Incazelo ngeNkalimasane(uMakhanda ka Ntuli, Euphorbia fianaganii)
Bakwethu lo muthi eniwubona kulesi sithombe ubizwa ngokuthi yiNkalimasane,noma uMakhanda ka Ntuli.NgoLimi lwesiXhosa ubizwa ngokuthi yiNtsema.Lo muthi uwuhlobo lwemithi ebizwa ngokuthi yiziNhlenhle okuyimithi ebandakanya uZililo,uMakhanda ka Nsele kanye neminye.Lena yimithi esemndeni wamaEuphorbia plants.Kukhona enye iNkalimasane eyisihlahla,nayo eyopha ubisi..
Yenzani iNkalimasane
INkalimasane ibuye yaziwe ngokuthi iwuMakhanda ka Ntuli.Iphuma ubisi oluwusizo kakhulu kubantu ngoba lwelapha isikhumba esixakwe uTwayi,iziNsumpa,amathumba,izinduna kanye nezinye izifo ezikhathaza isikhumba somuntu.Kuye kuhlikihlelwe ubisi lwayo esikhumbeni esinenkinga yoTwayi,izinduna kanye nezinye izifo ezikhathaza isikhumba somuntu.Lo muthi uyangena nasezimbizeni zokwelapha umzimba omubi,iyangena ezimbizeni zokuqinisa uBhoko lweSisu.Lo muthi uyangena kwezokuphalazela ukuxosha imimoya emibi,ukuthandeka kanye nakwezokuvula izindlela.Lo muthi uyangena nakwezokugqumela ukuthandeka, ayayisebenzisa amaSoka.Uyangena naseZikhafulweni zobusoka.INkalimasane iyangena nakwiMibhemiso yokubhula,isetshenziswa kakhulu ngoThwasa kanye neZangoma ePhehlweni.Le Nduku nina beSilo ibuye ibe yintelezi.Iyangena entelezini echela igceke,ukuxosha imimoya emibi.Iyangena iNkalimasane nakwezokubethela.Iyangena nakwezokukhipha isilwane. Iyangena iNkalimasane kwezokulwa,kanye naseMabutweni athunywa ukuyolwa. Iyayangena kwezokicupha umthakathi.Iyangena iNkalimasane kwezokuvundulula izinto ezifihlakele, izinto ezigxunyekwa ngabathakathi emizini yabantu ebusuku uma kulelwe.Iyangena le Nduku kwezokuphindisa.
Khumu!
Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi.
