Incazelo ngeSidikili(Gnidia cuneata)

ISidikili(Gnidia cuneata)

 

Nina abakaNomakhwelo iNgonyama uhlanya olisemehlweni amadoda! IGwija likaMdlaka ligwegwe lijiyeze abasini beNgoma! UGawu bazakuliluma bazakuliphimisa bakhumbule amaGawu abebesi! INkomo eyakhala eMthonjaneni izizwe zonke zayizwa ukulila! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade ,kungumhla weshumi nanhlanu kuNhlangulana (15 Juni) onyakeni ka 2023. Ngethemba nisaphila nina beSilo. Cha , thina sisaphila kwaSokhumalo. Lo muthi eniwubona esithombeni nina beSilo kuthiwa yiSidikili ngesiZulu. NgesiSayensi kuthiwa yiGnidia cuneata . NgesiBhunu kuthiwa yiKoorbossie.

Senzani iSidikili?

ISidikili nina beSilo sengena ezindaweni eziningana , kakhulu-kakhulu singena entelezini yokubethela ikhaya, nakweyokulicupha . ISidikili sidikibalisa abathakathi, bagcine bephindele emuva bengakwenzanga ukungcola kwabo. Siyangena futhi iSidikili naseZiphephethweni ikakhulukazi ezezitha. Siyangena futhi iSidikili nakwiSibambelelo. Singena kuzo zombili iZibambelelo , esangaphansi kanye nesangaphezulu. Siyangena futhi iSidikili entelezi egeza izichitho. ISidikili , siyageza , siyagquma , siyaphuzwa njengembiza , kanti siyaphalaza futhi . Siyangena futhi iSidikili kwezokukhipha isilwane . Siyangena futhi iSidikili kwezamacala,siyayithambisa iMantshi . Kulo muthi nina beSilo kusebenza impande , yebo namakhasi ayasebenza  ikakhulukazi ekugezeni nasekugqumeni, kodwa kusetshenziswa kakhulu-kakhulu impande. Impande yeSidikili yinhle naseMfiveni . Iyaququdwa njengeSiqunga. UMqotho wayo uyimpuphu muhle kakhulu ezilondeni ezibangelwa umkhuhlane , ezisuka olimini emlonyeni zishone emqaleni zize ziyofika esifubeni. Uyakhothwa lo Mqotho . Kanti impande yeSidikili ibuye ipjhekwe ibe yiSiphungo sezinhlobo zonke zemikhuhlane. Lesi Siphungo sibuye selaphe nomzimba omubi othandwa izinduna, sishisa nazo zonke izilonda esiswini. Sishisa ngisho nezisemaphashini ezibangela ukuba umuntu angaphefumuli kahle. Lesi Siphungo kubye kuxujwe ngaso umlomo onezinsini ezophayo. Singasho nje sithi siwuthi wamazinyo abuhlungu. IMpuphu yempande yeSidikili inguMhlabelo ogcatshelwa eduze nalapho kwephuke khona ithambo , esilwaneni , nakumuntu .


Khumu!

Niphile nina bakaSomnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi KwaZulu. Thola olunye ulwazi kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV”

ISidikili

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo