Incazelo ngeDumbe likaNhloyile(uMphopho\Scadoxus paniceus)
Nina abakaKhawuleza Nkume yoHlanga iyasha imizi eMaphethelweni,iNgondlamkhonto yakithi oPhindweni ithi yiwona onguMama yiwona onguBaba.Inkosi uMalandela leyo iSilo sakithi oDwini! Enhla nasezansi ngiyazibingelela zonke iziNgabade,ngethemba basaphila abeSilo kungumhla wokuqala kuNtulikazi onyakeni ka 2023 (1 Julayi ).Nina beSilo le Nduku eniyibonayo ibizwa ngoMphopho ngesiZulu,yaziwa kakhulu ngele Dumbe lika Nhloyile.OSosayensi bayibiza ngeScadoxus paniceus.NgesiNgisi ibizwa ngePaintbrush Lily,noma Snake Lily, noma Blood Lily,noma Royal Paintbrush,noma Giant Stovebrush.NgesiBhunu ibizwa ngeRooi-kwas,noma Seeoorglilie,noma Skeerkwas.
Lenzani iDumbe lika Nhloyile
Nina beSilo isigaxa sale Nduku singumuthi omkhulu wokukhipbha inyongo,siyathakwa emithi ephalazela ukukhipha inyongo.Siyangena futhi nasezimbizeni zenyongo.ISigaxa sale Nduku siyangena nakwezokuxegisa idliso,kanye nakwezesifuba esinenkinga yokucinana.Isigaxa sale Nduku siyathakwa nakwiSihlambezo,sihle kakhulu ekwelekeleleni uMbhungu ukuba ukhule kahle.Amakhasi ale Nduku aye onyiswe, bese ayagaywa agayelwe ukuba yimpuphu eluhlaza enanyekwa emanxeni nasezilondeni ezibhibhayo.Amakhasi ale Nduku abuye aphekwe esemanzi noma sewomile,enziwe iSiphungo esishisa izilonda ngaphakathi esiswini.Lesi Siphungo sihle kakhulu futhi nasekudambiseni inhlungu yeFindo.Amakhasi ale Nduku ayangena embizeni yezifo zocansi oDilobhu,kanye nasembizeni yezifo ezishobingisa igazi, oBhelihaziya.
Khumu!!
