Umlando ngoMntwana uMthonga

UMntwana uMthonga ka Mpande ..

Nina abakaMsimude owavela ngeSiluba phakathi kwamaNgisi namaQadase, uNowela muva wawoShaka! #ISilo uMpande leso . Le Nsizwa endala eniyibona esithombeni uMntwana uMthonga ka Mpande. Oka Ndaba wabuthelwa ebuthweni loMbonambi ebuthwa kanye noMnewabo uMntwana uNdabuko . UMntwana uNdabuko wayelamana neSilo uCetshwayo kanye noMntwana uMbixambixa kwiNdlovukazi uNgqumbazi Zungu.UMbonambi waholwa nguMankulamana ka Somaphunga Ndwandwe  eSandlwana. Leli butho labuthwa yiSilo uMpande ngo1863, izinsizwa zalo zazizalwe ngo 1843. Lokho kucacisa ukuthi uMntwana uMthonga wayengekho eNdondakusuka ngowe 1856, ngoba wayesemncane. Lensizwa yenkosi uMpande yayizalwa yintombi yakwaNtuli uNomantshali kaZinti wakwaNtuli,iNtandokazi yeSilo uMpande .UNdlunkulu  uNomantshali wendela eSilwenii uMpande sesisidala, kwathi ke ngoba kwasekuyinkosikazi yokugcina enkosini, yona intombi isencane, abanye abanakwabo sebebadala yaphenduka iNtandokazi eSilweni uMpande.

Emva kwempi yaseNdondakusuka, eyayiphakathi kwabaNtwana benkosi uCetshwayo woSuthu noMntwana uMbuyazi weziGqoza, kwabonakala ukuthi sengathi inhliziyo yeNkosi uMpande yayingasamenameli uMntwana uCetshwayo okwakunguye okwakufanele athathe ubukhosi emva kweNkosi uMpande esekhotheme.

Empini yaseNdondakusuka iSilo sasifisa kunqobe uMbuyazi kanti akuzukuhamba kanjalo, kwase kubonakala ukuthi inhliziyo yenkosi seyingakuMthonga, lamahlebezi amthunuka impela uMntwana uCetshwayo, kwasuka iMisheshelengwana yayobikela uMtnwana uCetshwayo eMlambongwenya ukuthi njalo uma iSilo uMpande sincinda udengezi lobukhosi sincindisa noMntwana uMthonga.

Lezinkulumo zazikhomba ukuthi iSilo uMpande singase sikhombe uMntwana uMthonga esihlalweni sobukhosi, wathi uma ebheka lesimo uMntwana uCetshwayo wabona kufanele agadle kuqala, sekuzofanele aphinde abulale omunye umfowabo, wathuma abantu ukuba bayobulala uNomantshali ngoba ethi nguye ommise kabi enkosini ngemithi yakhe.

Kuthiwa wezwa  ngandlebenye uNdlunkulu uNomantshali ukuthi uzobulawa wabaleka wayocasha kwaNodwengu, kuthiwa wangena egijima waye wayobambelela emahlombe eSilo, ngaleyonkathi iSilo uMapnde  kuthiwa sasingasakwazi ukuhamba, sasithwalwa ngohlaka ngenxa yokukhula, waphila isikhathi eside okaSenzangakhona.

Bathi uma befika ababethunywe ukubulala uNdlunkulu uNomantshali besaba ukungena eNkosini lapho ayesecashe khona, kodwa ngoba izwi laliphumile kuMntwana uCetshwayo lokuthi bamdonse baphume naye, nebala bamsusa eNkosini bambulala.

Kuthiwa yavuka iNkosi yahlala ngesinqa yathi *Hawu Cetshwayo ungenza nje? Ungiphuca umuntu okunguyena ongiphekela idokwe, Onyoko sebegugile benje? kuthiwa waziphendulela uMntwana uCetshwayo wathi *Baba kwenziwa yini ukuba uDengezi lwakho luncindwe nguMntwana uMthonga na? Mina Nkosana yakho ngingaluncindi? Ngazi ukuthi ngolincinda mhla wakhothama, hawu kade langiqonda leliXhegwana*

iSilo uMpande samphendula* Hawu Magwegwana ungaze ungibize ngexhegwana nginguYihlo na? Akumina iNkosi yesizwe, ukwenza konke lokhu ngoba sengigugile na? Kuthiwa iSilo uMpande sahlaba umlozi isikhathi eside singakhulumisi muntu endlini, kulapho sesizokhipha isiqalekiso saso sathi *Lafa elakwaZulu, uyadela oyoke abone amaMboza ebusa nezinkonyana zawo, iyolwela khona lapha ngikhona* esho emzini wakhe kwaNodwengu.

Nempela yalwela emzini wakhe eyamangisi noZulu, emva kwalokho lafa laphela elakwaMthaniya, isenzo sokubulawa kukanina kaMthonga salandelwa ngukubulawa komfowabo uMntwana uSimpoyiyana, yena phela wabona unina eyongena endlini eyayineSilo uMpande yena wacela empunzini, bamhubha baze bambamba babuya naye, beza naye kwaNodwengu wathi uMntwana uCetshwayo makabulawe.

UMntwana uMthonga wabaleka wayokwakha ngaseZungwini ngaseHlobane, kwahamba kwahamba wathi uMntwana uCetshwayo makalandwe ngoba akaxabene naye, nebala wabuya uMntanenkosi, akuthathanga sikhathi eside wezwa ngoSibhincamakhasane ukuthi uzulelwa ngamanqe, weqa waphindela khona eHlobane.

Wezwa uMntwana uCetshwayo ngokweqa kukaMthonga wavele wayiphaka impi ukuba imbulale afe fi, yafika impi yakaka umuzi ebusuku kanti uMntwana uMthonga akekho ekhaya, futhi wayengenayo nempi eningi.Kuthiwa wagcina efikile uMntwana uMthonga  yayidumelana njalo, uMntwana uMthonga wayikhathaza kakhulu ngesibhamu ayesiphethe, kwalala izigingqane, yagcina ikhumukile eyaKwazulu, emva kwalesiwombe wabaleka wayocasha ngaseMtshezi endaweni yaseMachunwini.

Ake simhashe kancane okaNdaba ..

uMalokotha owalokotha umuzi wasOndini,

Wath’uyokusha ngomlilo,

Nempela washa ngawo umlilo,

uSigeza nantuthu,

Inhlangu kaMavuka aqolothe,

Impukane ephunyuke ezandleni zeMboza

uMadlamb’olwandle!

iNhlangu kaMaqolotha.

Kungasaqolothi nhlangu kwaMalandela.

uMaling’izintaba zondelana

iHlobane neZungeni,

uSigeja nantuthu.

Niphile nina abakaMawela muva wawoShaka uMdayi sabela kweliphesheya uZalukazi zosala eManxiweni amaXhegu ayosala eMizileni! USomnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi KwaZulu! Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi ngamaqhawe akwaZulu, kanye nangempande .

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo