Mjoli

Izithakazelo nomlando wakwaMjoli
Abantu bakwaMjoli kusengabantu baseMawusheni .  Ukhokho walaba bantu nguLufulwenja wayengenye yamadodana enkosi uZulu kaMalandela. UZulu wayengumnawakhe kaQwabe bezalwa inkosi uMalandela kuNdlunkulu uNozinja .  Laba bantu bakwaMjoli baxhumene kakhulu  nabakwaZulu laba abangamaBhaca enkosi uMadikane .Nasiya isizwe eMzimkhulu naseXopo elimantente .  Ukuze bazithole  sebenzize kwaBhaca kwenzeka ngemuva kokuxabana kweSilo uShaka nenkosi uMadikane kaKhalimeshe  . Kuleyo ngxabano inkosi uMadikane yaqoqa isizwe sayo yabaleka yabheka lapho sekukwaBhaca khona . Yagcina iphelele eMatatiyele nokuyilapho idlinza layo likhona .
Ukhokho wabantu bakwaMjoli kwakunguLifulwenja njengoba besengishilo.  ULifulwenja wayebuye aziwe ngelika Didi ,wangengeye yamadodana enkosi uZulu kaMalandela kaLuzumana.  Njengoba besengishiko ukuthi laba bantu bakwaMjoli kusengabantu baseWusheni ,uWushe lona kwabe kungumnewabo kaZelemu .UZelemu noWushe babezalwa nguLufulwenja . UZelemu nguyena owazala oZulu  benkosi uMadikane  .UWushe umnewabo kaZelemu kanti uZelumu yena ungokhokho woMadikane . Ngakho-ke abantu baseMawusheni kanye nabakwaZulu (Madikane) kusengabantu ababodwa nabakwaZulu oMageba oNdabezitha esibathola manje kwaZulu nokuyibona ababusa isizwe sakwaZulu ngaphansi kweNgonyama uZwelithi kaBhekuzulu.
Abantu baseWusheni babuye behlukana izigatshana . Kukhona ababebuswa nguNondaba kaPhathwa ababakhe ngasempophomeni yomfula uMngeni .Bese kuba ngabanganeno kumfula uMngeni bona sibathola bebuswa nguNqinambi kaMphumela . Kodwa iSilo sawo wonke aMawushe kwabe kunguMbhedu kaPhathwa kaMjoli . Kubo futhi laba bantu bakwaMjoli kwabuye kwaphuma abakwaMbhedu abanobukhosi babo laphaya eMount Fere

Ezinye izibongo eziphuma kwaMjoli esakwaTwetwa, Twalo, Mnxakwe, Nomtshwe, Mbongwa, Phathwa, Deyi,Soji, Bekwa nezinye
Abantu baseMawusheni namuhla batholakala koMzimkhulu,Xopo, Mpumalanga Koloni nakoKapa impela .
Ake sibelamanise abantu bakwaMjoli .
UWushe wazala uBekwa owazala uMjoli .UMjoli yena wazala uPhathwa yena owazala uMbhedu noNondaba .UMbhedu wazala uNokaka owazala uGodongwane owazala uMbulelo owazala uSithundwana owazala uXanjana.  UXanjana wazala uBhekameva owazala   owazala iNkosi uMboneni Benedict Mjoli
Lo mlando ucashunwe encwadini kaSenzo Mbatha esihloko sithi Izibongo zakithi .  Thola eyakho nawe ufunde ngomlando waMawushe othe xaxa. Uthole nowezinye izibongo . Shayela uMbatha ku 076 688 7004 uthole eyakho incwadi

Izithakazelo zakwaMjoli

Mjoli,
Hlathi,
Nonina,
Qubulashe,
Mswanzeli,
Makholwa okwakhe ,
Ndlwana ncane
Masinda ngonyalu,
Dludlushe,
Sondaba.
Wabane,
Maqholo,
Nina baseMawusheni
Ndohle,
Bekiso,
Phathwa,
Wushe,
Qubulashe,
Mthi owathi ukuwa wabekisa amasebe oThukela,
 Nonkasa, Deyi, Notshikila, Mbhedu, Bahruza, OMaphungela esosini amakomishi ekhona,
Masinda ngonyalu izizwana zisinda ngobulongwe, Godongwana kaMjoli
Nobekwa,
Mjoli kaWushe,
Wushe kaLufulwenja,
Lufulwenja kaZulu.
Dludlushe!
Nina benkundla kaWushe,
Isizwe saseMthunzini.
Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo