Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

Ama-categories

Imithi yesintu (Izincazelo nezithombe)

Umlando ngeNkosi uSekhukhune yaBaPedi

Inkosi uSekhukhune yayibusa abeSuthu bohlobo lwabaPedi esibathola namuhla bezinze lapho sekuyosifundazwe saseLimpompo khona. Zinhlanu izinhlanga noma ngithi izizwe esizithola kulesi sifundazwe namuhla. Kukhona abaPedi , abaVenda, amaShangane, abaLobedu(abakaKhwini Mujaji laba,nansiya isizwe eTzaneen) kanye nengenyana yamaNdebele eyaziwa ngokuthi eyaseMgombane(Mokopane Mountain) . Lensizwa yabaPedi ubukhosi yayibuthathe kuyise uSikwata kaThularw . Inkosi uThulare nayo yaduma kakhulu ngezikhathi zayo,inhlonishwa izizwe ezazakhelene nayo. Yona-ke inkosi uThulare yakhothama ngowe 1825 ibulawa yimp... qhubeka ufunde »

Umlando ngoMhadu Msweli Nxele 

    Umlando ngoMhadu ka Mandeku ka Myambo kaZaza kaMsweli -Kuloba u-Mfanafuthi Nxele UMhadu Msweli Nxele wayengomunye wosomaqhinga bempi yaseSandlwana ( 1879 Anglo-Zulu war).ISilo uCetshwayo sesibona ukuthi amangisi afuna uketula umbuso kaZulu, ngonyaka we (1878) saqhamuka necebo lokuqiniso impi yaso ngokuthi sihlele ukuthi kuthengwe izibhamu kuMapukezi. Elinye icebo leSilo ukuthi siyocela usizo kubantu baso ababakhe esilungwini (Natal) ukuthi basilekelele mhla kuyiwa empini. Saphinda sacela abantu abazinjoli esibhanyini. Leso sicelo sabhekiswa kuMhadu eNatal. UMhadu ube esecela izinjoli ezinkulu, uBheje Bhengu, Solinye, Sogweba, Somahashi, Mahlathini nezinye. Uzokhumbula ukuthi uMhadu wahamba kuqala ukuya kwaZulu (Zululand) ngenyanga uMandulo (1878) , UBheje uhambe kamuva ngo Ncwaba (1878) . UBheje ulandwa nje uyokwenza umsebenzi wokuba yinkabi yeSilo uCetshwayo, ethenjiswe ukuholelwa izinkomo ezingaphezu kwamashumi amabili. Ubufakazi: Even before the war, King Cetshwayo let it be known that he would HEARTLY welcome any potential allies from Natal who might want to enter Zululand and join him. Very few

Umlando ngeNkosi uSekonyela Molefe 

INkosi uSekonyela Molefe  yabe iyiNkosi yabaSuthu abawuhlobo lwabaTlokwa.  AbaTlokwa baphuma kubaKgatla , abaKgatla bona bephuma kubaHurutse . Inkosi uSekonyela yazalwa ngowe 1804 izalelwa lapho osekuyiNtabazwe khona (Harismith) . Uyise weNkosi kwakuyiNkosi uMokotjo , unina weNkosi uSekonyela kwakunguMaNthantisi wayeqhamuke kubeSuthu abawuhlobo lwaBasia. Phela abaSuthu bahlukaniswe izigatshana eziningi.  Igama langempela  le Ndlovukazi uMaNtshantisi kwakunguMonyalue . Le Ndlovukazi kwathi ngemuva kokuthola kwayo ingane yokuqala ogama layo kwakunguNthantisi yashintshwa igama yabizwa ngelika MaNthantisi nokuyigama elagcina selichume kakhulu . Empeleni ukuthi MaNthantisi kuchaza ukuthi Mama ka MaNthantisi ngesiZulu. ONthantisi wayeyintombazana, nguyena owelanywa nguSekonyela owaba yiNkosana yoMndeni. UYise kaSekonyela inkosi uMokotjo yakhothama ngowe 1813  uSekonyela esemncane kakhulu  kwaphoqa ukuba abanjelwe ngu Nina uMaNthantisi . Akucaci kahle ukuthi inkosi uMokotjo yakhothama kanjani , kukhona umlando othi yabulwa ngaBafokeng bakaSebendwane  . Kodwa abanye bathi qha , iNkosi uMokotjo yadungezela . UMaNthantisi kuthiwa wayenguSibidi gidi weqhawekazi . Kuthiwa wayephuma nempi yakhe uma iyohlasela . Ayihole aphinde ayididiyele. Kwakwahamba kwahamba

Umlando ngeSilo uDinuzulu 

INgonyama uDinuzulu yabusa ngemuva kokukhothama kukayise iSilo uCetshwayo kaMpande. INgonyama uDunuzulu yabusa isencane kakhulu ngokweminyaka ngoba yabusa ineminyaka eyishumi nesithupha(16) ,yayizalwe ngowe 1868 ,kanti yaqala ukubusa ngowe 1884 mhla zingama 20 kuNhlaba kwaze kwaba wumhla zingama 18 kuMfumfu 1913 . Unina weSilo uDinuzulu kwakuyiNdlovukazi uNomvimbi indodakazi kaMsweli Mzimela . UMsweli Mzimela wayelwe ngasohlangothini lweZigqoza empini yaseNdondakusuka.Impi yaseNdondakusuka yayiphakathi kwaBantwana oCetshwayo noMbuyazwe bakaMpande kaSenzangakhona. Abalandeli bakaMntwana uCetshwayo babebizwa ngokuthi bawuSuthu ,kanti abakaMntwana uMpuyazwe kwakuyiZigqoza . USuthu olwadla umhlanganiso kuleyo mpi .Le mpi yaseNdondakusuka yalwa iSilo sakwaNodwengu iSilo uMpande sisawadla anhlamvana. Ngokomthetho wasebuNguni uMntwana ozalwe uyise engakabi yinkosi akakwazi ukubusa isizwe uma uyise esekhotheme ngisho noma kungathiwa lowo uyindodana endala kuwo wonke amadodana enkosi kodwa uma ezalwe uyise engakabi yinkosi naye akakwazi ukuba yinkosi . UMntwana  uDinuzulu naye wazalwa uyise uCetshwayo engakabi yinkosi .Kodwa ngesizathu sokuthi uMntwana uDinuzulu wayezalwe waba nguye yedwa ingane yomfana  kwaphoqeleka ukuba abekwe  njeNgonyama kwazise uMntwana uManzolwandle wazalwa

Umlando ngempi yaseSandlwana (22 ku -Masingana 1879)/The Battle of Sandlwana (22 January 1879) 

Umlando ngempi yaseSandlwana (22 ku -Masingana 1879)/The Battle of Sandlwana (22 January 1879) #Kuloba uKholo Khumalo iNxazonke Impi yaseSandlwana yalwa mhla zingama 22 ku Masingana 1879 . Lempi yayiphakathi kukaZulu namaNgisi, uZulu ngaleso sikhathi wayebuswa iSilo u-Cetshwayo kaMpande . Kulempi uZulu wadla umhlanganiso . Impi yamaNgisi yayiningi ngesibalo ukudlula eyakwaZulu. Imbangela yokwanda kwempi yamaNgisi kwaba ukuthi yayimbandakanya namambuka ayehlubuke uZulu ayozimbandakanya namaNgisi. Enye imbangela kwaba ukuba khona kwesizwe saBatlokwa benkosi u-Hlubi kaMotha ukuzokwelekelela amaNgisi . Kanti nabo abamhlopje bebodwa babevele bebaningi ngoba kwakuqhamuke abamhlophe ababesuka koCanada , Austria , New Zealiland , Australia, America ,AmaNdiya nabanye. Inkosi u-Hlubi yanikela ngamabutho angama 800. Lawo mabutho aba yingxenye yebutho labohlanga elalibizwa ngokuthi i-ANNC (African Natal Native Contingent) . Leli butho labohlanga i-ANNC lalibuthwe amaNgisi ayeyizelamani o-Samuel no Robert Samuelson . LamaNgisi ayebuthe cishe zonke izinsizwa zengabade ezazingahambisani nombuso kaJininindi ka Ndaba . Ngamanye amazwi leli butho labe liyibutho lamambuka. Izinduna zalo kwakungo

Umlando ngeNdlovukazi uNomvimbi Mzimela(uNina weSilo uDinuzulu) 

INdlovukazi uNomvimbi Mzimela (uNina weSilo uDinuzulu) INdlovukazi uNomvimbi (okaMsweli) Mzimela yayinguNina weSilo uDinuzulu kaCesthwayo iSilo saseMkhontweni . Kusuke kushiwo yona ezibongweni zeSilo uDinuzulu uma kuthiwa ‘Ithole lakokaMsweli elenyisa liguqile’. Uyise weNdlovukazi uNomvimbi kwakunguMsweli Mzimela owakhothamela empini yaseNdondakusuka nokuyimpi eyabe iphakathi kwaBantwana oCetshwayo noMbuyazwe bakaMpande . Wayelwe ngasohlangothini lukaMntwana uMbuyazwe nokunguyena uwehlulwa kuleyo mpi , ehlulwa ngumfowabo uMntwana uCetshwayo . Kwathi ngemuva kokudla umhlanganiso kwempi kaJininindi (uMntwana uCetshwayo) uNomvimbi wathathwa kanye  namanye amantombazane kuleyo mpi ethathwa yimpi kaJininindi kwayiwa esigodlweni saseMangweni. Kulapho uMntwana uCetshwayo wahlobonga naye khona kwazalwa uDinuzulu. Ngamanye amazwi uDinuzulu wazalwa ngenkathi uMntwana uCetshwayo engakabi yiNgonyama . Ngokomthetho wasebuNguni uMntwana ozalwe uyise engakabi yiNgonyama akabi yiNgonyama . UDinuzulu naye wazalwa ngenkathi uJininindi engakabi yiNgonyama .Ngakho-ke ngokomthetho wasebuNguni uDinuzulu kwakungamele abe yiNgonyama . Kodwa-ke ngesizathu sokuthi uyise wakhothama ngowezi 1884 kusenguDinuzulu yedwa ingane yomfana kwazise uManzolwandle wazalwa ngemuva kokukhothama kweSilo uCetshwayo . ISilo uDinuzulu saqala ukubusa sineminyaka eyi 16 ubudala

Umlando ngeNkosi uBhambatha Zondi 

Inkosi uBhambatha kaMancinza ka Jangeni ka Magenge ka Nomashumi ka Nondaba yakwaZondi  yabe ibusa abakwaZondi eMsinga ngowe 1905 . Inkosi uBhambatha yaqhopha umlando ngenkathi kuliwa impi yaMakhanda nokuyimpi eyalwa ngowe 1906. Le mpi yabe iphakathi kwengxenye kaZulu eyabe ingahambisani nokukhokhwa kwentela kaKhandampondo. Le mpi ibuye yaziwe ngokuthi yimpi kaBhambatha noma yimpi kaKhandampondo . Le ngxenye kaZulu yalwa namaNgisi ngendlela esingayichaza ngokuthi yayiwubushokobezi ngoba yayilwa ilwe ibulale amaNgisi bese ihlehla iyobhaca ehlathini laseNkandla. Le mpi kaBhambatha yaqanjwa ngaye uBhambatha ngoba wayengomunye ababehamba phambili ekuholeni le mpi ka Bhambatha noma impi yaMakhanda  . Omunye owahamba phambili yinkosi uSigananda kaZwekufa Shezi . Le nsizwa yayingukaNina weLembe futhi yayikhule nalo ,yayilibone ngawenyama. Ngakho-ke yayinolwazi oluthe thuthu kwenzempi . Ngowe 1906 nokungunyaka kwalwa ngayo impi kaBhambatha inkosi uSigananda yayisineminyaka engama 99 . Le mpi kaBhambatha yalwa ngesikhathi sokubusa kweNgonyama uDinuzulu. INgonyama uDinuzulu yayingazi lutho ngempi yaMakhanda futhi yayingahlangene nayo ize yagcina ivalelwe yona noNdunankulu wayo

Umlando ngeNgwenyama uSobhuza II ka Mahlokohla 

Umlando ngeNgwenyama uSobhuza II kaMahlokohla (uMlondolozi) INgwenyama uSobhuza wesibili yiyona ezala iNgwenyama ebusa manje nokuyiNgwenyama uMswazi wesithathu ebuye yaziwe ngokuthi iNgwenyama uMakhosesive . INgwenyama uSobhuza wesibili izalwa noma ngithi yayizalwa iNgwenyama uBhunu ka Mbandzeni  ,yazalwa ngowe 1899. Elinye igama lweNgwenyama uBhunu kwakunguMahlokohla. Unina weNgwenyama uSobhuza II kwakunguLomawa Nxumalo. INdlovukazi uLomawa Nxumalo kwathi ngenkathi kuzosungulwa iNhlangano uKhongolose yanikela ngemali engama 1500 pounds nokwabe kuyimali engasukumi phansi ngaleso sikhathi . Elinye igama leNgwenyama uSobhuza II kwakunguMona .  INgwenyama uBhunu nokunguyise weNgwenyama uSobhuza II yakhothama yashiya uMntwana uSobhuza II esemncane kakhulu kwase kubamba uMalunge uyise omncane weNgwenyama uSobhuza II, wabamba esizana noGogo weNgwenyama uSobhuza II iNdlovukazi uLabitsibeni Mdluli yakwaZombode wamagugu. INgwenyama uSobhuza II babeyithanda kakhulu abantu bayo futhi nayo ibathanda ,ibazisa kakhulu. Yayiganwe ngamakhosikazi angale kweKhulu . Umuzi wayo wawubizwa ngokuthi kuseLudzidzini . Le Ngwenyama yaseLudzidzini yayingenaso isikhathi sokuthengana nezimoto zikaNokusho ,amakhosikazi ayo yawathengela ibhasi elikhulu ababehamba ngalo uma beya emicimbini nakwezinye izindawo 

INdlovukazi uMaNtantisi unina weNkosi uSigonyela 

  Nanso-ke iNdlovukazi yabeSuthu abangabaTlokwa iNdlovukazi uMaNtantisi unina weNkosi uSekonyela wodumo lwamasongo kaSigonyela . INdlovukazi uMaNtatisi yabusa abaTlokwa ngesikhathi iLembe limatasa lihlanganisa izizwe , yabusa njengeMambabukhosi ibambele indodana yalo uSekonyela owabe esakhula . Uyise kaSekonyela iNkosi uMokotjo ka Montwedi ka Motorosi  yakhothama yashiya uSekonyela esemncane, ngakho-ke uMaNtantisi waphoqeka ukuba abuse njengeBamba . Le Ndlovukazi uMaNtisi yayinesibindi esiyisimanga   , amabutho ayo kuthiwa ayehleleke ngendlela eyisimanga. Akhumbuleka kahle empini eyaziwa ngokuthi “Ntwa ya Dipitsa” nokuyimpi eyabe iphakathi kwabo abaTlokwa bakaMaNtantisi nabeSuthu beNkosi uMushweshwe . Impi yenkosi uMushweshwe yatheleka eNtabazwe lapho kwakuzinze khona abaTlokwa inethemba lokuthi iyofike izidlele amahlanga, kanti qha, iyozithela kumalunda izichome  . Basukuma abaTlokwa bazilwela , zanqikilana zaze zabukana , kwephuka nezinti zemikhonto kwagcina kujikijelwana ngamabhodwe . Kuyileso sizathu le mpi ibizwa ngokuthi “Ke Ntwa yaDipitsa” nokuchaza ukuthi “Impi yaMabhodwe noma Impi yeziMbiza” . Ngesilungu le mpi ibizwa ngokuthi yiBattle of Pots.  INdlovukazi uMaNtantisi kwahamba kwahamba yagcina isinenduku yayo yamagwala,isigibela

INkosi u-Somkhele Mkhwanazi 

  Awu sukanini nanso- ke iNkosi yaBakhwanazi madoda iNkosi uSomkhele kaMayanda kaVeyana (IMboza) okwaqanjwa ngayo indawo yakwaSomkhele. INkosi uSomkhele yayinguMshana weSilo sakwaNodwengu iSilo uMpande kaSenzangakhona. Unina weNkosi uSomkhele kwakunguMntwana uNtikili kaSenzangakhona . Ngakho-ke iNkosi uSomkhele yayithathwa njengoMntwana ngoba unina wayezalwa ebukhosini bakwaZulu. Kuyileso sizathu-ke iNkosi uSomkhele yabuthelwa ibuthweni laMamboza nokwabe kuyibutho elalande kakhulu aBantwana beSilo uMpande . Umuzi weNkosi uSomkhele kwakukwaNomathiya nokuyilapho kwazalelwa khona iNkosi uMtubatuba kaSomkhele (uFalaza) . INkosi uMtubatuba yiyona eyalandela uSomkhele esihlalweni sobukhosi . ISilo uMpande sona sasizalwa intombi yakwaHlabisa uSongiya indodakazi kaNgotsha Hlabisa . INkosi uVeyana yona yayibuye ibe ngenye yezinduna zeNkosi uDingiswayo , yayihola ibutho elalaziwa ngokuthi yiNingizimu . # Khumu!    

error: Akuvumelekile lokho !!