Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

 

Ama-categories

Imithi yesintu (Izincazelo nezithombe)

Lalela izithakazelo zamaQwabe👂🏾👇🏾

Lalela izithakazelo zamaQwabe👂🏾👇🏾

Lalela izithakazelo zakwaNtuli👇🏾

Lalela izithakazelo zakwaNtuli👇🏾

read more

Incazelo ngomuthi iLoyi/iJoye 👇🏾

Incazelo ngomuthi iLoyi/iJoye👇🏾 ILoyi 09 Jan 2023 Nina abakaVezi ngimfumane bemzila,ngafika ngamudla ,kanti ngizifaka iLoyi esiswini 🙌🏾 Enhla nasezansi ngiyayibingelela iNgabade. Nalo-ke iLoyi. Lona kanye elivela ezibongweni zeNdudumo yaseMgungundlovu,iSilo uDingane. Lona wumuthi omuhle kakhulu wamanxeba , amanxeba amasha namadala. NabeLungu bawuthwele ngeQoma lo muthi. NgesiZulu kuthiwa yi-Loyi, noma iJoye,noma uMvumbangwe. NgesiLungu kuthiwa yi-The Devil’s Trumpet, noma The Jameson’s weed, noma Thorn Aple Plant noma i-Datura Metel. Kuthiwa i-Thorn Aple Plant ngoba isithelo sawo sinameva. Siba nombala oluhlaza uma singakavuthwa(njengoba nibona esithombeni), bese siguqula umbala ube phuzi uma sesivuthiwe. Asidliwa kodwa! Uma uke wasidla uyasangana uboshwe ngamaKetango. Siphambanisa ikhanda. Kuhamba kuhambe umqonqo ubuye, ngaphandle kokwelashwa. ILoyi libuye livele ezibongweni zeSilo sikaMthwakazi uma kuthiwa’ Wadla iLoyi wadla iNkelenkele wabhodlela kwezikaMoyebe zabonakala ngodaka emanselweni ukuthi ziyiwelile iMbembesi zibange eNyathi’. Ekwelapheni* ILoyi limila kakhulu eduze nezibaya , noma ezindaweni ezindaweni ezinomhlaba omuhle,ovundile.ILoyi liwumuthi umkhulu wamanxeba, amathumba nezilonda . Lelapha amanxeba amasha , kanye namadala

read more

Listen to Dithoko tsa Bafula👂🏾👇🏾

Listen to Dithoko tsa Bafula👂🏾👇🏾

read more

Lalela izithakazelo zakwaNgobe👂🏿👇🏿

Lalela izithakazelo zakwaNgobe👂🏾👇🏾

read more

Listen to Leboko la Baphiring by Letswarelo👇🏿

Listen to Leboko la Baphiring by Letswarelo👇🏿          

read more

Incazelo ngeSikholokotho/Snake Plant 🖋️👇🏿

Nina bakaMkhwamude wangisika isilevu, uNsungulo olude lwangithunga impumulo🙌🏾 ISikholokotho. Lona wumuthi oletha izinhlanhla kubantu uma utshalwe egcekeni lekhaya. Uvimba izinyoka ukuba zingangeni ekhaya. Ubuye ungene nasembizeni yezikelemu. Kanti futhi uwumuthi omkhulu wokwelapha nezindlebe, kukhanyelwa umhluzi wamacembe awo ezindlebeni ezibuhlungu. Zimbili izinhlobo zalomuthi iSikholokotho, kukhona iSikholokotho sangaphandle kanye nesangaphakathi . Esangaphakathi sitshalwa ethinini ,bese sifakwa ngaphakathi endlini, nasemakamelweni imbala. Siletha izinhlanhla ngaphakathi endlini, sidonsa nomoya we-oxygen nokwenza ukuthi abantu abangaphakathi endlini baphefumule kahle, siwusizo kakhulu kwabaphila nesifo sokuxinana phecelezi Asthma. Sixosha yonke imimoya emibi ,esingaphakathi endlini. Bese kuba khona iSikholokotho sangaphandle. Esitshalwa egcekeni ekhaya, sivimba imimoya emibi ukuba engangeni ekhaya. Iphunga laso lizondwa izinyoka kakhulu. Inyoka ayisondeli lapho kutshalwe khona lo muthi. Uma ike yalihogela ivele ijike ibuyele emuva ingabe isangena ekhaya . Kuyileso sizathu lo muthi waziwa ngokuthi yi-Snake Plant ngesiLungu. Sibuye saziwe  ngeMother in Law’s tongue, noma nge Sanseviera . Zombili izinhlobo zeSikholokotho ziyazihlosha izinyoka ekhaya, ziyelapha futhi nezindlebe

read more

Lalela izithakazelo zakwaPhungula👂🏿⬇️

Lalela izithakazelo zakwaPhungula👂🏿⬇️

read more

Lalela izithakazelo zakwaMhlongo👂🏿👇🏿

Lalela izithakazelo zakwaMhlongo 👂🏿👇🏿

read more

Mamela iziduko zakwaNdaba-Bhadela

Mamela iziduko zakwaNdaba👂🏿👇🏿  

read more

error: Akuvumelekile lokho !!