Izithakazelo nomlando wakwaZondo.
Abantu bakwaZondo kusengabantu baseBathiyaneni. BangabaNguni bohlobo lwaMantungwa Nguni ngokwezigaba zabaNguni. UZondo okwaqanjwa ngaye isibongo sakwaZondo wayengenye yamadodana kaSokotshane kaNoxoko. Ukhokho wabo bonke abantu baseBathiyaneni nguMthiyane okwaqanjwa ngaye isizwe saseBathiyaneni . UMthiyane wazala uNoxoko. Laba bantu bakwaMthiyane ngenkathi besuka enhla nezwe nokuyilapho bonke abaNguni bavela khona babekanye nabaNtungwa . UNoxoko wazala amadodana amaningi kodwa kwagqama kakhulu oSikhangane noSokotshane . USikhangane wabe eyinkosana. Ngaleso sikhathi abantu bakwaZondo babesaziwa ngokuthi bangabakwaMthiyane ,wayengakazalwa uZondo okwaqanjwa ngaye isibongo. USokotshane owazala abakwaZondo ngoba nguyena owazala uZondo okwagcina kuwanjwe ngaye isibongo. USikhangane yena singasho singangabazi sithi nguyena nguyena owazala aBathiyane abasebenzisa uMthiyane noSokhulu njengezibongo namuhla.
Inkosana kaNoxoko kwakunguSikhangane , yona yazala uDlabela owagcina ethole indawo kwelakwaMthethwa ngenxa yobuqhawe bakhe. Ngaleso sikhathi kwaMthethwa kwakubusa inkosi uKhayi kaXaba eyazala inkosi uJobe yona yazala inkosi uDingiswayo yaBathethwa . UDlabela izwe lakhe ayeljsikelwe inkosi uKhayi walibiza ngokuthi kuwaSokhulu esusela kwelinye lamagama kaMthiyane. Kwahamba kwahamba nabantu bakhe bagcina sebesebenzisa uSokhulu njengesibongo,kodwa abanye baqhubeka noMthiyane.
USokotshane yena wanamathela kakhulu kubantu bakwaKhumalo simthola elokhu akhe khona eNgome kanye nabakwaKhumalo . Ukuxhumana kukaMntungwa noMthiyane kufakazelwa nayizihlahla ezimbili iNqayi elimhloohe neNqayi elimnyama . INqayi elimnyama kuthiwa linguMthiyane uqobo lwakhe,kanti elimhlophe lona kuthiwa linguMntungwa uqobo . Izinsizwa zakwaMthiyane akumele zilishiye nangephutha iNqayi elimnyama ekuthakeni izinduku zazo, kanti nazo ezakwaMntungwa azilishiyi iNqayi elimhlopje ezindukwini zazo.
USokotshane wazala uZondo nabanye . UZondo yena wazala uMabhedu,uBulawayo, uGulukudwane, uDunga, uSiyendane,uNjomisa, uMahele nabanye . USokotshane waphila isikhathi esinde kangangokuthi noZondo naye waze wazala abantwana abakhula baba izinsizwa esaphila uSokotshane, nabo bazala abantwana esaphila unkhulu wabo uSokotshane . USokotshane wagcina etholele abazukulu bakhe oSiyendane noNjomisa indawo eNquthu. Ngakho-ke bonke abakwaZondo abaseNquthu nakoMnambithi bawuzalo lukaSiyendane noNjombisa.
UGulukudwane kaZondo yena wathandwa kakhulu nguMzilikazi Khumalo . Kuthiwa uGulukudwane wayeyisanuse esasikwazi ukunuka abantu abangabathakathi . Futhi nguyena owayeqinisa imoj yenkosi uMzilikazi . Wagcina eseyisilomo kuMzilikazi kangangokuthi uMzilikazi wagcina ekhuphuke naye wabheka lapho sekuseZimbabwe khona namuhla. UMzilikazi wagcina esezakhele isizwe salhe sabaThwakazi . Singasho nje ukuthi uMzilikazi naye wakhothama esiyiSilo ,esekhothanyelwa ngezinye izizwe . Nasiya isizwe sabaThwakazi eNingizimu yezwe laseZimbabwe . UGulukudwane wayelokhu esaphila nangesikhathi seSilo uLobhengula kaMzilikazi . Walwa cishe zonke izimpi zabaThwakazi . Walwa nakweyaseGadade nokuyilapho aBaThwakazi behlulwa khona amaNgisi kaCecil John Rhodes ngowe 1893. Kuleyo mpi kwafa amabutho amaningi kakhulu esizwe sabaThwakazi ,kungenzeka ukuthi naye uGulukudwane wasala kuleyo mpi.
USiyendane wazala uMlonyeni owazala uMbekeni . UMbekeni yena wazala uNhlomela owazala uMkhonto owazala uNdlumnyama noMntugwana .
AbakwaSokhulu bona belamana kanje .
USikhangane kaNoxoko wazala uDlabela owazala uLanga owazala uNqoboka iqhawe elikhulu leSilo uShaka . UNqoboka neSilo uShaka bakhula ndawonye bekhuliswa inkosi uDingiswayo kanye noNgomane kaMqombili Mdletshe owababuthela bobabili ebuthweni leZichwe.UNqoboka wayezalwa intombi yakwaMthethwa,engumshana wenkosi uDingiswayo. . UNqoboka yena wazala Nontshobo ,uSiqasha nabanye. USiqasha wasala eSandlwana evikela izwe lakwaZulu emaNgisini. Ngaleso sikhathi izwe lakwaZulu lalibuswa iSilo uCetshwayo kaMpande . Empini yaseSandlwana uZulu wazidlela amahlanga emaNgisini. UNontshobo wazala uDlemudlemu owazala uMhawu .
Izithakazelo zakwa-Zondo
Mthiyane,
Sokhulu, Nqoboka,
Mnguni kaManekwane,
Skhangane esakhanga amadoda
Luvuno, Sokotshane
Mzwili!
#Kulobe uKholo Khumalo INxazonke
MLAMBO
Is there anything more in Gulukudwane Zondo