Incazelo ngoMabusane  (Capparis tomentosa)

UMabusane

Incazelo ngoMabusane  (Capparis tomentosa)

Nina bakaSingquma khuluma bakuz’umoya abasezitheni nabasemakhaya,iNkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe.UVezi ngimfumane bemzila ngafike ngamudla kanti ngizifaka iLoyi esiswini.Enhla nasezansi ngiyababingelela abeSilo. Ngethemba nisaphila nina beMbube.Cha,thina sisaphila kwaSokhumalo.

UMabusane

Nina beMbube eshoba liyisilikithi lo muthi eniwubona esithombeni kuthiwa uMabusane igama lawo le siZulu.NgesiBhunu ubizwa ngeWollerige kapperbos.NgesiNgisi kuthiwa iWoolly caper bush.Igama lawo le Botical kuthiwa iCapparis tomentosa.NgesiXhosa ubizwa ngeNtshihlo, noma uMpasimani, noma iMfishlo,noma iNtsilo.NgesiVenda bawubiza nge Gwambadzi,noma Muoba-dali. Ka seTswana bare ke Motawana.NgesiTsonga ubizwa ngeNkawa.

USebenzani uMabusane

Nina beSilo kulo muthi kusebenza kakhulu ixolo, kanye nezimpande.Igxolo le zimbande liyintelezi enkulu eshinqiswa emnyango nxa kuduma izulu, ivimbela umbani ukuba ungangeni endlini. Igxolo le zimpande lalo muthi libuye libe umuthi omuhle wokwelapha isifuba esikhwehlelisa igazi.Liye libiliswe bese kuphuzwa isiphungo salo,noma liququdwe njengeSibhaha.Igxolo nezimpande zikaMabusane kuyangena emithini emhlophe yenhlanhla yokuphalaza.Kuletha ukuhlonishwa ,umnotho,kanye nokubusa kumuntu osuke ephalaze ngakho.Umuntu osebenzisa le mpande kukancane ukuba entule imali noma ashaywe wububha.Lo muthi uyaphalaza,uyagquma uyageza futhi.UMabusane ukhonzwe kakhulu ngabantu abangabaHoli,iziNduna, amaKhosi,amaKhansela kanye nabanye.Umuthi wokubusa lona.Baye bathi uma usenabo abazali akumele uwusebenzise uMabusane,kuyamangaza lokho ngoba uMabusane awuvamisile ukusala entelezini yamacala.Wenza umsolwa afike azidlele amahlanga kwiMantshi,noma kulowo osuke ethetha icala.NamaSoka ayawusebenzisa lo muthi ngenhloso yokuba ngenhla kwentombi lapho kweshelwana.UMabusane ubuye ungene nasezintelezini zokuqina,kanye nezesithunzi.Ake ngime lapho nina bakaMdayi sabela kweliphesheya uZalukazi zosala eManxiweni amaXhegu ayosala eMizileni.USomnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi KwaZulu.

Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV”uthole olunye ulwazi ngamakhambi.

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo