Incazelo ngeMboziso(Fennel plant)

Fennel plant

Incazelo ngeMboziso(Fennel plant)

Lo mbhemu osesithombeni kuthiwa iMboziso ngesiZulu.Intelezi enkulu lena.Ingena ezintelezini zokuchela ekhaya,ezokugeza ,kanye nezinye.Le ntelezi inamakha amnandi,anuka kahle uma uyihogela.Njengoba ibizwa ngeMboziso nje umsebenzi wayo omkhulu wukubolisa  Ibolisa namadliso ngaphakathi esiswini.Isithombo sayo sisonke siyabiliswa,sibe isiphungo noma imbiza ephuzelwa ukubulala amadliso nezilo,liyafa idliso libole phihli ngale ntelezi.Uphuza nje ingilazi eyodwa ngosuku,kathathu ngeviki.Emuva kwalokho bese uyaphalaza ngayefuthi yena lo mbhemu.Ungamuqhatha noSehlulamanye,uNtonganazibomvana kanye noMbola.Umuntu uphila qingqo edlisweni.Isiphungo seMboziso sihle nasekuqiniseni amasosha omzimba.Ngaphandle kokubulala idliso le ntelezi ibuye iphuziswe izinkomo namankonyane,ukubulala izilo esiswini.Inhle kakhulu nasekubaleleni ushevu.Uma uyiphuzisa umuntu osanda kudla ukudla okunoshevu uphila qingqo angab esaya naseSibhedlela.OKhokho bethu kuthiwa babeyomisa le ntelezi,ithi lapho seyomile bayigaye ibe impushana abayoyithatha bayifake eshungwini(edlelweni/eshongwaneni/ethongwaneni).Babeyigaxa entanyeni,bayiphathe ngaso sonke isikhathi, ikakhulukazi uma beyozidlela iNkezo.Babeyiphathela ukuthi uma kwenzeka kube khona ofakelwa ushevu baphuthume bathathe leyo mpushana yeMboziso bayifake emanzini,kuphuziswe lona osuke edle ushevu.Kuthiwa wayephila qingqo.Le mpushana yale ntelezi iyakwazi ukubulala amandla oshevu ekudleni okungakadliwa.Kubalulekile ukuthi uyiphathe uma uya emcimbini, ukuze kuthi ngenkathi unikwa isitsha sokudla uyivuvuzele kulokho kudla ngaphambi kokuba ukudle.Uma kukhona ushevu kulokho kudla ,ufa wonke lowo shevu.IShungu uphonjwana/isitshana esiphatha ugwayi, esigaxwa entanyeni.IMboziso ibuye idliwe njengemfino,inoVithamini A,Vithamani B kanye noVithamini C.Imfino yeMboziso yinhle kakhulu kubantu abaphila nezifo ezingaMahlakhona.Kwamanye amazwe iMboziso iye yonyise bese kukhandwa iTiye eliwusizo kakhulu kubantu abaphila nezifo ezingaMahlalakhona.IMboziso yinhle nasekuqiniseni amasosha omzimba.

Ake ngime lapho nina beMbube!

*Ngena kule nqolobane indabukoyakho.com ufunde ngomlando wezibongo zaboHlango

Thola ulwazi ngamakhambi kuYou Tube wethu osihloko sithi Kholo Khumalo TV

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo