Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

Ama-categories

Imithi yesintu (Izincazelo nezithombe)

Khoza

Mlothswa! Msuthu! Mkhathini, S’phan’abantwana, Ndlel’ehamb’ekhaya, eyanqamula kwaMandlakazi! Mancencence!Hlabisa odlulayo, Ngoba olele akahlatshiswa, uyidla aze ayiqede. Wena wakwaMpahl’emhlophe.ingaba bomvu isiyonakele. Ntshingwayo. Mangena, Mlilo, Wena waseSiphezi ! Skotana,Mabona, Nomageja. Sokhabase, Ntshamase, Ndlandla!!!

Umlando ngeNgwenyama uSobhuza II ka Mahlokohla 

Umlando ngeNgwenyama uSobhuza II kaMahlokohla (uMlondolozi) INgwenyama uSobhuza wesibili yiyona ezala iNgwenyama ebusa manje nokuyiNgwenyama uMswazi wesithathu ebuye yaziwe ngokuthi iNgwenyama uMakhosesive . INgwenyama uSobhuza wesibili izalwa noma ngithi yayizalwa iNgwenyama uBhunu ka Mbandzeni  ,yazalwa ngowe 1899. Elinye igama lweNgwenyama uBhunu kwakunguMahlokohla. Unina weNgwenyama uSobhuza II kwakunguLomawa Nxumalo. INdlovukazi uLomawa Nxumalo kwathi ngenkathi kuzosungulwa iNhlangano uKhongolose yanikela ngemali engama 1500 pounds nokwabe kuyimali engasukumi phansi ngaleso sikhathi . Elinye igama leNgwenyama uSobhuza II kwakunguMona .  INgwenyama uBhunu nokunguyise weNgwenyama uSobhuza II yakhothama yashiya uMntwana uSobhuza II esemncane kakhulu kwase kubamba uMalunge uyise omncane weNgwenyama uSobhuza II, wabamba esizana noGogo weNgwenyama uSobhuza II iNdlovukazi uLabitsibeni Mdluli yakwaZombode wamagugu. INgwenyama uSobhuza II babeyithanda kakhulu abantu bayo futhi nayo ibathanda ,ibazisa kakhulu. Yayiganwe ngamakhosikazi angale kweKhulu . Umuzi wayo wawubizwa ngokuthi kuseLudzidzini . Le Ngwenyama yaseLudzidzini yayingenaso isikhathi sokuthengana nezimoto zikaNokusho ,amakhosikazi ayo yawathengela ibhasi elikhulu ababehamba ngalo uma beya emicimbini nakwezinye izindawo 

Cele

Cele Ndosi Nombedu Khumbuza Nkomo kayivuswa Nkomo isengwa ilele Wayisenga imile iyakhahlela Siqunga esihle esingahlalwa nyoni Siqunga esihle esizalela amasakabula Mkhokheli owakhokhela isizwe ekugqilazweni Dubandlela Vico akagezanga Ubuye nensila emfuleni Ngoba ethembe ukugeza ngobisi Magaye,Mande M... qhubeka ufunde »

INdlovukazi uMaNtantisi unina weNkosi uSigonyela 

  Nanso-ke iNdlovukazi yabeSuthu abangabaTlokwa iNdlovukazi uMaNtantisi unina weNkosi uSekonyela wodumo lwamasongo kaSigonyela . INdlovukazi uMaNtatisi yabusa abaTlokwa ngesikhathi iLembe limatasa lihlanganisa izizwe , yabusa njengeMambabukhosi ibambele indodana yalo uSekonyela owabe esakhula . Uyise kaSekonyela iNkosi uMokotjo ka Montwedi ka Motorosi  yakhothama yashiya uSekonyela esemncane, ngakho-ke uMaNtantisi waphoqeka ukuba abuse njengeBamba . Le Ndlovukazi uMaNtisi yayinesibindi esiyisimanga   , amabutho ayo kuthiwa ayehleleke ngendlela eyisimanga. Akhumbuleka kahle empini eyaziwa ngokuthi “Ntwa ya Dipitsa” nokuyimpi eyabe iphakathi kwabo abaTlokwa bakaMaNtantisi nabeSuthu beNkosi uMushweshwe . Impi yenkosi uMushweshwe yatheleka eNtabazwe lapho kwakuzinze khona abaTlokwa inethemba lokuthi iyofike izidlele amahlanga, kanti qha, iyozithela kumalunda izichome  . Basukuma abaTlokwa bazilwela , zanqikilana zaze zabukana , kwephuka nezinti zemikhonto kwagcina kujikijelwana ngamabhodwe . Kuyileso sizathu le mpi ibizwa ngokuthi “Ke Ntwa yaDipitsa” nokuchaza ukuthi “Impi yaMabhodwe noma Impi yeziMbiza” . Ngesilungu le mpi ibizwa ngokuthi yiBattle of Pots.  INdlovukazi uMaNtantisi kwahamba kwahamba yagcina isinenduku yayo yamagwala,isigibela

INkosi u-Somkhele Mkhwanazi 

  Awu sukanini nanso- ke iNkosi yaBakhwanazi madoda iNkosi uSomkhele kaMayanda kaVeyana (IMboza) okwaqanjwa ngayo indawo yakwaSomkhele. INkosi uSomkhele yayinguMshana weSilo sakwaNodwengu iSilo uMpande kaSenzangakhona. Unina weNkosi uSomkhele kwakunguMntwana uNtikili kaSenzangakhona . Ngakho-ke iNkosi uSomkhele yayithathwa njengoMntwana ngoba unina wayezalwa ebukhosini bakwaZulu. Kuyileso sizathu-ke iNkosi uSomkhele yabuthelwa ibuthweni laMamboza nokwabe kuyibutho elalande kakhulu aBantwana beSilo uMpande . Umuzi weNkosi uSomkhele kwakukwaNomathiya nokuyilapho kwazalelwa khona iNkosi uMtubatuba kaSomkhele (uFalaza) . INkosi uMtubatuba yiyona eyalandela uSomkhele esihlalweni sobukhosi . ISilo uMpande sona sasizalwa intombi yakwaHlabisa uSongiya indodakazi kaNgotsha Hlabisa . INkosi uVeyana yona yayibuye ibe ngenye yezinduna zeNkosi uDingiswayo , yayihola ibutho elalaziwa ngokuthi yiNingizimu . # Khumu!    

Kubheka

Khathide Masobode, Wena owasobodela udlubu nokhasi, Mgwaqo awedlul’esibayeni, ngoba kuvalwe ngamakhanda amadoda, Mbend’ebomvu enjengetolwane, Boya obuningi obungangenyathi, Mbokod’ebomvu kaMagayiza esunduza abeSuthu namaNdebele, Sicabha esihle esakhothwa izinyoni zakwaKhathide, Som... qhubeka ufunde »

Ngubane

Mbovu, Somahhashi Nyoniyezwe Nomafu,Myaluza, Ngcukumane, Zikode elimhlophe, Matomela, Nzombane,Ngogozabantu, Nomasikisiki,nyon’esindwa isisila sayo, Ndoda kaNyamazane, KaSodlelezi esadl’amabele amhlophe sawashiya nenkehlane, Ngcingcw’ephuza kwezid’iziziba, Uma ingaphuza kwezimfushane umlomo ... qhubeka ufunde »

Nzimakwe

Phehlukwayo Chenge Mbumba Nyawo zimhlophe Joba

UNdunankulu uMankulumana kaSomaphunga

Awu sukanini madoda nango-ke u-Mankulumana kaSomphunga Ndwandwe uPrime Minister (uNdunankulu) wakwaZulu ngesikhathi seNgonyama u-Mamonga woSuthu.   Kulesi sithombe simbona ekakwe izinduna zaseMkhontweni. Leli qhawe lalibuthelwe ebuthweni uMbonambi onduku zibomvu igazi. Labuthwa ngesikhathi seNg... qhubeka ufunde »

Maphanga

Mnguni, Qwabe, Gumede, Mnguni kaYeyeye, Osidlabehlezi bakaKhondlo kaPhakathwayo, Abathi bedla, babeyenga umuntu ngendaba Abathi “dluya kubeyethwe”, Kanti bahlinza imbuzi, Bathi umlobokazi ubeyethe kayikhuni, Sidikida lolodaba, Phakathwayo! Wena kaMalandela, Ngokulandel’ izinkomo zamadoda, Amaz... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!