Incazelo ngoMbambangwe (Chaetacme aristate, The Thorn Elm)

UMBAMBANGWE

Nina abakaMamonga woSuthu uZitho zimbombo zimbombonono zifana nezikaDadewabo uSililo! UCala lathethwa ngomkhonto kithi kwaMalandela amanye amacala ethethwa ngezindukwana! #ISilo uDinuzulu leso , iSilo sasoSuthu! Nina beSilo lo muthi eniwubonayo kuthiwa uMbambangwe igama lawo, uqinile , awuvamisile ukwakha iziNduku ezinhle kodwa uma uwuthole kahle ungakukhiphela iNduku enhle futhi engephuki kalula kwazise uqinile lo muthi. Uqinile lo muthi nina beSilo wedlula uMqalothi. INduku yalo muthi akushaywa ngayo umuntu ngoba angahamba impela .  OSosayensi bawubiza nge Chaetacme aristata\e. Lena kwelaseVenda ubizwa nge Muthavhalunzhi, noma Mula-nguluvhe  . NgesiNgisi kuthiwa yi Thorny Elm. NgesiBhunu kuthiwa yi Basterwitpeer.

Yenzani le Nduku nina beSilo?

Nina beSilo le Nduku kuningi ekwenzayo , ingena ezindaweni eziningi. Le Nduku yinhle kakhulu ekudonseni imali , eZibungeni zeBhizinisi, kwezenhlanhla njalo njalo . Ixolo layo liye lishiswe kwiBhizinisi , ekuseni uma uMninilo ezovula. Lishiselwa ukudonsa imali kanye nabantu. Kule Nduku kusebenza impande , amacembe kanye nexolo , amaSoka akuthaka eNdukwini yawo yoBusoka.Kuthiwa eNdulo amacembe alo muthi ayebiliswa abe yiSiphungo sokudambisa iSifo soFuba phecelezi TB.  Izimpande zinhle ekundambseni noma yiphi inhlungu, kungaba yinhlungu yesisu , yinhlungu yekhanda , yinhlungu yokulimala njalo njalo . Yinhle kakhulu impande kwizinyo elibuhlungu, iye ibiliswe bese kuxhubha umuntu ophethwe yizinyo. Imbiza yexolo , izimpande kanye namacembe yinhle kakhulu kumuntu onenkinga yephunga elingalihle emlonyeni. Kanti ixolo liyangena kwiZikhafulo nakwiZiphephetho , amaSoka ayakusebenzisa. Ixolo liyngena ezintelezini , liyachela ekhaya , liyangena kwezokucupha. Liyangena kwezokuphindisa . Liyangena kwezokikhipha isilwane . Le Nduku nina beSilo uyageza , uyachela , uyagquma uyaphalaza. Ake ngime lapho nina abakaMakhalima akhande njengeZulu lona limakhalima limandindizela . #ISilo uMpande leso!

Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye futhi ulwazi.


 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo