Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

Ama-categories

Imithi yesintu (Izincazelo nezithombe)

Khonjwayo

AbakwaKhonjwayo Abantu bakwaKhonjwayo bangaMampondo ngokwendabuko, nabo baphuma kuSibiside waseMbo. USibiside wazala uNjanya owazala amawele oMpondo noMpondomise. UMpondo wazala isizwe saMampondo, kwathi uMpondomise yena wazala aMampondomise. KuMampondo kwabuye kwaphuma ezinye futhi izizwe ezifana besizwe saMabomvana kaGambushe kaTshezi, aMaBomvu akwaNgubane, amaNtlane kaMkhondane, kuMaNtlane kwabuye kwaphuma aMaGcuda naMavalela. , ezinye izizwe ezingaMampondo ngaMaTshomane, aMaCabe, amaDwera, amaQhiya ,amaNjilo, amaNqanda, zonke lezi zizwe ziphuma ku Cabe kaNcindisa kaNsiza umzukulu kaSibisis... qhubeka ufunde »

Ndamase

AbakwaNdamase. Abantu bakwaNdamase bangaMampondo,isibongo sabo saqambeka ngoNdamase owayezalwa yiNkosi yaMampondo iNkosi uFaku(UFaku ofakayo ungathi uyifakile kanti uyikade eboyeni) .INkosi uFaku yayizalwa inkosi uNgqungqushe kaNyawuza, wabe engumzukulu wenkosi uSibiside yaseMbo. UNdamase wayezalwa ... qhubeka ufunde »

Mabunda/Maswangayi

AbakwaMabunda.  Isibongo sakwaMabunda savela ngoMabunda wakwaMazibuko owayeluqhamukise ngaseSt Lucia Bay lapho isizwe sakwaMazibuko sasizinze khona ngaleso sikhathi. Abantu bakwaMazibuko baphuma kuMangweni ingakho bebuye baziwe ngokuthi bangabantu baseMangweni noma bangaMangwe. Bakanye nabakwaZ... qhubeka ufunde »

Mokebe

AbakwaMokebe Abantu bakwaMokebe bangabeSuthu abaziwa ngokuthi ngaBafokeng baka Mmutla( Bafokeng baMmutla). Isibongo sakwaMokebe saqambeka ngoMokebe wayephila eminyakeni yama 1600 ngesikhathi samakhosi oMageba waseMakheni kanye noPhunga waseBulawini.  AbaFokeng bahlukaniswe izigatshana eziningan... qhubeka ufunde »

Gwala

AbakwaGwala Abantu bakwaGwala baqhamuka enhla nezwe njengabo bonke abeNguni. Babeyingxenye yesizwe sakwaDlalmini ngesikhathi kufikwa eHlathini likaDlamini ePhakwe kuqhanyukwa ngaseSwazini kade kufdukwe uZulu wonke esuka eNkabazwe yeZwekazi iAfri lapho sekuyiSudan khona. Kwathi -ke sekwehlukaniselwan... qhubeka ufunde »

Makhoba

AbakwaMakhoba Abantu bakwaMakhoba kusengabantu ababodwa nabakwaZungu. Ngokwezigaba zabeNguni abantu bakwaMakhoba bangaMantungwa Nguni njengabakwaZungu.  Uma kulandiswa ngomlando wabantu bakwaZungu awalibaleki amagama kaNozinja, Nozidiya kanye nelikaNgqumbazi Bonke laba bantu engibabalile babe n... qhubeka ufunde »

Moselekatse

AbakwaMoselekatse   Abantu bakwaMoselekatse/Moselekatsi bangaMantungwa kaMbulazi ize bekhuluma isiTswana, bengasazi isiZulu. . Lesi sibongo sakwaMoselekatse siphuma esibongeni sakwaKhumalo,,sathathelwa egameni lenkosi uMzilikazi. Phela abeTswana bathi Moselekatse waMacobane, abasho ukuthi Mzili... qhubeka ufunde »

Nxele/Msweli

Indabuko yesibongo sakwaNxele ,Seme, Msweli. Kulooba INtungwa lasenhla kwaSokhumalo: Ziningi izinkulumo ngokudabuka kwesibongo sakwaNxele, noma ubani ukhuluma okuvuna yena nokuhambisana naye. Lana ngizosebenzisa umlando obhalwe phansi othi abantu bakwaNxele badabuka kwaMthethwa, nofakazelwa zigameko... qhubeka ufunde »

Mabhena

AbakwaMabhena: Mnguni kaNtu  Ndebele  Mkhalangana Mntungwa (hhayi owakwaSokhumalo) Jonono Nanasi  Mafana Mhlanga Mmusi  Manala  Nsele Magutshana Ncagu  Mbuyambe  Mabhena Mdibane Phofu  Abantu bakwaMabhena bawuzalo lukaMnguni kaNtu wasenhla nezwe. Ngakho-ke nab... qhubeka ufunde »

Ndiweni

AbakwaNdiweni Abantu bakwaNdiweni kusengabantu bakwaZwane. Isibongo sakwaNdiweni savela ngoNdiweni indodana yenkosi uZwane yaseMangweni.  Abantu bakwaNdiweni bahlobene nabantu bakwaCebekhulu, Hudla, Mafu, nabanye. Eqinisweni isibongo sakwaNdiweni asikho kwelikaMthaniya. Lesi sibongo sitholakala... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!