Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

Ama-categories

Imithi yesintu (Izincazelo nezithombe)

Mjoli

Izithakazelo nomlando wakwaMjoli Abantu bakwaMjoli kusengabantu baseMawusheni .  Ukhokho walaba bantu nguLufulwenja wayengenye yamadodana enkosi uZulu kaMalandela. UZulu wayengumnawakhe kaQwabe bezalwa inkosi uMalandela kuNdlunkulu uNozinja .  Laba bantu bakwaMjoli baxhumene kakhulu  nabakwaZulu laba abangamaBhaca enkosi uMadikane .Nasiya isizwe eMzimkhulu naseXopo elimantente .  Ukuze bazithole  sebenzize kwaBhaca kwenzeka ngemuva kokuxabana kweSilo uShaka nenkosi uMadikane kaKhalimeshe  . Kuleyo ngxabano inkosi uMadikane yaqoqa isizwe sayo yabaleka yabheka lapho sekukwaBhaca khona . Ya... qhubeka ufunde »

Mnqayi

zithakazelo nomlando wakwaMnqayi : Abantu bakwaMnqayi bangabaNguni bohlobo olubizwa ngokuthi ‘aMalala Nguni’ , baphuma kubantu bakwaHadebe . AbakwaHadede bona bangabaNguni abangabaMboNguni, abakwaMnqayi bona bagcina sebengaMalala ngesizathu sokuthi bagcina bezimbandakanye nesizwe saBathe... qhubeka ufunde »

Jele

Izithakazelo nomlando wakwaJele Abantu bakwaJele bangabeNtungwa Nguni ngokwezigaba zabeNguni  . Ngenkathi iSilo u-Shaka sihlanganisa izizwe umuntu owabe egqame kakhulu kwaJele nguZwangendaba kaJele , u-Jele nguyena okwaqanjwa ngaye isizwe . U-Zwangendaba wabe engomunye wezinduna zenkosi u-Zwide kaL... qhubeka ufunde »

Shongwe

Izithakazelo nomlando wakwaShongwe Abantu bakwaShongwe bangabeNguni baseMbo ngokwezigaba zabaNguni . Imvelaphi yabo ixhumene neyakwaDlamini, Shabalala , Kunene , Mavuso nezinye . Ngenkathi befika kuleli eliseAfrika eseMazansi bafika bazinsa lapho sekuyizwe laseSwazini khona. Babekade beqhamuka enhla... qhubeka ufunde »

Sigabade

Izithakazelo nomlando wakwaSigabade #Kuloba iNtungwa lasenhla kwaSokhumalo Abantu bakwaSigabade baphuma kuSigabade kaSimyenga wakwaMhlanga. BangabeNguni abangaBaMbo Nguni. AbakwaMhlanga nabo babekade bezinze lapho sekwaZulu khona namuhla. Namuhla laba bantu bakwaSigabade  batholakala ezweni laseZim... qhubeka ufunde »

Qwabe

Izithakazelo nomlando  wakwaQwabe Abantu bakwaQwabe bangabaNtungwa Nguni ngokwezigaba zabaNguni. Sizokhumbula ukuthi abaNguni bahlukaniswe izigaba ezinhlanu,kukhona abaNtungwa Nguni, abaNguni baseMbo, aMalala Nguni (ababuye babizwe ngabaNhlenga Nguni), abaDebe Nguni ,bese kuba khona nabaThonga Ngun... qhubeka ufunde »

Izibongo zamakhosi aseSwazini

Izibongo zeNgwenyama u-Somhlolo ka Ndungunya . Elinye igama leNgwenyama u-Somhlolo kwakunguSobhuza.       USobhuza wamaSwazi Usifuba sinengceke sinamanzi UBhuza kwezinde UMasibekela Imizi emncane angayisibekela Inyathi empondo zimnkenkenene Yadla umuntu Kwanga bamhlabe ngehloka Wadla ... qhubeka ufunde »

Mtolo

Izithakazelo nomlando wakwaMatolo Abantu bakwaMtolo bangabaNguni  bohlobo lwabaMbo Nguni ngokwezigaba zabaNguni. Akubona aBathwa noma aMamoondo njengoba abanye bethu behla besho.  Isizwe saMatolo siphuma kwesakwaDlamini eSwazini. Ezinye izizwe eziphuma kwesakwaDlamini esakwaNgcolosi(Bhengu) ,Mhlon... qhubeka ufunde »

Ndwandwe

Izithakazelo nomlando wesibongo sakwaNdwandwe.     Abantu bakwaNdwandwe imvelaphi yabo isenhla yezwekazi laseAfrika njegabo bonke abaNguni. Ngokwezigaba zabaNguni abakwaNdwandwe bangabaNguni baseMbo noma ngithi bangaMbo Nguni. Umuntu owawunothisa kakhulu umlando wakwaNdwandwe inkosi uZwide... qhubeka ufunde »

Izaga nezincazelo

1. Umlungu angathungwa isicoco – Kusuke kufungwa. Uma umuntu ethi into ethile ayisoze yenzeke usebenzisa sona lesi saga. Incazelo yaso iyefana neyesaga esithi “inkomo ingazala umuntu” 2. Wande ngomlomo kuhle kwesiqebetho – Wande kakhulu ngokukhuluma kepha uma sekuyiwa ekwenze... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!