Incazelo ngoMphafa  ( Ziziphus mucronata 

UMphafa.

Incazelo ngoMphafa  ( Ziziphus mucronata 

Nina abakaMenzi akabongwa ngabalandakazi ubebongwa ziNjenje zaseMqekwini.Enhla nasezansi ngiyababingelela abeSilo.Ngethemba basaphila.

UMphafa  (UMlahlankosi)

.Lo muthi eniwubonayo ubizwa ngokuthi uMphafa igama lawo,ubuye waziwe ngeloMlahlankosi.Lo muthi kulandwa ngawo umuntu wesilisa ongasekho,umuntu wesifazane uma eshonile yena uye alandwe ngehlahla loMganu,Uma kulandwa umuntu wesilisa ongasekho kuyaye kukhiwe ihlahla loMphafa kuyiwe nalo lapho kushonele khona lowo muntu kufikwe kukhulunywe nomphefumulo walowo useshonile,ubikelwe ukuthi usuzolandwa.Phela kushona umuntu kepha umphefumulo kawushoni . Umuntu ongasekho ulandwa ngabesilisa ngoba kukholelwa ekutheni abesilisa yibona abasondelene kakhulu nedlozi.Uma sekuhanjwa sekuphikelelwe ekhaya kuyaxoxwa nomuntu ongasekho,abikelwe uma sebedlula endaweni ayeyikhonzile,noma lapho kuhlala khona umngane wakhe othile,noma lapho kuhlala khona isihlobo,kungaba uMalume,uBabekazi,uMama omncane njalo njalo.Ezinye izihlanhla ezilanda umuntu wesilisa ongasekho uMthathe,iSiqunga kanye nezinye.Isizathu sokulandwa komuntu ongasekho kusuke kwenzelwa ukuthi ayohlala nabakwabo noma nezingane zakhe ekhaya.Esinye isizathu esokuthi angasali ehlupha abantu abahlala endaweni ashonele kuyo ngokuvuka abonakale ehamba kodwa yena ebe esashona.Ngaphandle kokulanda umuntu ongasekho lezi zihlahla uMphafa noMthathe zibuye zibe wumuthi wokuthwebula.Ngamanye amazwi ziyakwazi ukususwa isilwane uma sifakwe emuntwini.Noma ukususa idlozi elibi elafakwa zihlobo ngenhloso yokucekela phansi impilo yalowo muntu osuke efakwe idlozi elibi,noma izizwe.Kuyagezwa ngawo uMphafa noMthathe kodwa lemithi ixutshwa neminye imithi.Ngokuvamile ayixutshwa nesilwane.Igama loMthathe uma seliphelele kuthiwa u’Mthathe noma esefile”.Uyangena futhi uMphafa noMthathe ezindukwini zokuphalazisa umuntu ufakwe izizwe Ake ngime lapho nina bakaSomnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi kwaZulu!

Khumu!

Thola olunye ulwazi kuYou Tube wethu osihloko sitho Kholo Khumalo TV.

 

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo