Incazelo ngeNkalimasana (uMakhanda ka Ntuli, Euphorbia fianaganii)

INkalimasana

Nina beSilo sakithi oSuthu uZitho zimbombo zimbombonono zifana nezikaDadewabo uSililo, uMpondo zamila enjeni engabe enkomeni zesabani? USomkhanda wakithi eMkhontweni okhande abezindlu nabezindlwana abezindlu bayikhexa imilomo! #ISilo uDinuzulu leso! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila bonke abeZulu eliphezulu. Cha, thina sisaphila eMantungweni. Nina beSilo le Nduku eniyibonayo wuhlobo lweziNhlenhle olwaziwa ngokuthi yiNkalimasana\e , noma uMakhanda ka Ntuli. *NgesiXhosa ibizwa ngeNtsema ….Uma kukhulunywa ngeziNhlenhle kusuke kukhulunywa ngemithi efana noZililo, uMakhanda ka Nsele , kanye neminye. UMakhanda ka Nsele muhle kwezaMalumbo. IziNhlenhle ziwumndeni ohlobene kakhulu  neMihlonhlo ingakho nazo zibizwa ngama-Euphorbia plants njengayo iMihlonhlo. Kanti nazo zinhle kakhulu ekwelapheni isikhumba ikakhulukazi izinsumpa, njengayo iMihlonhlo. Lolu hlobo lweSinhlenhle esikhuluma ngalo namuhla nalo luhle kwezesikhumba, uTwayi, izinsumpa amathumba njalo njalo . Nalo luphuma ubisi njengoMsululu,uMsululu wuhlobo loMhlonhlo oluhle kakhulu ezinsumpeni. Zimbili izinhlobo zeNkalimasane, kukhona yona lena esixoxa ngayo , besekuba khona nolunye uhlobo oluyisihlahla esikhulu , nalo olopha ubisi,nalo luhle kakhulu esikhumbeni . Le Nkalimasane esesithombeni ibizwa ngeTranskei medusa’s head ngesiNgisi . OSosayensi bayibiza nge Euphorbia fianaganii.

Yenzani iNkalimasane?

Nina beSilo le Nduku yinhle kakhulu esikhumbeni njengoba besengishilo . Ubisi lwayo luye luhlikihlelwe esikhumbeni esihlakwe uTwayi ,izinsumpa , noma amathumba , aphile umuntu . Le Nduku nina beSilo iyangena nasezimbizeni , ezoMbvusankunzi, ezokugeza isikhumba kanye nezinye. Ingena ezimbizeni zokuphuza kanye nezokuchatha. Le Nduku iyangena kwezokuphalazela ukuxosha imimoya emibi, ukuthandeka kanye nakwezokuvula izindlela . Le Nduku iyangena nakwezokugqumela ukuthandeka, ayayisebenzisa amaSoka. Iyangena naseZikhafulweni zobusoka. Le Nduku nina beSilo iyangena nakwiMibhemiso yokubhula , isetshenziswa kakhulu ngoThwasa kanye neZangoma ePhehlweni. Le Nduku nina beSilo ibuye ibe yintelezi . Iyangena entelezini echela igceke, ukuxosha imimoya emibi. Iyangena le Nduku nakwezokubethela.Iyangena le Nduku nakwezokukhipha isilwane. Iyangena le Nduku kwezokulwa, kanye naseMabutweni athunywa ukuyolwa. Iyayangena le Nduku kwezokicupha umthakathi. Iyangena le Nduku kwezokuvundulula izinto ezifihlakele, izinto ezigxunyekwa ngabathakathi emizini yabantu ebusuku uma kulelwe. Iyangena le Nduku kwezokuphindisa.

Khumu!


Niphile nina bakaVezi ngimfumane bemzila ,ngafike ngamudla kanti ngizifaka iLoyi esiswini. Inkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe!#ISilo uDingane leso. Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye futhi ulwazi.

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo