Incazelo ngeNkakha(Pangolin,iHalakavuma)

INkakha.

Incazelo ngeNkakha(Pangolin,iHalakavuma)

Nina bakaVezi ngimfumane bemzila,ngafike ngamudla,kanti ngizifaka iloyi esiswini.Uqambi lankomo ukuba zilahlekile ziyokufa uMdlebe kwaSoshangane,uSingquma khulum abakuz’umoya abasezitheni nabasemakhaya.Enhla nasezansi ngiyayibingelela iziNgabade,ngethemba nisaphila nina beSilo.

INkakha(Pangolin\iHalakavuma)

Nanso-ke iNkakha.Lesi silwane sinegobolondo eliqinise okweloFudu.Sitholakala emazweni amaningi,sande kakhulu eAfrika eseMazansi.Lapha ekhaya eNingizimu Afrika sitholakala kakhulu esifindazweni saseMpumalanga,nakoLimpompo. Sibuye sitholakale naseSwazini,eMalawi,eZambia,eZimbabwe,eUganda kanye namanye amazwe eseAfrika.Abanye abantu baseAfrika ikakhulukazi eMalawi bayasidla.Bathi inyama yaso yehla esiphundu,yedlula eyenkukhu. Kepha sidliwa kakhulu eChina.Nabo bathi simnandi kabi.Sizinhlobonhlobo lesi silwane.Uhlobo lwaseChina lubizwa ngokuthi yiPentadactyla Pangolin,kuseyiyona nokho iNkakha.Yisona lesi silwane oSosayensi baseChina bathola ukuthi yisona esasabalalisa ukhuvethe,phecelezi icorona.Ukhuvethe lwaqala khona eChina,edolobheni laseWuhan ngoZibandlela 2019.INkakha ishushumbiswa kakhulu emazweni afana nelaseChina,Malaysia,Vietnam kanye nabanye.Bayayidla,kanti futhi amafutha ayo bakha ngawo induku yenhlanhla.Nalana eAfrika abantu abasundu lesi silwane basebenzisa abafutha aso ukwakha induku yenhlanhla ikakhulukazi kwezamabhizinisi.Bawathaka neminye imithi.Akusona iSadawana lesi bakwethu, futhi asikho isilwane esibizwa ngeSadawana ingakho ungeke uze uhlangane nesithombe seSadawana,noma igama laso lesiLungu,noma iBotanical name,izinyanga nje ezisuke zidlala ngabantu.Ixolo leNkakha liyangena emithini yokugomela inhlamvu yezibhamu.Lithakwa neminye imithi.INkakha iyakwazi nokugibela esihlahleni,kuthiwa iyisilwane esinamahloni kabi,iyaziwisa lapho ibona umuntu ,bese iyazisonga.Idla kakhulu umuhlwa,izintuthwa,nezinye nje izinambuzane.Bathi iyakwazi ukuhlala unyaka ingakaze iwalokothe amanzi. Engingakusho ngeNkakha wukuthi yebo iyadonsa kodwa isebenza kakhulu kwezokugobela iSibhamu.Igazi le Nkakha lishubile futhi linuka kabi.

Khumu.

*Thola ulwazi ngamakhambi kuYou Yube wami osihloko sithi Kholo Khumalo TV

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo