Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

Ama-categories

Imithi yesintu (Izincazelo nezithombe)

UMxhamama ka Soshaya Sibisi

UMxhamama ka Soshaya Sibisi Nina abakaGawu bazawuliluma bazawuliphimisa bakhumbule amaGawu abebesi!Ngethemba nisaphila nina beSilo.Esithombeni umfowethu uMhlonishwa Sibisi oyiNtatheli.Ngokusho komlando obhalwe phansi abantu bakwaSibisi kuthiwa badatshulwa nguMlotshwa obuye abe uKhokho wabantu baseMancubeni.Yena uMlotshwa kuthiwa wayeluqhamukise kwelabeSuthu abaziwa ngokuthi bangaMakgwakgwa ba ha Mahlatsi abaseyingxenye yaBahlakwana.Ngokusho kwabo abakwaSibisi bathi bona bayizingxenye ezimbili.Bathi kukhona ingxenye yeZibisi zakwaButhela kanye neZibisi zakwaMahlase.Ngesikhathi sokubusa kweSilo ... qhubeka ufunde »

IKlwa (iJozi)

IKlwa  (iJozi) Nina abakaGawu bazawuliluma bazawuliphimisa bakhumbule amaGawu abebesi.UHlabahlungu bazoshumayezana abasezitheni nabasemakhaya.Inkomo eyakhala  eMthonjaneni izizwe zonke zayizwa ukulila.Ngethemba basaphila abeSilo.Ake sixoxe kancane ngohlobo lomkhonto olubizwa ngokuthi yiKlwa,olubuy... qhubeka ufunde »

Madlala

Umlando ngabantu bakwaMadlala UNjenje wazala,uSomagodla ozihasho zithi ‘Somagodla owagodla ingwe nengonyama’.Yena wazala,uSozabe owazala,uNengu noMajola.UNengu wazala uQoma owazala uZamisa,uZamisa wazala uGodongwana,uGodongwana wazala uMashaba.UMajola wazala uGaju owazala uNdlovu noMatom... qhubeka ufunde »

Sabela

Umlando ngesibongo sakwaSabela  Abantu bakwaSabela baphuma eMthandeni kubantu bakwaQwabe,umuntu abaphuma kuye kwaQwabe nguNomo indodana yenkosi uKhondlo ka Mncinci.UNomo kusengumuntu oyedwa noSomnomo.Kwahamba kwahamba uNomo wagcina esebizwa ngokuthi unguSabela. Amanye amadodana enkosi uKhondlo kwak... qhubeka ufunde »

Mathaba

Izithakazelo nomlando wakwaMathamba(AbaseMacambini)   Abantu bakwaMathaba ababuye baziwe ngokuthi bangabantu baseMacambini bangaMalala Nguni ngokwezigaba zabeNguni.Sibathola bakhe ngasemfudlaneni iNyalazi beholwa nguMathaba uqobo.Kwathi ngemuva kokukhothama kwenkosi uMathaba ubukhosi bawela kwindla... qhubeka ufunde »

Langa

Izithakazelo nomlando wakwaLanga Lo mlando ucashunwe encwadini kaSolwazi esihloko sithi ‘Izizwe zamakhosi akwaZulu,uMqulu 3’. Abantu bakwaLanga bangamaNtungwa Nguni ngokwezigaba zabeNguni.Laba bantu bakwaLanga bakanye nabantu bakwaKhanyile. Babuye bahlobane nesizwe sakwaMajola,Mchunu,Zulu,Qwabe,... qhubeka ufunde »

Luthuli

Izithakazelo nomlando wakwaLuthuli  Abantu bakwaLuthuli badatshulwa nguZakwe owazala uMavela yena wazala uLuthuli yena wazala uMadlanduna,uMadlanduna wayenamadodana amabili uNkomo noDole.Emandulo kuthiwa abantu bakwaLuthuli babengabantu besibongo esisodwa nabantu bakwaNgcolosi.Babakhelane nesiswe s... qhubeka ufunde »

Molefe

Umlando ngesibongo sakwaMolefe Abantu bakwaMolefe bangabeSuthu abangabaTlokwa.AbeSuthu bahlukaniswe izigatshana,kukhona abaKgatla,abaHurutsi,abaKwena,abaFokeng nabanye abaningi .Bonke abeSuthu baphuma kuBafokeng.AbaTlokwa baphuma kubaKgatla nabo abaKgatla bephuma kubaHurutsi,abaHurutsi bephuma kubaF... qhubeka ufunde »

Mncwabe

Izithakazelo nomlando wakwaMncwabe Lo mlando ucashunwe encwadini ka Senzo Maswidi Mbatha esihloko sithi’Ziphuma eguleni.Abantu bakwaMncwabe sibathola endulo bezinze ngasoThukela endaweni eyaziwa ngokuthi kuseMpofana.BangaBambo Nguni ngokwezigaba zabaNguni, imvelaphi yabo ikubantu bakwaDlamini ... qhubeka ufunde »

Shongwe

Izithakazelo nomlando wakwaShongwe Abantu bakwaShongwe bangabeNguni baseMbo ngokwezigaba zabaNguni.Imvelaphi yabo ixhumene neyakwaDlamini,Shabalala ,Kunene,Mavuso nezinye.Ngenkathi befika kuleli eliseAfrika eseMazansi bafika bazinsa lapho sekuyizwe laseSwazini khona.Babekade beqhamuka enhla nezwe nj... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!