Mabaso

Ndabezitha wena wendlovu!
Mntungwa, wenaKaMbulazi!
Udle izimfe zambili
Kwaphum’ikhambi lalinye.
Nina enithi nidla,
Nibe niyeng’umuntu ngendaba,
Nina enehla ngesilulu-
Abafokazana behla ngezinyawo,
Nakhomb’udwendw’ematshensikazi naluqhoqhobala
Nathi lala vuka litshe
Mabaso,Nkonyeni
Wena kaNxanxa, kaGumalankande
Wayengadela noNgobe ngaseMadletsheni
Ubengash’sindlu kaDunganankomo,
Ubengashis’indlu kaNqaba yezinkomo nekaNozijula
Mabaso wen’owabas’entabeni
Kwadliw’ilanga lishona
BaNtungw’abancwaba,
BaNtungw’abaluhlazana,
Mabaso , Mntungw’omuhle, Majojola
Nina bakaJoj’ozitshwikili
Izinsiba zendwakazi
Nina bakaLusiba kalukhothami,
Lungakhothami ngisho nasezindlwaneni
Nadl’iNkankane likaVezi kaNdaba
Ubekad’emuphe ngayizolo
Uthe ukumupha kwakhe wayembothozolela
Ndabezith’omuhle,wena kaMkhanzomuhle, kaNdleleni
Zivulele Mdluli kaNdaba
Bakubizile Nkosi
Bakubize ngothathawe
Obelumaziny’azinqindi
Bakubize ngoKhothe Ntshangase
Ubungithumile Mntungw’omuhle
Ibungithume kuSinqindi waseMayezeni
Ngifike ngalibala Mntungw’omuhle
Ngilitshaziswe yiNgog’ebukekayo
Ngama, ngajama
Kant’iNtothoviyane
UMshumanda wawoVezi
Usiba lweNtwengu nolweNtwengukazana
Nyath’emnyama kaLudwala
Maqhaqhazela kaDlomo
UPhondo lwezibhed’olubangwayo
Engani luze noNoklolobela
UbengowaseMagozeni
Wamshiy’uMumbomunye
Wathi khona bezolalelana
Nina bakaLamula kaVezi
Ungal’usindw’ukuzilamula
Nina bakaVezi kaNdaba
Nina bakaMangeth’omnyama
Mabaso ndlov’enamandla
Zindlov’ezimacocombela
Bantwana beNkosi
Ndabezitha, Mntungwa
Nina bakaMpukane zakhona
Zabe ziluhlaza mlomo
Amadod’akhona abulawa ukuhlengezela
Zalukazi zakhona, zabulawa ubeshe
Nina bakaDenjane
UMdumaz’wamaNgisi kweliphesheya
Nina bakaNongila
Omephezukwescongo seSandlwana
Zintaba zokhahlamba benikuphi na?
Yiwo lamakhahlambana
Wehl’okaNdaba kwethukel’uThukela
Nina bakaHwanqa kaDenjane
Nina bakaMgodini kaDenjane
Nina bakaMagamb’odlabantu
Nina bakaFaku
UFohl’odl’amathole
Ayengawasensingweni
USqhwag’umaphul’uPhondo
Ndabezith’omuhle
Mntungw’omuhle, wena kaMbulazi
Ndabezitha!
Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo