Khumalo

Mntungwa,
Mbulaz’omnyama,
Nina bakaBhej’eseNgome,
Nin’enithi nidla beniyeng’umuntu ngendaba..
Nin’enadl’izif’ezimbili ikhambi laphuma lilinye.
Lobengula kaMzilikazi.
Mzilikazi kaMashobane,
Shobana noGasa kaZikode.
Zikode kaMkhatshwa,
Okhatshwe ngezind’izinyawo nangezimfushanyana,
UMkhatshwa wawoZimangele,
UNyama yeNtini yawoZimangele,
Nin’enal’ukudl’umlenze kwaBulawayo,,
Nathi mlenze wankoni lo?
Ubungekho yini owezinkomo zakithi eNgome?
Donda weziziba akangakanani ngoba nasothini lomkhonto uyahlala
Nina enehlula abeSuthu, noShaka engazange abehlule
Mabaso owabas’entabeni kwadliwa ilanga lishona.
BaNtungwa abancwaba.
Zindlov’ezibantu.
Zindlov’ezimacocombela.
Nin’abakwaMawela owawel’iZambezi ngezikhali.
Nin’abakwaNkomo zavul’inqaba,
Zavul’inqaba ngezimpondo kwelaseNgome zahamba,
MaNtungwa Aluhlaza,
MaNtungwa Amahle,
Bantwana benkosi,
Nin’abakwaNtokela.
INkubela abayihlabe ngamanxeba,
Abakhule ngezinyawo ezimfishanyana nezimaqhukulwana,
Inyang’abathe beth’ifil’uZulu kanti isiyethwese.
Yethwese ngonyakana kaMpeyana,
UBando abalubande balushiy’uZulu.
UNtshwintshwintshwi kaNoyanda kaNdaba,
UNkone evele ngobus’emdibini,
Ndabezitha!!
Maqhaw’amakhulu..

Kulobe u-Bongani Kholo Khumalo 084 098 4016

bornkhumalo@yahoo.com


Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo