Incazelo ngoMthathe, uMthathi (Sneezewood)

UMTHATHE

Nina abakaMenzi kabongwa ngaBalandakazi ubebongwa ziNjenje zaseMqekwini ! USinqgila nganhloko kuzond’intamo! #Inkosi uSenzangakhona leyo! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeZulu eliphezulu kuzo zonke izindawo lapho bekhona. Cha , thina sisaphila eMantungweni kungu mhla weshumi nesithupha kuNcwaba(16 Ogasti) onyakeni ka 2023.  Nina beSilo le Nduku eniyibonayo kuthiwa uMthathe igama layo , ingena kakhulu emithini yokulwa naManzamnyama, okuyimithi edlelwa ehlathini idlwa wumndeni oshaywe ngaManzamnyama. AManzamnyama isimo lapho kushona khona amalungu omndeni ngenxa yokuphehlwa okhambeni olunamanzi amnyama , uphehlwa yisihlobo noma yilungu lalowo mndeni. UMthathe ungena kakhulu emithini yaManzamnyama edlelwa ehlathini ngenhloso yokuphindisa . Kuleyo mithi kusuke kugiya imithi efana noQeduhlobo , uMantingwe(uManzamnyama) , uMviyo, iMpinda kanye neminye imithi) . Sengachaza kakhulu ngaManzamnyama. Uyingozi lo muthi ufana noQeduhlobo(uMuzi owawulapha wayangaphi?). Lo muthi bawuhasha ngokuthi “UMthathe noma esesele yedwa kubo!). Lona ngomunye wemithi emandla kwezaMabutho athunywayo. Uyakhulunyiswa lo muthi , njengawo wonke aMabutho. Lo muthi oSosayensi bawubiza nge Ptaeroxylon obliquum . NgesiNgisi kuthiwa yiSneezewood, uyathimulisa uma uwugqula , ufana noMagwazucaca. NgesiBhunu kuthiwa yiNieshout. Ubuye ubizwe ngoMthathi.

Yenzani le Nduku?

Nina beSilo le Nduku yinhle kwezaManzamnyama njengoba besengishilo. Yinhle kakhulu nasekubuyiseni umqondo othwetshuliwe , noma othwetshulwayo. Kuye kusebenze impuphu yexolo noma yezimpande , ibe wuMbhemiso obhenywa umuntu olahlekelwa umqondo ngenxa yokuthwetshulwa. Uthimula kakhulu akhiphe amafinyela, kuqaqeke wonke amafindo abathakathi . Kanti nabo abathakathi bayawuthaka endukwini yabo yokuthwebula umuntu. Lo muthi uphinde uchele ikhaya , uyangena entelezini yokuchela ikhaya,ulwa nemimoya emibi. Muhle kakhulu nakwezaMaphoyisa, akufuna angakutholi la. Uyangena emithini yokulanda umuntu owambunguka ekhaya , uyangena nakwezokulanda  noma ezokubuyisa isithandwa . Uyaphephetha , uyakhafula. Uyangena futhi kwezokwehlukanisa abantu abathandanayo okuyiNduku esetshenziswa kakhulu ngamaSoka. Uyangena lo muthi kwezokucupha ikhaya . Lo muthi unguMbhemiso omuhle wekhanda elinkenkethayo. Uyangena kwezokulwa nezitha, uyangena kuMabutho athunywayo. Le Nduku yihle kakhulu nakwezokuvula uma iqhathwe naBangqongqozi , uMwelela kanye neminye imithi. Le Nduku nina beSilo iyangena eZibungeni zeBhizinisi , yinhle ekudonseni. Kuningi okwenziwa yile Nduku nina beSilo kodwa ngizoma lapha .Kule Nduku nina beSilo kusebenza ixolo kanye nempande .

Niphile nina abakaMsimude owavela ngeSilubakuMaNgisi naMaqadase! USomnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo yangiwa kithi KwaZulu! #ISilo uMpande leso! Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi.

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo