Mahaye

Izithakazelo nomlando wakwaMahaye
Abantu bakwaMahaye bangabaNguni abawela esigabeni sabaNguni abangabaNtungwa Nguni ngokwezigama zabaNguni. Laba bantu bakwaMahaye baphuma kubantu bakwaZulu . Umuntu esiqala ukuzwa ngaye nguye uMahaye uqobo lwakhe .UMahaye wayeyinkosana kaZulu futhi nguyena okwakufanele abe yinkosi ngemuva kokukhothama kukayise uZulu kodwa ngenxa yokuthi wayemhlophe (eyisiphiwo) lokho akusenzekanga . UZulu ungukhokho wabakwaZulu,abakwaMbatha , abakwaDladla nezinye izibongo  .Yena uZulu wayezalwa inkosi uMalandela engumfowabo omncane kaQwabe owazala abakwaQwabe. Elinye igama likaMahaye nokwabe kuyigama lakhe lokuzalwa kwakunguLanga. Leli elikaMahaye lavela ngesikhathi uLanga efuna ukungena umfazi womnewabo uMpangazitha kaNtombela . Kuthiwa umama kaMpangazitha akavumanga ukuthi uLanga angene umfazi wendodana yakhe. Kuthiwa wayevele aphume ame egcekeni ahaye amagama omubhinqa ,ebhinqa uLanga .Lavela kanjalo-ke igama likaMahaye lagcina selichume ukwedlula elikaLanga ,lagcina seliyisibongo njengoba liseyisibongo nanamuhla.
Umuntu esimbona egqama emlandwini wakwaMahaye uNodange kaMningiza  owabe eyiqhawe leziNgonyama oCetsheayo noMpande .UNodange wagcina esehlala oNdini esengenye yezikhulu zakhona .
Ake sibelamanise oMahaye
ULanga (uMahaye) indodana kaZulu kaMalandela wazala uBhulu noMbekwa . UMbekwa wazala uMafuza owazala uNtukumbana owazala uNdosi. UNdosi yena wazala uMgobhe noMnyakanyaka.  UMnyakanyaka wazala uNhlokwana owazala uMqhutshwa .UMqhutshwa wazala uMgqobhi owazala uBhekinkosi

UBhulu kaMahaye wazala uMpikwana owazala  uMningiza .UMningiza yena wazala uNodange noBhengu . UBhengu ongeyena owesibongo. UBhengu wazala uNguluza owazala uKhiwane. UKhiwane yena wazala uMesabeni.
UNodange kaMningiza yena wazala uZidunge , uNkonka, uMnqandane,uMhayi, uQhakaza noFokothi. UZidunge wazala  uZibone . UMnqandane yena wazala uSonke . UQhakaza wazala uMdumo . UFokothi yena wazala uMgibeni owazala  uBonginkosi yena owazala uSimphiweyiNkosi
Uma funa ukuthola umlando othe xaxa kunalona olotshiwe thola incwadi kaSenzo Mbatha ethi Izibongo zakwaZulu. Kuyilapho kucashunwe khona lo mlando .Siwukhe  nje phezulu. Shayela umfoka Mbatha kule nombolo 076 688 7004 uthole incwadi ufunde nangezinye izibongo . Akukhathalekile ukuthi uzinze kuphi nomhlaba . Ikhona indlela yokwenza incwadi ifinyelele kuwe
Izithakazelo zakwaMahaye:
Mpangazitha
Mahlobo
Sonomo
Zulu
Nodange edumile
Mningiza
Mpikwane
Nondela mzimba odikila isidumbu adle umlenze
Bubi kabulali ngoba babulala abakwaDludla
Mabhala ngozipho abanye bebhala ngepensela
Mnqandwendwe
Mageba sabela uyabizwa
Dlambedlu olumashobane
Kulobe INtungwa lasenhla kwaSokhumalo
Cellphone -084 098 4016
Izibongo ezihlobene nabakwaMahaye
Zulu
Qwabe
Ntombela
Ntanzi
Fakazi
Mbatha
Dladla nezinye
Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo