Nina abakaVezi ngimfumane bemzila ngafike ngamudla kanti ngizifaka iLoyi esiswini! UMbombosh’omnyama uMgabadeli owagabadela inkundla yakwaBulawayo! UMancwaba wezwe lamaphethelo lona lincwaba ngemikhemezelo! Inkomo eyabuya yodwa kawaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeZulu eliphezulu. Cha , thina sisaphila eMantungweni . Nina beSilo ake sibheke umlando weSilo saseMgungundlovu , iSilo uDingane ka Senzangakhona.
ISilo uDingane .
Nina beSilo njengoba besengishilo ngenkathi ngichaza ngomlando wenkosi uSenzangakhona , iSilo uDingane sizalwa yinkosi uSenzangakhona kuNdlunkulu wesithupha wenkosi uSenzangakhona , uMpikase ka Mlilela waseMaqungebeni , kwaNgobese. Liyavela igama likaNdlunkulu uMpikase ezibongweni zeSilo uDingane uma kuthiwa “uVezi yisizwa kubi , angahlal’athath’iSihlangu asihlom’uMgobo! Ame ngaso emnyango kwaMpikase , nakwaBhibhi, kuze kuse evevezela ! Engasalalanga nabuthongo! “. UBhibhi lona othintwa kulezi zihasho naye wabe engomunye wamakhosikazi enkosi uSenzangakhona, wayengowakwaNtuli. Yena -ke wazala uMntwana uSigujana. ISilo uDingane sakha umuzi waso omkhulu waseMgungundlovu , ngaseMakhosini. Kuthiwa uMgungundlovu wabe umuhle kakhulu , ubiyelwe kahle , uthango lwawo luhlotshiswe ngendlela eseqophelweni eliphezulu. Bayawuncoma impela ababhali bangaphambili abafana noJames Stuart , oBryant njalo njalo .
ISilo uDingane etulweni lokusoconga iLembe.
Kuyaziwa ukuthi iLembe , iSilo uShaka yisona esakha uZulu sawukhulisa wadlondlobala waba yiSikhondlakhondla sesizwe esisibona siyisona namuhla. Ngesikhashana nje esincane kusukela ngowe 1816 kuya kowe 1828 iSilo uShaka sakha uZulu wakhula waba yiNqaba . ISilo uShaka sakhothama ngowe 1828 ngesandla sabafowabo aBantwana oDingane , uMhlangana kanye noMntwana uMbopha kaSithayi waseGazini. Kuyavela ukuthi okwabe kunguyena uNgqondongqondo etulweni lokusoconga iLembe kwakunguMntwana uMkabayi ka Jama,uBabekazi weLembe. Kuthiwa mhla kukukhothama iLembe , lona iLembe lalikade liphake impi ukuba iyohlasela kwaSoshangane lena eMuzambikwe. Kuthiwa aBantwana oMhlangana , oDingane noMbopha nabo babeyingxenye yaleyo mpi, kodwa kwathi isahambe ibangana banyomuka kuleyo mpi , baphindela KwaDukuza lapho bafica khona iLembe liseSibayeni , lingaqashiwe , balisocongela khona eSibayeni. Leso senzo saBantwana satholisa uMntwana uDingane izihasho ezithi “Uyinkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe!”.. Zibuye zithi “UnguQambi lankomo ukuba zilahlekile ziyokufa uMdlebe kwaSoshangane!”. Zibuye zithine neSigodlo seLembe sakwaBulawayo uma zithi” UMgabadeli owagabadela inkundla yakwaBulawayo”! Impi yeLembe yayiholwa nguNdunankulu uMdlaka ka Ncidi wakwaNtshangase . Kuthiwa ingxenye enkulu yempi yeLembe yalunywa kakhulu uNakane kwagcina kusale amabutho amaningi khona kwaSoshangane. UNakane wuhlobo lwezibawu olwaluxake endulo, okuthiwa lwaluluma umuntu noma isilwane sivele siphathwe yisifo seNagana Disease. Kuthiwa umuntu owayephathwa yileso sifo zazingapheli izinsuku ezintathu esaphila. Kulezi zinhlamu zezibongo zeSilo uDingane igama lezinkomo libhekiswe kumaButho asala kwaSoshangane ebulawa uNakane. Sebelisocongile iLembe , uMntwana uDingane wabulala aBantwana oMbopha kanye noMhlangana ngoba babemi endleleni yakhe yoBukhosi. Kuthiwa yonke imiyalelo yayiphuma kuMntwana uMkabayi.
Ukubusa kweSilo uDingane.
ISilo uDingane yisona esalandela iLembe esihlalweni soBukhosi bukaZulu. Ize saqhubeka ngamabutho eSilo uShaka, kodwa sabuye sabutha nawaso amabutho. Amabutho esawabutha singabala uMkhulutshane owawubandakanya oMasiphula ka Mamba , uSigananda ka Zokufa , uMnyamana ka Ngqengelele kanye nabanye . ISilo uDingane sabuye sabutha nebutho le Hlaba okwakukhona kulo uNgoza ka Ludaba wakwaMajozi . Sabuye sabutha noKhothikhothi , sibale nje ambalwa. Kuthiwa sabusa kusukela ngowe 1828 kwaze unyaka ka 1840 okungunyaka esakhothama ngawo . ISilo uDingane sabusa ngesikhathi esibi lapho amaBhunu ayeseqalile ukubonakala ezizweni zabantu abansundu kuhlanganisa nawo uZulu. Kuthiwa iSilo uDingane sasingawafuni amaBhunu, sasiwazonda. Kuzokhumbuleka ukuthi iSilo uDingane yisona esabulala iBhunu uPiet Ritief nabangane bakhe .UPiti kwaqanjwa ngaye iDolobha laseMkhondo , iPiet Ritief. UPiet kanye nabangane bakhe kuthiwa babulawelwa eSibayeni eMgungundlovu ngemuva kokubhandanywa ngoGqayinyanga bezama ukukaka iSigodlo saseMgungundlovu eBusuku. UPiet noGerit Maritz kwaqanjwa ngabo iDolobha lasePietermaritzburg elibuye laziwe ngoMgungundlovu. IDolobha laseMgungundlovu aliqanjwanga ngoMgungundlovu weSilo uDingane. Ngo1838 mhla ziyishumi nesithupha kuZibandlela kwaqubuka enkulu impi phakathi kukaZulu namaBhunu. Leyo mpi yalwa eNcome , kuleyo mpi amaBhunu ayefuna ukuziphindisela ngokubulawa koPiti . Leyo mpi namuhla yaziwa ngokuthi yiMpi yaseNcome. Impi ka Zulu yayiholwa nguNdunankulu kaZulu uNdlela ka Sompisi Ntuli esizana nesekela lakhe uNzobo ka Sobadli wakwaNtombela . EyamaBhunu yona yayiholwa nguAndries Pretorious . Akucaci kahle ukuthi ngubani kahle-hle owadla umhlanganiso eMpini yaseNcome ngoba oSomlando basho imiphumela eyehlukene. Kwathi ngonyaka ka 1839 kwaqubuka ingxabano phakathi kukaMntwana uMpande ka Senzangakhona noMnewabo iSilo uDingane. Leyo ngxabano yaholela ekutheni uMntwana uMpande nabaladeli bakhe bawele uThukeka baphikelele kwelamaBhunu bayokhosela . Kwathi ngonyaka ka 1840 kwaqubuka enkulu impi phakathi kweSilo uDingane noMntwana uMpande . Kuthiwa impi kaMntwana uMpande yalekelelwa ngamaBhunu, kuthiwa yayiholwa nguNongalaza ka Nondela Mnyandu esisazobuye sixoxe ngaye . Le mpi yalwa mhla zingama 29 kuMasingana 1840 , yaziwa ngokuthi yiMpi yaseMaqonqo. AMaqonqo izintatshana ezimbili ezangamele umfula uPhongolo. UMntwana wawudla umhlanganiso.Ngemuva kokwehluwa kwaso iSilo uDingane sathubeleza sabheka enyakatho , sagcina sikhothamele esizweni sakwaNyawo , eNgwavuma nokuyilapho iDlinza laso likhona. Wahlala kanjalo uMntwana uMpande eSihlalweni soBukhosi bukaZulu, kusukela ngowe 1840 , kwaze kwaba u 1972 . ISilo uMpande salandelwa yindodana yaso , iSilo uCetshwayo ka Mpande. AmaBhunu athi uma esebona ukuthi iSilo uDingane sasesilugobile uphondo, agijima aphikelela eSigodlweni uMgungundlovu ngaseMakhosini , afike asingqongqisa ngomlilo. Ngemuva kwalokho aphindela eSilungwini afike aqamba umuzi wawo iPietermaritzburg ngoMgungundlovu , ebhinqa iSilo uDingane ngoba ayesesehlule , ashisa neSigodlo saso.
Izibongo zeSilo uDingane ka Senzangakhona .
IMbongi uMagolwana ka Mkhathini Jiyane
UVezi uNonyanda uMgabadeli
Owagabadel’inkundla yakwaBulawayo
Odonswe ngezintab’ezimakhelekethe
UVezi wakwaSimangalunyawo
UMbombosh’omnyama
UVemvane lukaPhunga noMageba
UVemvane olumabal’azibhadu
Ngibe ngiyalithinta lwahwaqabala
LunjengoPhunga waseBulawini
LunjengoVuma kubangoma
Obuz’amanz’eMbozamo andukuwela
Amanz’eMbozam’;osal’ebabaza
Owel’iMbozamo ngumtakaJama
Wawel’iMbozamo kwash’iziziba
Ebegez’uDukuza neNkinsimana
Beyigeza bebheke kithi kwaZulu
Nanamuhlanje abanini beMbozamo
basamangele
Kumangel’uManqondo wakwaShiyabanye
Kwamangala uPhampatha wakwaNkinsimana
Isizib’esiMavivana Dingane
Isiziba esinzonzo sinzonzobele
Siminzise umuntu ethi uyageza
Waze washona nangesicoco
Ngobucoco ngimbonile
Ubephuma laphaya kwaSodlabela
UNgama yena waseMaphiseni angavuma
Uqambi lankomo
Ukuba zilahlekile
Ziyakufa uMdlebe kwaSoshangane
Ezinye ziseMatikhulu
Ezinye ziseMkhumbane
INkone ethi isenkone kwephuk’isihlalo
UGwebhesh’ongamanz’okuhlalela
UNomashikizela
Umashiyimpi yakhe
UMziziny’ungamathunz’ezintaba
UFipha luyindlov’enamanxea
ULuhlaza lwangayinyongo yenyamazane
UMhlophe owakhanya ukusa kwadabuka
Wangangabazigeli bakwaMavela
Ababezingela izimbongolwana
USela lintongande lawoBaleka
Lithabathe umshiza lawetshatha
Liyakugalela ngawo emaNkenganeni
INdlov’ekulala kungqwambayiya
Ezinye ziyalala ziyathokoza
UMvusi omnyama wawoSikhakha
Ovusel’abantu ukuhlatshwa
INkom’ekhal’osizini kwaNhlapho
Umlomo yawubhekisa kithi kwaZulu
Izizwe zonke ziyizwil’ukulila
Yezwakala kuNhlapho kwaMlambo
Iye yaziwa ngamaNtungwa akwaSokhumalo
AmaNtungwa odwa esab’ukumehlela
IZichwe uVezi azimhlabanga eya phambili
Zalibala ukumbuka izinyawo
Zathi ziyakumhlaba esegoduka
Kuth’esegoduka zase zilibele
Ukubamb’izingxangx’emfuleni
Bantu ninemihlola ngaseNsingweni
Gijimani niyotshela abakwaMashobana
Nifike nithi lukhulu luyeza luyanyelela
Silufanisa noNdaba wawoBayeni
Silufanisa noPhunga noMageba
AbakwaMashobana belelesile
Bazibukule itshe linemamba
Sebejiyelwe nokulisibekela
Ohlangane nodwendwe lwamaQhikiza
Wadla uNginani kuMakhosazana
Wadla uNgiyalile kuMakhosazana
Wadla uNozipholo engowaseNdinaneni
Wadla uNtasane noNozinyanga
kwaMashobana
Wathi bayobona inkundla
yakith’eMgungundlovu
Wadla uMahabulangweb’isashisa
kwaMashobana
Wadla uNsizwazana unina kaMzilikazi
kwaMashobana
Wadla uKhwababa-esambath’impaka
kwaMashobana
Wadla uMlomodlelememaveni njengembuzi
kwaMashobana
Wadla uMhlane beleth’igudu kwaMashobana
Wadla uMlomo wezinqaba kwaMashobana
Wadla uGundane kumitha kwaMashobana
Wadla uNkomo ikulala kulukhuni khona
kwaMashobana
Ngikhuluma nje nanamuhla
Akuphekwa kwaMashobana
UMashewulana ongazembe loMlungu
Ubengababele lutho kwaMashobana
Ubeyocel’inkwelo eMhlahlandlela
Ethi kumbe bangamtsheleka
Isihlangu sikaMzilikazi
Sasal’entaben’ende yeMpama
Sesiswele nendoda esithathayo
UMancwaba wezwe lamaphethelo
Lona lincwaba emikhemezelo
UVezi bath’umoya mnandi
Ngokunuk’inyama
UBhungebhu ongaboya bengonyama
UVezi uyadla’umhlane uvele
Ngokuswel’iqoq’elimsithayo
IZibuko likaNdaba
Elimadwala abushelelezi
Lashelel’uPiti nendodana
Owadla uPiti kumaBhunu
Wamudla wamshwabadela
Odle uMzibhelibheli kumaBhunu
Wadla uPhuzukuhlokoza kumaBhunu
Wadla uHwahwini kumaBhunu
Wadla uJanomude kumabhunu
Wadla uJanejembuluki kumaBhunu
Wadla uMazinyansakansaka kumaBhunu
Wadla oSisini kumaBhunu
Wamfimfitha wamkhafula
Wathi bayababa kabananyongo
Kabanamehlo
Wadl’iMihloph’emibili
Omunye kunguPiti
Omunye kunguNoziwana
UMkhwamude wangisik’isilevu
Usungulo lwangithunga impumulo
INdiha lebabayo enjengebhaha
Sona simababa kuMahashanga
UVezi ngimfumene bemzila
Ngafike ngamudla
Kanti ngizifaka iloyi esiswini
Vezi!
Kof’abantu
Kosal’izibongo
Yizona zosala zibadabula
Yizona zosala zibalilela emanxiweni
UJonono ongantonga yezulu
Ibhaka lamanzi lawoNdikidi
Lisibekel’izinkomo zamaSwazi zanyamala
NoNgwane kaZikode wanyamalala
Ofingq’amehlo ethunzi lentaba
Wangangabazingeli bakoNogenya
Abazingel’izimbongolwana
USobathintela !
UMalamlela !
Owalamulela abafazi namadoda
Walamulela izintombi namasoka
IMbuzi kaDambuza benoNdlela
Abayibambe ngendlebe yabekezela
AyinjengekaMdlaka ngaseNtshobozeni
Yona ayibambe ngendlebe
Yadabula yaqed’amadoda
Obhambathe iNgome iphezulu
Izinkomo zikaBheje zaphuma zamlandela
Ziphume zinqini zonkana
Wadl’Mabhede kwelikaBheje
Wadl’uNgazana kwelikaBheje
Wadl’uMabelengiphela koNtshosho
UPheqe ongakumana kwamaqhikiza
UMsuthu owadla izinyosi zemukela
Abanye bezidla ziyazalela
UVezi owadl’ezivezayo emaZimeleni
Owadl’ezikaMananga nezikaMandeku
Wadl’ezawoMagcekeni kwaNonkokhela
Wadla nezasoPhondweni emaZimeleni
IDingwa lezinkomo zawoButhikazi
NezawoNomaphela
UBhaxa liyakhula
Bayasola baphathela
NabawoNoqongqo nabawoDladlama wakwaMajola
Ithole elinsizwa lakokaDonda
Elihamba liwakhahlela
Amanye amathole
Izingazi zaphuma ngezimpumulo
Ngoba lakhahlela elakwaBulawayo
Lakhahlela uMagaye kwaDibandlela
Lakhahlela uNzwakele kwaKhushwayo
Lakhahlela uMadlanga wasEkuvukeni
UMakhonjwa ngendololwane
Konj’imininwe izakukhomba abanjani
UMshingili ongaziNdlovu
Zihlatshwa ngabanini mahlanga
Obeyaye ngapho wabalekelwa
Ngokuswel’iqoq’elimsithayo
UMkhont’owadum’ekuseni eSwazi
Wadl’uNdomba induna kaMswati Swazini
Wadl’uGebhuzizulu ezinduneni zikaMswati
Wadl’inceku kaMswati uNdibindwane
Edl’iminkantsha
Wadl’uNzimanzana eLudidini
Wadl’uHhohho eSwazini
Wadl’uSiphika eSWAZINI
Wadl’uPhambana nabahluzayo
Wadl’uNoziwawa
UBhelekeqe ungayinkomo ekHALIMAYO
Kungathi bayibangile nabakwaZulu
Umpha nkomo inabele
Umgud’ungazindlelaeziya eNhlangeni
Sigquma khuluma bawuzwe umoya
Abasezitheni nabasemakhaya
USigquma kakhulumi kanamlomo
AkanjengoDlondlwane lwakithi kwaBulawayo
Lona olwaqed’umuzi ngokunkenkeza*
Owamemez’amaNTUNGWA akwaSOKHUMALO
Kwasabel’uMdleleni kwasabela uMakhatha
UMalunguza izindonga kandukuwela
Ogeze izandla zaze zomel’eBandla
Ngokuba nhliziyonhl’emadodeni
INzima leyikwena koMkhumbane
Khona kwena kungafakwa lunyawo
Ugaga ngamanzi angawes’umlomo
Amanzi odwa asal’ebabaza
Mlung’ungapheshela komfula
Omunye enganeno
KukaMpehlela noMaqhwakazi
UNdaba ungithume phezulu
Ngabuya ngaqangqatheka
Ngalala ngidlile nangakusasa
Nangolwangomhlomunye
Gijimani ngazo zonke izindlela
Nime phezu kwamadwala
Niyobikela uNsimbini noMahlakeza
Ukuthi kabamazi uVezi
Ukuthi yiNsizwa kubi
Angahl’athathe isihlangu
Asihlom’umgobo
Ame ngasemnyango kwaMpikase
NakwaBhibhi kuze kuse evevezela
Engasalalanga nabuthongo
Idadane belimzimba muhle*
Nangendlala enkulu
INdlandlama yakithi eMgungundlovu*
Inkone evele ngobuso eMantiyane
Yadla ezawoGuluzana kaManaba
Uvivi lungamnyama wokusa
Uyishaye iziyingi
Phesheya kweMpofana
Kwasabel’uSithungu noSithulu
Bathi zishaye ngezelongwe
Zibizwa yinduku yeThusi
Yakithi eMgungundlovu
UPhondo lwendlovu uMashiqeka
Belushiqel’Mandlanga ngasoFasimba
Inhlabathi yoNdi noKhahlamba
Ngifice abakwaMalandela beyihlela
Nami ngafika ngahlala phansi ngahlela
ISilwan’esibanga izililo
SakokaMlilela
Samxosh’uMzilikazi
Sayombeka lapho ilanga
Lingashoni khona
Wadl’uNkayishana kaMashobana
Wadl’uNokufa emakhosikazini
kaMzilikazi aseNsingweni
Wadl’uNothando emadodakazini
Ezigodlweni zikaMzilikazi
Wadl’uNozinhlwathi inkosazana kaMzilikazi
Wadl’uNomabhunu kwaMashobana
Wadl’uNomabhudle kwaMashobana
Wadl’uDambuza-mthabathe
Ezinduneni zikaMzilikazi
Wadl’uDumaphansi ezindneni zikaMzilikazi
Wadl’uDidiza ezincekwini zikaMzilikazi
Wadl’uNdengezimashumi
Ezincekwini zikaMzilkazi
Wadl’uMginqilizana kwaMashobana
Wadl’uGolela kwaMashobana
Wadl’uChachaza kwaMashobana
Wadl’uPhuzukuyekela kwaMashobana
Wadl’uNkomedlemeveni kwaMashobana
Weza nesibhoma sikaNomanhlala
Alidume!
Alidume leyame ngentaba
Aleyame ngoMpehlela noMaqhawakazi
Ophendule onyana bezindlwana
Ubhungebhu ongaboya nengonyama
Yona ibineziyephunga nasemlenzeni
Ntong’enzimande uMalamlela*
Ntong’enzimande ngokushaya amadoda
Uze noNolube ezinyangeni zaseSwazini
Uze noSamvu ngakubaLondolozi ngaseSwazini
Udl’uMthunz’ohlalabaLondolozi
ngaseSwazini
Uthathel’uThekwane ezalwa nguSobhuza
Uze noNomaphela waseNtabathweni
Uze noNgiyaphela wakwaGcwensa
kwaMagonondo
Ngqongqo yemikhonto ibang’izililo
INkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane*
Ezinye ziyokufa umdlebe
UNjunju weziTholatholi
USimakade saMakhosi
USomnandi wami
Woza ngang’umlomo
Ngingaze ngisale
Ngibenomngandeni
IHwanqa eladl’amanye amaHwanqa*
Ngoba ladla uPiti kwabaseMgungundlovu
UKlebe ukwehla kwezikaMagaye
Uth’eseMhodi wanyamalala
Unyamalala ngakhona uKlebe
Ubengenaso isiphuku sokwembatha
Sasisele kwaMashangisa
Wayembethe ubuyiyane bezinyoni
Wadl’uZihlandlo kaGcwabe
Ethi ukuwela ukweyama
Wadl’uMashukumbela kaGcwabe
Eth’ukuwela ukweyama
Wadl’uMagaye kaDibandlela
Eth;ukuwela ukweyama
UBhelekeqa ongankom’ekhalimayo
Kungathi bayibangile nabakwaZulu
UMpha-nkomo yenabele
Ngoba uVezi
Ungiph’izinkomo zifana zonkana
Nyakamumbe uVezi
Uzakungipha neph’qithole
USingqungu kakhulumi kanamlomo*
KanjengoShaka
Yena waqeda umuzi ngokunkenkeza
Amanzi kaMalinga abeyiziwolokohlo
Abenjengawo awakwaBulinganto
Wona abengesiwolokohlo
Mnguni ngubande nakwesendlovu
INkonyane ekhwele phezu kwendlu bayihawuza
Kwangalokhu bahawuza ezawonina
INtandane kaMphehlela noMqhwakazi
Evele uMkhindi wanyamalala
UMjele ogubaze amadlebe
Emva komuzi waseZimpukaneni
Izinkomo zaphuma zamlandela
Ungangisiza Madlokovu
Uye kwaMthanuntengayo
Utshani bakhona kabushi
Busala iminyele
Langa phuma bakothe abakwaZulu
Abezizwe kodwa bazokubalekela
INsukamini yakith’eMgungundlovu*
Bayizwa ngendaba
INsukamini bayakhela imikhanyo
Nabasezitheni nabasemakhaya
Dada lodudu nothobothi
Gijimani ngazo zonke izindlela
Nibikele uMancaka noNxumalo
Nithi uVezi mhlanzeni izinyawo zonakele
Uliyekil’ebeliwel’aBantwana
Phond’olumnyama lwakoKhubazi
Ludl’uMxhamama kaSoshaya eZibisini
Ludl’Ntendeka kwaDlangezwa
Ludl’uNxazonke ezalwa nguMbhengi
USilwane vukel’abant’ekweneni
USilwane ubeyinduna kwaGibixhegu
Uze noMdlaka eNtshobozeni
Tshelani uSiphingo kwabakwaHlengwa
Nith’iZilo zikaJama zibulelene**
EsakwaDukuza nesakwaKhangelaqha
Mngun’unabele nakweseNdlovu
Munt’onesihlobo eSichasheni
Gijimani ngazo zonke izindlela
Niyobikela uMthezuka eSichasheni
Nithi igama likaMagugui
UMthezuka kaliyeke
UMagugu ngowakith’eMgungundlovu
UManyelela ongantomb’iyesokeni*
UManyelela njengevezimanzi
Uyajabula mfazi waseNsuze
Wen’oyakubon’uManyelela
Eyakubulal’izitsha zaseNdinaneni
UMthakath’osibindi*
Simnyama nakwabakaYise
Uze noMhlangana kwabakaYise
Uze noMgqojama kwabakaYise
Uze noMdungazwe kwabakaYise
Uze noSomajuba kwabakaYise
Uze noSophane kwabakaYise
Uze noMfihlo kwabakaYise
Uze noNxazonke ezalwa nguMbhengi Elangeni
Uze noZikhungweni ezalwa uMbhengi
Elangeni\Uze noMkhweco ezalwa nguDubo Elangeni
Kazi wenzani ngasElangeni
Uze noNqetho ezalwa nguKhondlo kwaQwabe
Uze noNgwadi ezalwa nguGendeyana kwaQwabe
Uze noSomponjwana kwaQwabe
Uze noKhawuze kwaBhekanyawo kwaQwabe
Uze noNwakele ezalwa nguKhushwayo
Uze noNogele ezalwa nguKhushwayo
Uze noNgiyaphela ezalwa nguMandeku
Ujulubez’amathaf’akulungele
Ogudl’amahlathi engayi kuwo
Ogedle iNtumeni wagudla iShowe
Uvunulela ezingunjini zomfula
Wesaba izinto zakho
Zingaze zemuke namanzi
UDledle ongankomo zecala
Zona zimabuya nasekwalukeni
Inkom’ezungez’umuzi nangezinyembezi
IMamba eyath’iphansi yayiphezulu
UMjikiza ungamashoba eziNyathi
Uze noGaqa ezalwa nguMendameli
Uze noZikhawu ezalwa nguQumbumbethe
Uze noNondaba ezalwa nguDubo
Uyithathe wayaba oDlambedlwini
Wamhahabuza uSigwebana ezalwa nguMudli
Wawel’iMfolozi esegijima
Uye wayibuthisa eMahlabaneni
KuMkabayi ezalwa nguYisemkhulu
Uwele ngomnyama eMahlabaneni
Izalukazi zakoPhuthule
Zayithwala iminqwazi
Uwel’uSuthu ngezinyembezi
Uyakubuthisa koMagonondo noMyando
Udabule kwaNtabakayikhonjwa
Izichwe zayithwala imililomo
Kwabathi, ‘Qha, bo bo bo bo bo bo !’
Izimpangele ziyawulabalabela
Uzulu ladum’ekuseni
Ladum’ekhaya
Umnyama wendlu yakoPhuthile
Ukhethelwe zimbongolwana phezu kweGwa
Udabule kuLubisana esegijima
Uhambe ngokhalo lwamathafa
Lukadedangendlale
Waye wayiuthisa oBhalule
Uth’ephuma oBhalule
Waye walal’eNkuthu
Waye wawela eBulinga kwaMzilikazi
INyok’eqoph’umqala yashiya isibili
Yathi izoqedela ngomhla izovela
Insimu ethi ukuvuthwa yaxholoba
Yathi ukusuka
Zayidl’amanhla zayishiy’amazansi
Unkomo zinezisini emlonyeni
Zinqundeke ziyokuphuza eMhlahlandlela
UMgabadeli onjengebhubesi
Odonswe ngezintaba ezimakhelekethe
Injonjololo engaziziba zolwandle
UVezi uMaphakamela**
Owaphakamela iNkunzi yakwaBulawayo
UQhamana!UNdabende wamakhanda
USigongonono esinkabi legodla
Ebikhetha iziqhozana kungezakoYengwa
Indab’engiyizwe ngikude
Engiyizwe ngisoBonjeni lwezinyathi
Ngabheka emuva
Ngajiyelwa lapha ngiya ngakhona
Ngendaba kaMbopha benoNkunziyendlovu**
UMzaca ongwegwe
NgokaMbopha benoNkunziyendlovu
Othukuzelwe futhi eMahlabaneni
Bawufihle nami ngaze ngathanda
Bathi bayogalela ngawo kwaBulawayo
UDingana omnyama ngabomu
Ukhanya phakathi kukaFojisa
benoNomagoma
Impunga engene ngamahlashana onkana
Kanti ibiyobulala umuzi kungokaGendeyana
Ungezwa bethi ”Dlula ! Dlula! Pheqe
kaNdaba!”
Kanti basho oVemvaneni
Ngemuva kwakho bakugodlele
Amaklwa kanye nezinqindi
Odazule kuZulu umfo kaNogandaya
UZulu wabaleka wabhangazela
Ukuma kweqhawe lethuka iNkosi
Ukuma kweSilo sethuka esinye iSilo
Ukuma kweZilo ziyethukana
INkonjan’ebuwaba busephikweni**
Engenjengazinkonjane zasendlo
Zona zibuwaba buseqolo
INhlendla yeThusi kaMjokwane
UMbomb’oye wakhanya
kuMsalela kwaNxumalo
UHlahla lomnqawe neloMqokolo**
Bathi ukulivuna kwabo balihlohloloza
UMsontane ongambo yomnxeba
Ngisho ngamazwi
Abakusontela wona abakwaZulu
Mdingi kaMpikase
USo linkonyeni zabantu
Induku emnyama kaPhunga noMageba
Eyasha amanzi kwavela udaka
Emuva kodaka kwavela izinomo
Untakantinsi zinqwamene phezulu
Angiqedi nezophuka iphiko
USomkhanda ngokubakhandanisa
INyoni kaMahube uMashulubeza
UShikila limuva muhle
Unkomo zimakhekheba
Ngokuhamba zihlala
IJaha elinamandla nasemandleni
UZul’libeth’izihlambi
ULanga laphuma endlebeni yandlovu
Nyakamumbe liyakuphuma kweyeNgonyama
Yaminz’iNdlovu!
Ulibinda Zul’eliphezulu !
Ulibinda Ngonyama !
Ulibinda Silo !
Ulibinda Ndlovenkulu !