Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

 

Ama-categories

Imithi yesintu (Izincazelo nezithombe)

AMankankane

Amankankane uhlobo lwezinyoni oluhlola okubi. Inhliziyo yenkankane izinyanga ziyayithaka emuthini wentando(igobondela) . Ziyixuba neminye imithi bese kuphuma umuthi wentando ohamba phambili ngoba ngokuvamile amankankane ahamba ngamabili , iqhude nesikhukhukazi . Kanti nalo eliphelele liyangena emithini yeziko lezinkomo .. Inkankane libuye laziwe ngokuthi yi”ngangane” Abafana bazifunda ekwaluseni zonke iziny‎oni abahlalisana nazo. Bafunda amagama azo, bafunde nezikhathi ezifika ngazo, kanye nezikhathi ezihamba ngazo uma kuyilezo ezibuye zimuke.Izinsizwa uma ziphume inqina yokuyozi... qhubeka ufunde »

Umlando ngeSilo uCetshwayo 

Umlando ngeSilo uCetshwayo kaMpande: ISilo uCetshwayo sabusa ngesikhathi esinzima kwaZulu ngoba sabusa ngesikhathi abeLungu sebefike baze banethezeka , sebeqala nokushaya imithetho ezweni likaMthaniya ngoba eqinisweni ngaleso sikhathi basebeqalile vele ukulidla elakwaZulu . Empeleni abeLungu bafika kudala ngesikhathi iLembe lihlanganiswa izizwe ukuba zibe yisizwe esisodwa esinguZulu.  Kuzokhumbuleka ukuthi uHenry Fynn nebandlana lakhe bafika kwaZulu kusabusa lona iLembe , yilona elabasikela indawo yokwakha lapho sekuseThekwini khona namuhla.  Labo beLungu babengamaNgisi .Kwahamba kwahamba lelo dlanzana lamaNgisi lajikeka uZulu ,laba isitha esikhulu. Kuyakhumbuleka ukuthi uHenry Fynn wesibili nguyena owayexhasa uMntwana uZibhebhu ezinduku zamagwala ukuba ahlasela uMbuso kaZulu ngaphansi kweSilo uCetshwayo nangesikhathi seSilo uDinuzulu.  UFynn wesibili wayezalwa nguFynn okuqala yena kanye owayekhonze ngaphansi kweLembe , owasikelwa indawo lapho sekuseThekwini khona. Sesibuyela eNgonyameni uCetshwayo kaMpande: INgonyama uCetshwayo yayizalwa yiNgonyama uMpande kuNdlunkulu uNgqumbazi Zungu(okaMondi) .UMntwana uCetshwayo nguyena owayemdala kuBantwana beSilo uMpande . Esiswini sikaNina uNgqumbazi wayezalwa noMntwana uMbixambixa noMntwana uNdabuko. UMntwana uNdabuko wahlupheka kakhulu neNgonyama uDinuzulu ewa

Umlando ngeNkosi uHlubi Molefe 

Inkosi uHlubi Molefe yayibusa abaTlokwa bakwaMolefe ababezinze endaweni yaseNtabazwe(Harrismith) ngesikhathi saminyaka yama 1800. Yayikade iqale ukubusa ngemuva kokwehlulwa kweNkosi uSekonyela kaMokotjo ihlulwa yiNkosi uMushweshwe . Kwathi lapho isihluliwe iNkosi uSekonyela yabaleka yaphikelela eKoloni nokuyilapho yagcina ikhothamele khona.  Ngemuva kokwehlulwa kweNkosi uSekonyela abaTlokwa bazithola sebeyisizwe esingenayo iNkosi . Ngakho-ke izikhulu zakwaMolefe zagcina ziqoke uHlubi kaMotha owayezalwa eKhohlo lakwaMolefe. Uyise weNkosi uHlubi wayezalwa eKhohlo , engumfowabo weNkosi uSekunyela . Igama likhe kwakunguMotha ka Mokotjo . Wabusa-ke uHlubi ebusela endaweni yaseSefate khona eNtabazwe nokuyilapho kwakwakhe khona umuzi weNkosi uSekonyela waseJwalabhoholo .  Kwakuyiminyaka yama 1870s ngaleso sikhathi nokuyisikhathi lapho amaNgisi ayemise kabi iSilo uCetshwayo . AmaNgisi agcina agcina esesikele iNkosi uHlubi indawo eSinquthu ngenhloso nje yokudala izinxushunxushu , kuphazamiseke uMbuso weSilo uCetshwayo . Ngakho-ke iNkosi uHlubi yagcina engenye yamakhosi ahlonyiswa ngezibhamu ahlasela uZulu. Ngamanye amazwi lawo makhosi ayeyizimaku zamaNgisi . Kulawo makhosi singabala inkosi uYamela kaPhangandawo Shange,uMntwana uHhamu kaMpande(kaNzibe) , uMntwana uZibhebhu namanye .

UMthunduluka 

                      UMthunduluka ongezinye zezihlahla eziwusizo kubantu abansundu , izithelo zawo ziyadliwa futhi zimnandi zinambitheka njengoshukela . Zibizwa ngokuthi amathunduluka. Abafana abelusayo bazithanda kakhulu.  Okunye engingakuphawula ngoMthundulula wukuthi uyelapha , futhi lapho ekwelapheni uMthunduluka wenza umsebenzi ohlukahlukene kuya ngokuthi umuntu uvelaphi . Okunye futhi engingakuphawula ngoMthunduluka wukuthi isihlahla soMthunduluka siyathandwa yiminyovu . Ikakhulukazi owesifazane yiwona othandwa kakhulu yiminyovu . Ngakho-ke kubalulekile kubafana ebelusayo ukuba babheke isidleke seminyovu ngaphambi kokuba bazitike ngamathunduluka . UMthunduluka ongezinye zezihlahla ezinobulili, kukhona owesifazana nokuyiwona othela izithelo , bese kuba owesilisa ongatheli zithelo . Owesilisa uvamise ukuthi ube mfushane kowesifazane . Lesi sihlahla sibuye sibe nameva ahlaba kabuhlungu. Amathunduluka awumbala oluhlaza (green) uma engakavuthwa , kanti aba bomvu uma esevuthiwe esekulungele ukudliwa . Amnandi ehla esiphundu kangangokuthi abanye baze baginge nezimbevu zawo . Kodwa lokho kubuye kube yinkinga uma umuntu sekufanele aye ngaphandle, ayozikhulula . Izingxabu zoMthunduluka

Incazelo ngoMhlakuva 

            Nanku uMhlakuva obuye ubizwe ngoMhlafutho kwezinye izindawo . Lo muthi izithelo zawo ziyakhanywa kwenziwe ngazo amafutha ikakhulukazi akaOyila okuthiwa ayakwazi ngisho nokuhambisa imoto . Omunye umsebenzi walesi sihlahla wukuthi amacembe awo ayasiza emuntwimi ophethwe izinso noma ngithi ohlushwa izinso . Ayaye axutshwe nezimpande zoMthunduluka bese ayabiliswa ,ngemuva kwalokho bese kuphuziswa noma kuphuza lowo ohlushwa izinso .UMthunduluka owodwa vo uwumuthi wokuhlanza igazi ,kanti ungena kakhulu ezimbizeni zokwelapha izifo ezithathelwana ngokwenza ucansi ezifana noDilophu nokunye, kodwa hhayi ingculaza . Zimbili izinhlobo zoMhlakuva ,kukhona oluhlaza (osesithombeni) kanye nobomvu . Yomibili le mithi yenza imisebenzi efanayo . Omunye umsebenzi woMhlakuva nokuwumsebenzi engibona umkhulu wowokuxosha omoya ababi ekhaya . Uma kukhona omoya ababi ekhaya oSokhaya uyaye athathe amacembe noma izithelo zoMhlakuva esezomile , azixube neSiqunga esomile kanye neMphepho bese efaka leyo mithi odengezini bese eshunqisela ngakho ebambe udengezi ngezandla ajikeleze nomuzi awukake .Lokho ukwenza ekhuluma amazwi axosha omoya ababi

Umlando ngoMntwana uNdabuko kaMpande 

  UMntwana uNdabuko kaMpande ungomunye waBantwana baseNdlunkulu yakwaZulu abawulwela kakhulu uMbuso kaZulu ikakhulukazi ngesikhathi seNgonyama uDinuzulu. Wazama impela uMntwana uNdabuko ukuwuvikela uMbuso kaZulu .  UMntwana uNdabuko walwa ngokuzikhandla empini yakwaNdunu neyakwaCeza phakathi kwenyanga kaNhlangulana ngowe 1888. KwaNdunu igquma eliseduze nakwaNongoma . Impi yakwaNdunu yayiphakathi kukaZulu ngaphansi kweSilo uDinuzulu kanye noMntwana uZibhebhu wayesetshenziswa ngamaNgisi ukudala izinxushunxushu kwaZulu. Kuleyo mpi uZulu wadla umhlanganiso nokwathi ngemuva kwaleyompi amaNgisi abopha iSilo uDinuzulu noyise baso aBantwana oNdabuko noShingana abathwesa amacala okuvukela umbuso wawo . AmaNgisi abathumela esiqhingini iSt Helena , iSilo sagwetshwa iminyaka eyishumi, uMntwana uShingana wagwetshwa iminyaka eyishumi nambili , uMntwana uNdabuko yena wagetshwa iminyaka eyishumi nanhlanu. Ngesikhathi iNgonyama uDinuzulu noYise bayo bedingiselwe eSt Helena uNina weSilo uDinuzulu iNdlovukazi uNomvumbi Mzimela yiyona eyasala ibheke isizwe sakwaZulu , isizana noNdunankulu uMankulumana kaSomaphunga Ndwandwe. UMntwana uNdabuko wayelamana neSilo uCetshwayo kanye noMntwana uMbixambixa bezalwa iNdlovukazi uNgqumbazi Zungu . UMntwana uMbixambixa wagana uMgojana kaSomaphunga Ndwandwe owasala empini yakwaNdunu.

Umlando ngoMntwana uZibhebhu Zulu 

UMntwana uZibhebhu kaMaphitha kaSoyisa kaJama Zulu unina kwakunguKhundlase kaSothondose Nxumalo . Wayebuthelwe ebuthweni loMxhapho . Imizi yakhe kwakuseBhanganomo ,eNkalakuthaba neminye. Imizi kayise uMaphitha kwakuseNkungwini, eKuvukeni, eKuxedeni, oPhanyekweni,kwaMandlakazi nemiye. Yena-ke uMntwana uZibhebhu kwabo kwakuseNkungwini. Wayeganwe ngamakhosikazi angale kwama 80,nesingabala kuwo okaMasiphula, okaMathanda ,abakaMatshana (babebathathu ), okaNdengezi , okaMdlume nabanye . Ngesikathi sempi yaseSandlwane uMagasa (uMntwana uZibhebhu) walwa ngasohlangothini lukaZulu ,futhi walwa ngobuqhawe obukhulu. Kukhona lapho adubula abulala idlanzana lamaNgisi ayelifice ligeza esizibeni eMfolozi eMhlophe. Ngesikhathi sempi yaseNdondakusuka uMandlakazi walwa ngasohlangothini lukaJininindi (uMntwana uCetshwayo) . UMandlakazi wawuholwa nguMntwana uHhayiyana kaMaphitha umnawakhe kaMagasa owayezalwa ekhohlo . Kwathi ngemuva kokwehlulwa kukaZulu ngamaNgisi ,eseshise nesigodlo sasoNdini ngowe 1879 ,ngenyanga kaNtulikazi mhla zingama 4, kwathathwa isinqumo sokuthi iSilo uCetshwayo siyobhaciswa ehlathini laseNgome. Ngaphambi kokuba ahambe uJininindi wathatha wonke umdlunkulu kanye nezingane zakhe ezazimbandakanya iWundlu uMntwana uDinuzulu wazisa eBhanganomo kuMntwana uZibhebhu ukuba asale nazo kanye nabo bonke omndlunkulu ngenkathi sona iSilo sisekubhaceni.  UMntwana uZibhebhu wanikwa izinkomo enikwa

Umlando ngeNkosi uSekhukhune yaBaPedi 

Inkosi uSekhukhune yayibusa abeSuthu bohlobo lwabaPedi esibathola namuhla bezinze lapho sekuyosifundazwe saseLimpompo khona. Zinhlanu izinhlanga noma ngithi izizwe esizithola kulesi sifundazwe namuhla. Kukhona abaPedi , abaVenda, amaShangane, abaLobedu(abakaKhwini Mujaji laba,nansiya isizwe eTzaneen) kanye nengenyana yamaNdebele eyaziwa ngokuthi eyaseMgombane(Mokopane Mountain) . Lensizwa yabaPedi ubukhosi yayibuthathe kuyise uSikwata kaThularw . Inkosi uThulare nayo yaduma kakhulu ngezikhathi zayo,inhlonishwa izizwe ezazakhelene nayo. Yona-ke inkosi uThulare yakhothama ngowe 1825 ibulawa yimpi yeSilo sikaMthwakazi iSilo uMzilikazi Khumalo. Imbangela yokubulawa kwayo kwaba wukuthi inkosi uThulare  yayinqabele impi yeSilo uMzilikazi ukuba idlule ezweni layo ngenkathi iphikelele eDulagubha ukuyohlasela iSilo sikaGasa iSilo uSoshangane Nxumalo. Inkosi uThulare yayizalwa yinkosi uMorwa. Laba bantu basebuPedi baphuma kubeSuthu bohlobo lwabaKgatla . Phela abeSuthu bahlukaniswe izigatshana ,kukhona abaFokeng, abaKgatla,abaHurutse , abaRolong nabanye . Inkosi uSekwata yabusa kabi ngoba yabusa ngesikhathi sokufika kwamabhunu ayeholwa nguGert Martz noHendrick Potigitier . Ayewuhlupho kakhulu lamabhunu kuzo zonke izizwe ezinsundu . Lamabhubu agcina edle ingxenye yezwe lenkosi uSikwata wabaPedi.

Umlando ngoMhadu Msweli Nxele 

Umlando ngoMhadu ka Mandeku ka Myambo kaZaza kaMsweli       -Kuloba u-Mfanafuthi Nxele         UMhadu Msweli Nxele wayengomunye wosomaqhinga bempi yaseSandlwana ( 1879 Anglo-Zulu war) ISilo uCetshwayo sesibona ukuthi amangisi afuna uketula umbuso kaZulu, ngonyaka we (1878) saqhamuka necebo lokuqiniso impi yaso ngokuthi sihlele ukuthi kuthengwe izibhamu kuMapukezi. Elinye icebo leSilo ukuthi siyocela usizo kubantu baso ababakhe esilungwini (Natal) ukuthi basilekelele mhla kuyiwa empini. Saphinda sacela abantu abazinjoli esibhanyini. Leso sicelo sabhekiswa kuMhadu eNatal. UMhadu ube esecela izinjoli ezinkulu, uBheje Bhengu, Solinye, Sogweba, Somahashi, Mahlathini nezinye. Uzokhumbula ukuthi uMhadu wahamba kuqala ukuya kwaZulu (Zululand) ngenyanga uMandulo (1878) , UBheje uhambe kamuva ngo Ncwaba (1878) . UBheje ulandwa nje uyokwenza umsebenzi wokuba yinkabi yeSilo uCetshwayo, ethenjiswe ukuholelwa izinkomo ezingaphezu kwamashumi amabili. Ubufakazi: Even before the war, King Cetshwayo let it be known that he would HEARTLY welcome any potential allies from Natal who might want to enter

Umlando ngeNkosi uSekonyela Molefe 

INkosi uSekonyela Molefe  yabe iyiNkosi yabaSuthu abawuhlobo lwabaTlokwa.  AbaTlokwa baphuma kubaKgatla , abaKgatla bona bephuma kubaHurutse . Inkosi uSekonyela yazalwa ngowe 1804 izalelwa lapho osekuyiNtabazwe khona (Harismith) . Uyise weNkosi kwakuyiNkosi uMokotjo , unina weNkosi uSekonyela kwakunguMaNthantisi wayeqhamuke kubeSuthu abawuhlobo lwaBasia. Phela abaSuthu bahlukaniswe izigatshana eziningi.  Igama langempela  le Ndlovukazi uMaNtshantisi kwakunguMonyalue . Le Ndlovukazi kwathi ngemuva kokuthola kwayo ingane yokuqala ogama layo kwakunguNthantisi yashintshwa igama yabizwa ngelika MaNthantisi nokuyigama elagcina selichume kakhulu . Empeleni ukuthi MaNthantisi kuchaza ukuthi Mama ka MaNthantisi ngesiZulu. ONthantisi wayeyintombazana, nguyena owelanywa nguSekonyela owaba yiNkosana yoMndeni. UYise kaSekonyela inkosi uMokotjo yakhothama ngowe 1813  uSekonyela esemncane kakhulu  kwaphoqa ukuba abanjelwe ngu Nina uMaNthantisi . Akucaci kahle ukuthi inkosi uMokotjo yakhothama kanjani , kukhona umlando othi yabulwa ngaBafokeng bakaSebendwane  . Kodwa abanye bathi qha , iNkosi uMokotjo yadungezela . UMaNthantisi kuthiwa wayenguSibidi gidi weqhawekazi . Kuthiwa wayephuma nempi yakhe uma iyohlasela . Ayihole aphinde ayididiyele. Kwakwahamba kwahamba

error: Akuvumelekile lokho !!