Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

Ama-categories

Imithi yesintu (Izincazelo nezithombe)

Luthuli

Izithakazelo nomlando wakwaLuthuli  Abantu bakwaLuthuli badatshulwa nguZakwe owazala uMavela yena wazala uLuthuli yena wazala uMadlanduna,uMadlanduna wayenamadodana amabili uNkomo noDole.Emandulo kuthiwa abantu bakwaLuthuli babengabantu besibongo esisodwa nabantu bakwaNgcolosi.Babakhelane nesiswe samaQadi(Ngcobo)ngase Siweni Samanqe.Kuthiwa nabo bangaMalala njengabantu bakwaNgcobo, Ngesikhathi sokubusa kweNkosi uShaka abantu bakwaLuthuli babebuswa nguMashiza indodana kaMavela kaNkomo.Kuthiwa uShaka akazange abahluphe laba bantu kodwa umuntu owaba luhlupho kubona kwaba yinkosi yakwaQwabe uPhak... qhubeka ufunde »

Molefe

Umlando ngesibongo sakwaMolefe Abantu bakwaMolefe bangabeSuthu abangabaTlokwa.AbeSuthu bahlukaniswe izigatshana,kukhona abaKgatla,abaHurutsi,abaKwena,abaFokeng nabanye abaningi .Bonke abeSuthu baphuma kuBafokeng.AbaTlokwa baphuma kubaKgatla nabo abaKgatla bephuma kubaHurutsi,abaHurutsi bephuma kubaF... qhubeka ufunde »

Mncwabe

Izithakazelo nomlando wakwaMncwabe Lo mlando ucashunwe encwadini ka Senzo Maswidi Mbatha esihloko sithi’Ziphuma eguleni.Abantu bakwaMncwabe sibathola endulo bezinze ngasoThukela endaweni eyaziwa ngokuthi kuseMpofana.BangaBambo Nguni ngokwezigaba zabaNguni, imvelaphi yabo ikubantu bakwaDlamini ... qhubeka ufunde »

Shongwe

Izithakazelo nomlando wakwaShongwe Abantu bakwaShongwe bangabeNguni baseMbo ngokwezigaba zabaNguni.Imvelaphi yabo ixhumene neyakwaDlamini,Shabalala ,Kunene,Mavuso nezinye.Ngenkathi befika kuleli eliseAfrika eseMazansi bafika bazinsa lapho sekuyizwe laseSwazini khona.Babekade beqhamuka enhla nezwe nj... qhubeka ufunde »

Hlongwane

Umlando ngesibongo sakwaHlongwane Abantu bakwaHlongwane ababuye babizwe ngokuthi bangaMangwane bayisizwe eaikhulu kakhulu,futhi esinomlando onothe kakhulu,futhi omude kakhulu.Isibongo sakwaHlongwane sisuselwa egameni lenkosi yaso inkosi uLuhlongwane kaSangolibazi eyabe iphila eminyakeni yama 1200 ng... qhubeka ufunde »

Khambule

Izithakazelo nomlando wabantu bakwaKhambule. Abantu bakwaKhambule noma Nkambule kusengabantu bakwaNcube.Laba bantu baphuma esendeni lika Khambule kaSiyobi wakwaNcube okwathi ngokuhamba kwesikhathi lonke uzalo lwakhe lwazibiza ngokuthi lungolwakwaKhambule.Imvelaphi yabantu bakwaNcube isebaSuthwini bo... qhubeka ufunde »

Mkhwanazi

Izithakazelo nomlando wakwaMkhwanazi Abantu bakwaMkhwanazi imvelaphi yabo isenhla nezwe njengabo bonke abaNguni.Ngokwezigaba zabaNguni bona bangaMalala Nguni.Ngenkathi befika kwelakwaZulu babekade beqhamuke eSwazini.Ngaleso sikhathi elakwaZulu kwakusengelalwaMthethwa. Kwakubusa inkosi uKhayi nokuyiy... qhubeka ufunde »

Cele

Izithakazelo nomlando wakwaCele Abantu bakwaCele bangaMalala Nguni ngokwezigaba zabaNguni.Lesi sibongo sakwaCele siphuma kwesakwaMthethwa.Ize lezi zibongo sezigana manje manje,eqinisweni ziyizihlobo zegazi,akumele ukuthi ngabe ziyaganana.Ukhokho wabantu bakwaCele nguMadango kaNdunakazi kaMthethwa ka... qhubeka ufunde »

Nxumalo

Umlando ngesibongo sakwaNxumalo Abantu bakwaNxumalo bayingxenye yabakwaNdwandwe , bayindlu encane yakwaNdwandwe. Nabo bangabaMbo Nguni ngokwezigaba zabaNguni njengabo abakwaNdwandwe.Lendlu encane yakwaNdwandwe ingeyesende likaManukuza umfowabo kaMavuso kaLanga wokuqala owayebuye abizwe ngokuthi nguM... qhubeka ufunde »

Ngema

Izithakazelo nomlando wakwaNgema  Lo mlando ucashunwe encwadini kaSenzo Mbatha ethi Izibongo zakwaZulu.Ukhiwe phezulu. Abantu bakwaNgema bangabaNguni abawuhlobo lwabaNtungwa Nguni ngokwezigaba zabaNguni.Laba bantu bakwaNgema babuye baziwe ngokuthi bangabaseMangadini.Kanti futhi laba bantu kusengaba... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!