Incazelo ngoMgonandoda
Nina abakaMenzi kabongwa ngaBalandakazi ubebongwa ziNjenje zaseMqekwini.USingqila nganhloko kuzonde intamo nyawumbe kuyozonda isibili.Inkosi uSenzangakhona leyo.Enhla nasezansi ngiyababingelela abeZulu eliphezulu.Ngethemba basaphila abeSilo.Sisaphila thina kwaSokhumalo.Nina beSilo le Nduku eniyibonayo yiNduku cishe esayaziyo sonke ebizwa ngokuthi uMgobandoda,ibuye ibuye ngoMnama, noma ngoGudluthukela,yinhle kabi ekulungiseni indoda ithambe ibe uwuTamatisi.NgiesiXhosa ibizwa ngeTshungu.Le Nduku inameva ayisicefe kakhulu uma esomile,ngoba anamathela ezimpahleni njengameva kaQadolo noma iNzala.Lameva aba yisicefe kakhulu emasimini,uma kuvunwa.
Yenzani le Nduku?
Nina beSilo ameva omile ale Nduku aye ashiswe kwenziwe insizi emnyama eyonanyekwa emanxebeni noma ezilondeni.Le nsisi yinhle kakhulu ezilondeni,ivele isomise isilonda some nkwe.Ameva ale Nduku ayangena ezinsizini ezigcatshelwa ukucupha isilwane iMvukuzane uma ifakwe kumuntu.Amacembe kanye nameva ale Nduku asemanzi aye agxotshwe bese kuthelwa amanzi afudumele kwenziwe iSiphungo esiyoshisa izilonda ngaphakathi esiswini.Lesi Siphungo sihle nasekuhlanzeni iSibeletho sowesifazane uma singcolile.Amacembe kanye nameva ale Nduku ayangena eMbizeni yokwelapha uMhlume.Ameva ale Nduku ayangena kwiSibambelo sokubamba indoda ukuze ingajoli futhi ingabi naluluka.Aye aqhathwe neziNduku ezifana neNcamashela,iMbune,amafutha eMbulu kanye nezinye iziNduku,kwenziwe iNduku yokubamba indoda.
Khumu.
Niphile nina beZulu eliphezulu. Thola olunye ulwazi kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV”.
