Incazelo ngamaJingijolo(Mulberry)

AmaJingijolo

Nina abakaThambekeka wena owaliwayo thambekeka wewuswe iNtambanana nangezinyembezi! IGwalagwala likaMenzi elisuke eNtumeni kwabhej’iShowe kwabhej’iNdulinde ,kwaze kwaya kwabheja noLwandle noThukela! #ISilo uCetshwayo leso! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba nisaphila nina beSilo kungu mhla weshumi nantathu kuNcwaba(13 Ogasti) onyakeni ka 2023. Nina beSilo lezithelo ezibonayo kuthiwa ngamaJingijolo igama lazo, ngesiNgisi kuthiwa yiMulberry. Zimnandi zehla esiphundu , zithandwa kakhulu izingane. Kulula kabi ukutshala isihlahla samaJingijolo, uvele uthathe igatshana nje uligxumeke phansi bese uyalichelela , liyabamba , likhule kahle libe yisihlahla esikhulu. Umlando walesi sihlahla ulena entshonalanga , kwamamhlophe. Lesi sihlahla ungasithatha kancane kodwa siwusizo kabi. Kuningi esikwenzayo, ikakhulukazi zona lezi zithelo.

UMsebenzi weJingijolo.

Nina beSilo lo muthi uwonke nje ubaluleke kakhulu empilweni yobuntu , ayikho into engelona ikhambi kulo muthi . Ake ngiqale ngazo izithelo. Izithelo kuthiwa zinezakhamzimba eziningi esingabala wonke amaVithamini , zibuye zibe ne iron, zinc , potassium,calcium kanye nezinye . Lezi zithelo zehlisa uShukela emzimbeni womuntu, ngakho-ke lezi zithelo zinhle kakhulu kwabaphila nesifo sikaShukela. Zona futhi lezi zithelo amaJingijolo zihle kwi fluid retention okuwukwandisa amanzi noma igazi emzimbeni womuntu. Zona futhi lezi zithelo zinhle ekuvikeleni umuntu ukuba angaphathwa yizifo ezingaMahlalakhona , izifo ezifana nabo oShukela lana, oMdlavuza , oHayihayi kanye nezinye. Izifo ezibizwa ngoChrone diseases.Kuthiwa umuntu odla noma othanda lezi zithelo akasheshi ukuguga. Uphila eside isikhathi. Lezi zithelo zinhle nasekwelapheni i-Gout okuyisifo esibangelwa ukudla kakhulu inyama.  Kuningi okwenziwa noma okuqukethwe izithelo amaJingijolo , ngikhe nje phezulu. Amacembe nawo mahle kukho konke lokhu okungenhla . Ayabiliswa enziwe iSiphungo esiphungwa umuntu oxakwe uShukela  , uMdlavuza noma yisiphi nje isifo esiwuMahlalakhona. Lesi Siphungo sihle nasekwelapheni isihudo , phecelezi i-diarrhea. Kanti lena phesheya amacembe aye wonyiswe kwenziwe ngawo itiye elihlanza isikhumba , elenza isikhumba sibe sihle , sihlale sibushelelezi.Izimpande zinhle kakhulu kubantwana abancane. Ziyaphekwa kahle zibe yiSiphungo esiphuzwa ngabantwana abancane uma behlushwa yizisu. Izimpande zibuye zibiliswe zibe iSichongco esiphuzwayo , sibuye sichathe abantu abanenkinga yesisu segazi.

Khumu!


Niphile nina bakaKhawuleza Nkume yoHlanga iyasha imizi eMaphethelweni! Vakshela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo