Hlongwa

UOlwethu Hlongwa,uSonkondlo

Umlando ngesibongo sakwaHlongwa

Isibongo sakwaHlongwa sengesinye sezibongo ezinkulu kwelikaMthaniya.Kulesi sibongo kuphuma ezinye izibongo ezifana nesibongo sakwaKhawula,esakwaJeza,esakwaKhuluse , esakwaShozi , esakwaMaluleka  esakwaLange nezinye izibongo.Abantu bakwaHlongwa emandulo  babakhe eMzumbe,abanye bakhe eMzimkhulu.Abantu bakwaHlongwa bangaMalala Nguni ngokwezigaba zabeNguni.Abantu bakwaHlongwa bagqama kakhulu emva kwempi yaseNcome okuyimpi eyayiphakathi kukaZulu [ngaphansi kweSilo saseMgungundlovu] namaQadasi. Emva kwempi yaseNcome umngisi  uHenry Francis Fynn owabe kade eyingxenye yamaBhunu wabuyela emuva  eMzimkhulu.AmaHlongwa akubona ukuthi kuyingozi ukuzihlanganisa nalomuntu weNgwadi,anquma ukuzihlukanisa naye.Kwathi sekubusa iSilo sakwaNodwengu[ISilo uMpande] kwaZulu ,lawo maHlongwa abuyela kwabakubo eMzumbe eseholwa nguJoli indodana kaMjulela.UJoli kaMjulela wayekhona empini eyaziwa ngokuthi yimpi eyaseManqongqo  eyabe iphakathi kweSilo uMpande neSilo uDingane.Yena wayengasohlangothini lweSilo uMpande.Kwathi emveni kwaleyo mpi uJoli wabuyela kwabakubo wathola uyise esekhotheme kwaphoqa ukuba athathe ubukhosi.AmaHlongwa asendlunkulu wona ehlela emfuleni iMaHlongwa,eNingizimu yaseBhodwe.Wona ayeholwa nguZwebu kaMlanjana.Babengaphansi kwabelungu ngaleso sikhathi ngoba iBhodwe yabe isibuswa ngabeNgwadi [abelungu].Inkosi uZwede walandelwa yinkosana yakhe uMjulela  yena walendela nguJoli . AMaHlongwa ayeseMzimkhuku wona abuswa nguSifana kaLanga owayebuye aziwe ngelika Zukela

Amakhosi akwaHlongwa

-Indlu kaMlanjana

-uMlanjana wazala uZwebu

-uZwebu wazala uLanga

-uLanga wazala uZukela [uSifana] , uMjulela , uShozi noNgavu

-uNzukela wazala uMjulela noGabhisa

-uMjulela wazala uJoli noMpunzi

-uJoli wazala uMthamo

-uMthamo wazala uNgqungqushe

-uNgqungqushe wazala uNdlomothi

-uNdlomothi wazala uZiphamandla

-uMpunzi yena wazala uNomagqeba

AmaHlongwa akwaKhawula

-Gabhisa wazala uHlola

-uHlola wazala uSotubu

-uSotubu wazala uNkumbi

-uNkumbi wazala uMchithwa

-uMchithwa wazala uDingezweni

-uDingezweni wazala uCalalabakubo ozala inkosi uBhekamahlongwa ,uMtomuhle u,Nhlanhla ,nabanye

Indlu yaseMalangeni kaMjulela kaZukela

-Bona-ke babuye baziwe ngokuthi abakwaLange. Bona bazalwa nguMjulela  kaNzukela wasendlini encane  yakwaHlongwa . Babakhe laphaya phakathi kwaseMvoti  nakwaHlimbithwa . Inkosi yabo kwabe kunguNdaba eyakhothama behlaselwa uGasane lukaNdaba [inkosi uShaka ] . Isizwe sakhe sabe sesibalekela ngaseNingizimu yezwe . Ngaleyo nkathi babeholwa nguBabe indodana kaNdaba . Babaleka baze bayokwakha ngakoMziwezitho [eMzinto] . UBabe yena wabe esezala uMangcengeza kodwa hhayi owakwaMbatha.

Indlu yakwaMaluleka : EkaZwebu kaMlanjana 

Bona-ke abakwaMaluleka baphuma endlini enkulu yakwaHlongwa nokwabe kuyindlu kaZwebu . Sibathola ekuqaleni laphaya eMvoti nokulapho babeholwa khona nguKhondlo . Naye uKhondlo wakhathama njengoNdaba emva kokuhlaselwa yiLembe . .Babaleka baze bayokwakha eMzimkhulu . Nakhona abahlalanga ngoba babuye bedlulela laphaya ngasemfuleni iFaye . Lapho basebeholwa nguSisinde indodana kaKholo .USisinde lona wabuye wadingiswa abaengwadi laphaya ezweni lakhe

AbakwaKhuluse : Indlu kaMpunzi noMjulela 

Baphuma esendeni lika Mjulela wasendlini encane yakhona kwaHlongwa . Bona-ke sibathola bebuswa nguNomagqeba kaMpunzi ka Joli kaMjulela

AbakwaJeza : Indlu yaseKunene 

Laba bantu babuye baziwe ngokuthi abakwaNkabinde kodwa hhayi oNkabinde baseMacuseni. Bona sibathola bakhe  laphaya empumalanga nakwaHlimbithwa kuze kuyoshaya kwaMaphumulo . Bona baphuma ozalweni lukaZwebu wakwaHlongwa . Nabo-ke baba neshwa futhi lokuhlaselwa uGasane lukaNdaba ,inkosi uShaka kaSenzakhona .

Ngaleyo nkathi yokuhlaselwa kwabo babaleka bayongena ehlathini beholwa nguNyamuza kaSidwaba ,yena okwathi lapho behlaselwa wavele watha isihlenga sakhe  wayongena ehamba nendodana yakhe okwabe kunguLuhlaba .

 

Babaleka ngesihlenga leso balibhekisa  eNingizimu nezwe . Kwathi abasala lapho  bona bagcina sebefudukele eMsunduze maphakathi nomfula uMlazi nako Edendale . USidwaba wazala uNyamuza owazala uLuhlaba  noMacweba. UMacweba wazala uNgolela .

AbakwaShozi : Indlu kaShozi

Bona -ke baphuma kuShozi kaLanga kaZwebu kaMlanjana wakhona kwaHlongwa . behlukana kabili , abanye bazithakazela ngoMthiya kaNdawombi ,abadla imofi bethi badla inyamazane . Besekuba ngabazithakazela ngoGidela .Hlongwa . Umuntu esiqala ukzwa ngaye nguShenge kaNdaba kodwa hhayi owakwaButhelezi . UShenge lona wakha ihlalankosi lakhe wathi kuseMangangeni . Lo Ndaba obuye wazala uKhondlo  abaphuma esendeni likaZwebu . UShenge lona wazala amadodana amabili okunguShozi 11 noMdunge. Kungathi njengoba babezinze  koMahlabathini basuka khona balibangisa ngakoMaphumulo , bebalekela izimpi . Bathe sebefikile khona kwaMaphumulo izwe labo bathi kuseMangangeni , babelokhu bengalishiyi igama lehlalankosi yabo . Bafike kwaMaphumulo sebeholwa  ngamadodana kaMagalela kaMdingi kaMajolo . Lawo madodana kaMagalela kwakungoManzini [inkosana[] nomnawakhe uNdengezi . . Leliya zwe balifica linngenamuntu kodwa ekhona umnumzane  uMatingwana wakwaHlophe  .Inkosi uManzini yaganwa yindodakazi yakhe uMatingwane . Ngaleyo ndlela abantu bakwaHlongwa bazithjolela nonkosikazi kubantu bakwaHlophe. Namanje leliya zwe laseMangangeni kwaMaphumalo lingaphonsi lingaphansi kombuso wakwaShozi nakuba inkosi yesizwe skhona nengxenye yabantu bakhona babuye basuka khona bailibhekisa eNingizimu nezwe . Bahamaba baze bayokwakha laphaya eBhiyafu ngaseThekwini . Babuye basuka bayozitholela izwe laphaya ngasePhayindane(Pinetown).Leya ndawo bathola kukhona uMnu: Linda owabe eyibonda futhi ehlonishwa kuyona . Namanje bukhona ubukhosi bakwaShozi kuleyo ndawo bese kuthi ingxenye yaseMangangeni kwaMaphumulo yona  ibe ngaphansi kwenduna ebabhekele leliya zwe .

Amakhosi akwaShozi :

-uNdaba uzale uShenge

-uShenge wazala Somangele

-uSomangele uzale uZwide hhayi owakwaNdwandwe

-uZwide uzale uMagojolo

-uMagojolo uzale uMdingi

-uMdingi uzale uSogodi noMagalela

-uMagalela uzale uManzini noNdengezi [ilokishi elethwe ngaye]

-uManzini uzale uLokothwayo

-uManzini uzale uManzolwandle [uTimothy]

-uManzolwandle uzale uNkosenye [uThomas]

-uNkosenye uzale uBhekamanganga[Emmanuel] obusayo

Zonke lezi zindlu ekade zishiwo kugcine izibongo kuzona . Isibonelo , Mlangeni [Lange]  Maluleka , Khuluse , Nkabinde [Jeza] Shozi nezinye

Izithakazelo zakwaHlongwa

Khuluse,
Gence, Shozi,
Gabhisa, Mtumasela,
Langa, Mbasha,
Wena owehla ngomzungulu wasala wabola,
Khawula!

Izithakazelo zakwaKhuluse

Hlongwa,
Gabhise,
Mtumaseni, Khawula,
Mdindela !
Nina enehla ngomzungulu wasala wabola

Ibinda

 

 

 

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo