Incazelo ngeShaladilezinyoka(iSweli\ISivimbampunzi\ITswele lo mlambo\Tulbaghia acutiloba)
Nina abeMbube eshoba liyisilikithi uHlamvana bhul’umlilo eNdulinde ububaswe uMantshonga benoGqelebane.UZulu ladum’obala lapho kungeMunga kungeMtholo.UThambeka wena owaliwayo,thambekeka wewuswe iNtamanana nangezinyembezi.Enhla nasezansi ngiyababingelela abeSilo sakithi oNdini,ngethemba isaphila yonke iNgabade.Cha,thina sisaphila kwaSokhumalo.Nina beSilo lo muthi eniwubona esithombeni yiNtelezi ebizwa ngokuthi yiShaladilezinyoka ngesiZulu noma ngeSivimbampunzi.Le ntelezi ibuye ibizwe ngeSweli ngesiZulu.NgesiXhosa kuthiwa iTswele lo mlambo,kubuye kuthiwe iSihihi ngesiXhosa.Uma ugxoba amakhasi ale ntelezi akhipha elibi iphunga,lelo phunga lizondwa izinyoka.Le ntelezi uma itshalwe yakaka umuzi ngeke ingene inyoka kulowo muzi,ngoba izinyoka azizwani ne phunga layo.NgesiNdebele saseMpumalanga le ntelezi ibizwa ngokuthi iyiTswele lo mlambo . iTswele igama elisho uAnyanisi.Amakhasi ayo abise okukaAnyanisi,kanti nawo uAnyanisi uzondwa izinyoka njengayo le ntelezi.Umehluko nje wukuthi uAnyanisi awuyona intelezi , awuyixoshi imimoya emibi njengeShaladilezinyoka,phela libuye lixhose nemimoya yabathakathi.UAnyanisi uma ungawugxoba,bese uchela ngawo ikhaya elixakwe izinyoka,ngeke zize zingene,ziyothi ukuhlala isikhathi eside impela zingangeni kulelo khaya ngenxa yephunga lika Anyanisi.
Amanye amagama iShaladilezinyoka elibizwa ngawo:
Le ntelezi iShaladilezinyoka ibuye ibizwe ngeTulbaghia acutiloba ngeBotanical name,ulimi loSosayensi.Ngolimi lwesiTswana kuthiwa uMotsuntsunyane engicabanga ukuthi kusho ‘umzuzwana’.Kanti ngesiSuthu saseNingizimu kuthiwa iSefothafotha.NgesiBhunu kuthiwa yiWildeknoffel.
Lenzani iShaladilezinyoka
Le ntelezi iShaladilezinyoka ingenye yezintelezi ezikwaziyo ukusebenza zizodwa vo,zingaqhathiwe.Amakhasi agxotshiwe ale ntelezi aye afakwe emanzini kuchelwe ngawo ikhaya noma ibala,kuxoshwe imimoya emibi nezilwane zabathakathi ezikhathaza ebusuku kulelwe.Iba mandla kakhulu uma usuyithake neminye imithi efana noMathithibala, uMayibuye,uGebeleweni,iSibhaha kanye neminye.Kanti futhi iyatshalwa izungeze umuzi,itshalelwe ukuvimbela izinyoka kanye nayo yonke imimoya emibi ukuba ingangeni ekhaya. Isihlahla sonke sale nduku siye sibilise sibe yisiphungo esiphungelwa ukwelapha izilonda emaphashini nangaphakathi esiswini,siyakwazi ukucwenga amanzi emaphashini,senze umuntu obengasaphefumuli kahle aphinde akwazi ukuphefumule kahle. Selapha izifo ezithinta amaphaphu kanye nezibindi.Iphunga elibi lentelezi liyehla uma isibilisiwe.Izimpande eziyisixha esinezimpande eziningi ziye ziphalazele ubusoka , zingena emithini emhlophe efana noNhlanhlemhlophe,uVelabahleke,uVumakubangoma omhlophe kanye neminye.LeNduku iyangena emithini yokukhipha isilwane nezichitho,yinhle kakhulu kuleyo ndawo,kuye kusebenze amakhasi nezimpande.Kanti amakhasi nezimpande kuyangena emithini yezinsizwa egqumela negezela ukuthandeka.Ithandeka kakhulu insizwa esebenzise le Nduku,ekugezeni,ekuphalazeni kanye nasekugqumeni.Le ntelezi iyakwazi ukugquma iphinde igeze iyodwa vo.Ake ngime lapho nina bakaLanga lisehlule madoda sesingamavikithi.
Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV “ uthole olunye ulwazi ngamakhambi.

It is also called ” Itswele lomlambo” in IsiXhosa