Umlando ngoMntwana uShinganaka Mpande ka Senzangakhona: UMntwana uShingana wayezalwa yiSilo sakwaNodwengu , iSilo uMpande ka Senzangakhona . Kuthiwa wazalwa ngenkathi uYise uMntwana uMpande ewela uThukela ngo 1839,ephikela emaBhunwini ka Andries Pretorious , uNgalankulu. Kwakungenkathi uMntwana uM... qhubeka ufunde »
Umlando ngabakwaDlamini{Indlu yaseMakhuzeni} Abantu bakwaDlamini bangabaNguni baseMbo ngokwezigaba zabaNguni . Njengokuchaza kwethu ngokwedlule ngenkathi sichaza indlu yenkosi uNyanya, isibongo sakwaDlamini sikhulu kakhulu kangokuthi abantu bakwaDlamini baze baphikane bathi abahlobene,ngenxa ... qhubeka ufunde »
Umlando ngeqhawe lakwaMpungose , uBaleni ka Silwane. UBaleni ka Silwane wakwaMpungose wabe engelinye lamaqhawe eSilo sakwaNodwengu , iSilo uMpande ka Senzangakhona ka Jama. Wayebuthwe yisona iSilo uMpande , simbuthela ebuthweni loDloko , ngo 1858. Izinsizwa zebutho loDloko zazizalwe ngo1838 ,... qhubeka ufunde »
Umlando ngenkosi uDube ka Silwane yamaQadi Inkosi uDube ka Silwane yabaseMaqadini yabusa ngesikhathi sokubusa kweziNgonyama oShaka noDingane. AmaQadi ayindlu yakwaNgcobo , baphuma kuNgothoma ka Dingile ka Ngcobo ka Vumizitha {esimazi kakhulu ngelikaVumezitha}. Uma uMnumzane eganwe yisithembu , inkos... qhubeka ufunde »
AbakwaDlamini-Malandela. Isibongo sakwaDlamini singesinye sezibongo ezinkulu kakhulu kuleli leNgabade , kanye nakuyo yonke iAfrika esemazansi. Lesi sibongo siyatholakala lapha kwelakwaZulu, siyatholakala eSwazini (okuyilapho sinobukhosi baso obukhulu khona), siyatholalaka naseNingizimu yezwe laseZ... qhubeka ufunde »
Izithakazelo ezifanayo\Amagama afanayo Ukufana kwamagama abantu akuyona into eqala manje , kuyinto ekade yaqala , eyaqala endulo . Abantu abaningi bayadideka olibweni lakwabo ngenxa yokufana kwamagama. Umuntu ugcina esezihlobanise nesibongo angahlobene nhlobo naso . Kubalulekile ukwazi amagama oKh... qhubeka ufunde »
Imizi yamakhosi akwaKhumalo: Imizi yenkosi uMashobana kwakuseNsingweni, eNyandeni kanye naseNdinaneni Yonke le mizi yayakhelwe eMkhuze. Omakhalelwane benkosi uMashobana kwakungabakwaNxumalo ababakhe ngasentatshaneni iTshaneni. ENdinaneni kwakukwabo Mzilikazi . Inkosi uMashobana yayizele kakhulu amadodakazi , esingabala kuwo oNtanase ;Ngiyalila,Nozipholo,Nozinhlwathi nabanye. Yebo nezinsizwa zazikhona kodwa kwalwande kakhulu izintombi. ENsingweni kwakukwabo Mdleleni owagcina engukhokho wabakwaNyawose. Inkosi uMashobana yayizalwa inkosi uZikode kaMkhatshwa. Yona-ke yazala uMzilikazi owawugqamisa kakhulu umlando waMantungwa . Umuzi wenkosi uBheje kwakuseTsheni likaBheje. Lo muzi wawakhe endaweni yaseNgome. Inkosi uBheje yayizalwa inkosi uMagawozi kaZikode umfowabo Mashobana kaZikode. Inkosana yenkosi uZikode kwakunguGasa kaZikode owazala uMagugu , uDonda noSiwela. USiwela ungukhokho waMantungwa akwaNdlangamandla. Umuzi wenkosi uDonda kwakuseZizibeni. Lo muzi wakwakhe ngaphezu komfula iSikhwebezi . Kusuke kushiwo wona lo muzi uma kuthiwa kumuntu wakwaKhumalo ‘Donda weZiziba’. UDonda wayazalwa nguGasa njengoba besengishilo. Yena wazala uMaqandela. Umuntu owawwugqamisa kakhulu umlando waMantungwa kulendlu kaDonda nguMahlangeni kaGawozi Khumalo owabe eyimbongi yeSilo uCetshwayo kaMpande. UMahlangeni wasala empini yaseMsebe ngowe 1883 empini
read moreAbantu bakwaNkuna baphuma kubantu bakwaKhumalo . Isizwe sakwaKhumalo ngesikhathi seNkosi uDingiswayo sasakhe eBabanango kuhambe njalo kuze kuyofika koNondweni. Inkosi uMagugu ka Gasa eyayibusa abakwaKhumalo ngaleso sikhathi . Kuhambe kwahamba kwagcina kudaleke obunye ubukhosi ngoba oMashobana ka... qhubeka ufunde »
Abantu bakwaNtshembeni kusengabantu bakwaKhumalo . Ngakho-ke nabo bawela esigabeni saMaNtungwa Nguni ngokwezigaba zabaNguni . Babuye babe ngaMantungwa ngokobuzwe , bakanye nabo abakwaKhumalo , abakwaMabaso , abakwaNyawose , abakwaNyandeni kanye nabanye. UNtshembeni okwaqanjwa ngaye isibongo wayeyind... qhubeka ufunde »