iSibambelelo ngeNcamashela , uDade uye ageze inkomo yakhe ngeNcamashela maqede engayisuli kuze kufike owakwakhe,baye ocansini.Inkomo egezwe ngeNcamashela yenza indoda ithakasele ucansi,inamathele kulowo Mame ingaphinde isuke.Kuyileso sizathu lo muhti babuye bawubize ngeChappies.Lo muthi  uwusizo kakhulu koMame abasheshe babe manzi esithweni sabo sangasese uma bezokwenza ucansi.Yebo khona kuhle ukuthi ukuba manzi kowesifane ngoba phela kusuke kuchaza ubukhali bemizwa yakhe kodwa akufanele abe manzi ngokweqile kuze kukhononde uMlingani.Lo muthi iNcamashela selokhu kwathi nhlo vele waziwa njengomuthi weSibambelelo.Lo muthi kusukela eNdulo usetshenziswa ukumisela aBashadikazi ukuba bahlale ndawonye bengahlukani.UMkhwenyana no Malokazana banele nje ukugcagca baye bageze ngawo lo muthi iNcamashela ngaphambi kokuba bahlangane eNkonzweni yaseKamelweni.Kanti abantu besifazana bawuthaka emithini yabo yeSibambelelo,iSibambelelo esiphuzwayo kanye neSibambelelo sangaphansi.Muhle kakhulu lo muthi awudingi kuthakwa neZilwane,uye uthakwe nemithi efana noSidikili, uMvalasangweni kanye neminye.Usungawafaka -ke amafutha eMbulu uma uthanda kodwa awadingeki kangakho.INcamashela yakha olukhulu ugazi uma ugqume ngayo,iye ithakwe noBheka kanye neminye imithi.Bobubili ubulili buyagquma ngayo iNcamashela  ayikho inkinga.INcamashela thandwa kakhulu nangamaSoka.Lo muthi iNcamashela iyathakwa naseNdukwini eyiSibambelelo esenza umuntu engaqonyiswa noma engaqomi.Le Nduku yenza umuntu akuvilaphele ukweshela,akwenyanye ukuqoma. INcamashela abanye bayithaka nasezintelezini.INcamashela bizwa ngeWhite-Fluffy seed ngesiNgisi.Kanti ngeBotanicala kuthiwa iEriospermum cooperi.NgesiSuthu ibizwa nge Khongoanatsa ngoana,noma Khukhue kholo, noma Letoko la litsoene, noma Tsebe ea khomo.Kuthiwa kukhona olunye uhlobo lweNcamashela olubuye lwaziwe ngeNgcamu,kuthiwa lukhula luthandele imithi emide,nalo lwenza umsebenzi ofana ncamashi noweNcamashela eyejwayelekile.

Niphile nina abakaSomnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi KwaZulu.Thola olunye ulwazi kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV”.

Khumu!

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo