Nina abakaZitho zimbombo zimbombonono zifana nezikaDadewabo uSililo! UCala lathethethwa ngomkhonto kithi kwaMalandela amanye amacala ethethwa ngezindukwana! UMpondo zamila enjeni engabe enkomeni zesabani? UMkhumbi gudluka sibone aMagumgedlela! #ISilo sasoSuthu leso! Enhla nasezansi ngiyayibingelela iNgabade , ngethemba nisaphila nina beZulu eliphezulu. Cha, thina sisaphila kwaKhumalo kungumhla weshumi nantathu kuNcwaba(13 Ogasti) onyakeni ka 2023. Nina beSilo lo muthi eniwubonayo kuthiwa uMvagazi igama lawo lesiZulu. Lo muthi wopha igazi , muhle kakhulu okhunini , kwenziwa ngawo iFenisha. Esingabala kuyo amaTafula, amaWadilobhu, iziHlalo kanye nokunye . Kubuye kweziwe ngawo amaFutha\uOyela osetshenziswa ukuhlanza iFenisha , obizwa ngokuthi yi-Mukwa oil. Leli gama elithi Mukwa lisuselwa egameni lalo muthi lesiTswana elithi Mokwa. Lo muthi ngesiBhunu ubizwa nge Kiaat. NgesiLungu soSosayensi ubizwa nge Pterocarpus angolensis . AmaNgisi awubiza ngeBloodwood, noma nge Transvaal teak. Ka se Tswana bare ke Mokwa , kana Morotomadi. Ka sePedi bare ke Moroto. NgiesiSwahili ubizwa ngokuthi uMuninga
Welaphani uMvagazi?
Nina beSilo lo muthi uMvagazi muhle kakhulu ekwelapheni umuntu wesifazane onenkinga yokungangeni kahle eFindweni , noma uma iFindo lakhe liza kancane . Kuye kubiliswe ixolo lalo muthi libe yiSiphungo noma iMbiza ephuziswa umuntu wesifazane onenkinga yeFindo. Leli xolo lo Mvagazi lihle nasekwelapheni iRingworm(uMbandama), kuye kuphuzwe sona iSiphungo salo , kubuye kunanyekwe nempuphu yalo esigayiwe kuwona uMbandama. ISiphungo sexolo lale Nduku sibuye siconsiselwe nasehlweni elibuhlungu. Kanti sona futhi lesi Siphungo sandisa ubisi kuMdlezane, kanye nasenkomeni eyiSigqala . Lesi Siphungo sihle nasekwelapheni isisu esijuqayo.
Khumu!
Baphile abeNkosi kuzo zonke izindawo lapho bekhona . Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi ngempande .