Incazelo ngeSibhaha(uMazwahlabayo\uMagwazayikhuphule\Warburgia salutaris)
Nina beNdiha lebabayo enjengeSibhaha sona simababa kumaHashanga.USingquma khuluma bakuzw’umoya,abasezitheni nabasemakhaya.USingquma kakhulumi kanamlomo,akanjengoDlondlwane lwakithi kwaBulawayo,lona olwaluqed’umuzi ngokunkenkeza! Inkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe!Ngiyayibingelela iNgabade enhla nasezansi,ngethemba isaphila. Nanso-ke iSibhaha nina beSilo,uJenene wemithi,iNduna uqobo.Lona wumuthi ongena kuzo zonke iziNduku ezilwayo.Ulwa kakhulu lo muthi nina beSilo ingakho ubuye ubizwe ngoMagwazayikhuphule.Kanti uyabiza futhi uma uwustoka.Yiwona muthi obiza kunayo yonke imithi laphana eMona, isaka eliwu50kg liwuR1000.Kusebenza ixolo nempande kulomuthi.Uma uwuluma,uwuququda uyababa lokhu ukuhishayo . Kuyileso sizathu iSilo uDingane sibongwa ngokuthi siyi ‘Ndiha lebabayo enjengeSibhaha sona simababa kumaHashanga’.AmaHashanga kushiwo amaQadase,amaBhunu,ikakhulukazi akaNgalonkulu {uAndries Pretorious}.ISibhaha sibizwa ngokuthi iWarburgia Salutaris ngesiLungu,kuthiwa iShibaha ngesiTsonga,kanti ngesiVenda kuthiwa iManaka.
Okwenziwa iSibhaha
ISibhaha singena kuyo yonke imithi elwayo esingabala kuyo imithi exosha imimoya,eyokuphindisa,eyokucupha ithuna,eyokukhipha izizwe ,exosha isilwane,kweyamabhande okulwa,ezintelezini zokuchela izinduku zoMgangela,ezintelezini zokuchela ekhaya,ezinsizini,emabuthweni athunywa ukuyolanda,emabuthweni athunywa ukuyolwa,kwezokubuyisa isithandwa,{ngokusiphephetha}, kwezokucupha,kwezokubethela,emikhuhlaneni njalo njalo.Iningi lethu iSibhaha sisazi siwumuthi wayo yonke inhlobo yemikhuhlane.Mina iSibhaha ngisithanda kakhulu ekuphalazeni,singena njengomuthi uzokulwa.Silwa nayo yonke imigilingwane yabakhunkuli.Ungasithaka eNdukwini ebomvu,ungasithaka futhi nakwemhlophe.Asifakwa kakhulu kodwa,ngoba phela siyosuke sibabise yonke iNduku ingabe isaphuzeka,kuthiwa chatha intwana encane.Ngisho noma kungathiwa bakushaya ngesichitho abasilanda emazweni kodwa ngeSibhaha leso sichitho siyoduduleka siyophonseka eweni.ISibhaha sibuye sibe wumuthi omuhle wemikhuhlane,yonke inhlobo yemikhuhlane.Kungaba ngezwelisa amakhaza,ehamba nobuhlungu besifuba njalo njalo.Kuye kubiliswe ixolo noma impande,bese kuphuzwa isiphungo saso sisafudumele.Sixegisa izikhwehlela esifubeni,sizenze ziphume kalula.Sicima nezilonda ezibangwa imikhuhlane.ISibhaha siyawelapha umkhuhlane ngisho ngokuququda nje impande noma ixolo laso,ugwinye umhluzi.
Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole ulwazi oluthe thuthu ngempande
Khumu.
Niphile nina bakaMukhwamude owangisika isilevu , uSungulo olude lwangithunga impumulo.

siyabonga wena Mzilikazi ka Mashobane ngokusincelisa ngolwazi. Makwande isandla sidlula ikhanda