Umlando ngoNongalaza ka Nondela Mnyandu
Nina abeMamba eyath’ukuvuka yangen’ehlathini ,ihlathi lineMbube .Yamaphul’uBusubengwe ka Nongalaza.UNgalo zinjengezeNgonyama .IMbube eshoba liyisilikithi.ISilo uCetshwayo leso’. Lezi zihasho iSilo sasoNdini sazithola eMpini yaseNdondakusuka mhla zimbili kuZibandlela 1856. Impi yaseNdondakusuka yabe iphakathi kwaBantwana oCetshwayo kanye noMbuyazwe bakaMpande . Le mpi ibuye yaziwe ngokuthi yiMpi yaBantwana. INdondakusuka ingasoThukela .UNongalaza lona wayengowakwaMnyandu , ezalwa nguNondela . Wabe eyiNduna yeSilo uMpande kwaNodwengu. UNdunankulu(Prime Minister) weSilo uMpande kwabe kunguMasiphula ka Mamba wakwaNtshangase. UNongalaza yena wabe enye yeziNduna ezinkulu kwaNodwengu. Libuye livele futhi igama likaNongalaza ezibongweni zeSilo uCetshwayo uma kuthiwa “ Ubhukudis’ebantu bengathand’ukubhukuda .Ngoba ebhukudis’amadod’amadala.Ngob’ebhukudis’uNongalaza obezalwa nguNondela! Ngoba ebhukudis’uThemana obezalwa nguNohaye!’.
UNongalaza ka Nondela
Le nsizwa yabe ingeyakwaMnyandu , uyise kunguNondela . Abantu bakwaMnyandu ngokomlando olotshwe phansi kuthiwa bazalwa kwaQwabe. UNongalaza lona kuthiwa wabe esondelene kakhulu neSilo uMpande kusukela ngesikhathi kusabusa iSilo uDingane, iSilo uMpande sisenguMntwana. Kuthiwa kwathi ngenkathi kuxabene uMntwana uMpande kanye neSilo uDingane uNongalaza wagqisha noMntwana uMpande. Waba yingxenye yabalandeli boMntwana uMpande abawela uThukela baphikelela eMabhunwini. Leyo ngxabano yaqubuka ngowe 1839 ngemuva kwempi yaseNcome , okuyimpi eyalwa ngowe 1838 mhla ziyi 16 Zibandlela, leyo mpi yabe iphakathi kwamaBhunu noZulu ngaphansi kobuholi beSilo uDingane.Ingxabano yeSilo uDingane noMntwana uMpande yaholela ekutheni zinqikiline eMaqonqo ngowe 1840 kuMasingana. Impi yaseMaqonqo yabe iphakathi kukaZulu noZulu, yabe iphakathi kweSilo uDingane noMntwana uMpande . Impi yoMntwana uMpande yaholwa nguNongalaza ka Nondela Mnyandu , eyeSilo uDingane yona yaholwa uNdunankulu uNdlela ka Sompisi elekelwa yiSekela lakhe uDambuza ka Sobadli Ntombela (uNzobo).Kuthiwa impi yoMntwana uMpande yabe ikanye namaBhunu ka Ngalonkulu(Andries Pretorious),kuthiwa nokho ayikho into etheni amaBhunu ayenza.Yimpi yoMntwana uMpande eyadla umhlanganiso .Impi yoMntwana uMpande yayibizwa ngokuthi uMlambongwenya okuyigama lomuzi wenkosi uSenzangakhona eyawakhela uNdlunkulu uSongiya ka Ngotsha Hlabisa ,kwabo Mntwana uMpande. Ukunqoba koMntwana uMpande kwaba ukulibusa kwakhe elakaZulu ngawo u1840.Kwathi ngowe 1856 kwaqubuka impi yaBantwana,eyaziwa ngempi yaseNdondakusuka.Kulempi uNongalaza waqoma ukulwa ngakuMntwana uMbuyazwe okuhlangothi olwagcina lugobe uphondo.Njengoba besengishilo , lempi yabe iphakathi kwaBantwana oCetshwayo noMbuyazwe bakaMpande.Abalandeli boMntwana uCetshwayo babezibiza ngoSuthu , aboMntwana uMbuyazwe bona babezibiza ngeZigqoza. Kuthiwa uMntwana uMbuyazwe kanye nabanye abafowabo abaningi basala kuyo le mpi yaseNdondakusuka. UNongalaza yena kuthiwa wasinda ngokulambisa ,wabaleka wagcina ewelela eSilungwini futhi , wagcina enkanise ngaseMlaza eThekwini. Emanxiweni omuzi wakhe sekwakhiwa iNxanxatheka yezitolo ebizwa ngokuthi kukwa”Mnyandu Shoping Mall”.UNongalaza kuthiwa wayezalwe ngowe 1805,okusho ukuthi wabuthwa yiLembe ngowe 1825.UWilliam Clayton Humphreys uthi uNongalaza wayesaphila ngowe 1865,akucaci nokho ukuthi wahamba nini.Ake ngime lapho nina bakaMdayi sabela kweliphesheya uZalukazi zosala eManxiweni amaXhegu ayosala eMizileni! USomnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi KwaZulu.ISilo uMpande leso.Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” ufunde ngomlando wamaQhawe akwaZulu, ubuye uthole ulwazi ngamakhambi eSintu.

Ngiyabonga Mbulazi ngomlandoe kaNongalaza, umlando engawutshelwa uS’bali wami osanda kudlula. u Godfred Mnyandu okuyibona abanakhe laphaya sekwakhiwe izitolo zakwaMnyandu. basuswa lapho base bekhuphukela endaweni yaseNgonyameni ngaphansi kwenkosi u Cele ngaphandle koMlazi. ubeganwe indodakazi yenkosi u Boy Hlengwa umkhulu wakhe uMkhuleko Hlengwa we IFP ephalamende. Mbulase!!!
Gedeza omkhulu