Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

Ama-categories

Imithi yesintu (Izincazelo nezithombe)

Incazelo ngeWozawoza (Cymbopogon citratus)

Nina abeMbuzi ka Dambuza abayibambe ngendlebe yabekezela ayinjengekaMdlaka ngaseNtshobizeni yena ayibambe ngendlebe yadabula yaqeda amadoda! INdudumo yakithi eMgungundlovu! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeSilo kuzo zonke izindawo lapho benkanise khona . Cha , thina sisaphila kwaMntungwa. Nina beSilo lo muthi eniwubona esithombeni kuthiwa iWozawoza ngesiNguni kwazise usetshenziswa kakhulu ekudonseni . NgesiLungu kuthiwa yiCymbopogon citratus , noma Lemon Grass. Le Nduku isemndenini owodwa neSiqunga kanye noTshanibezwe. NeSiqunga naso siyabizwa ngokuthi y... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeNsulansula(uMadwaleni, Eriospermum mackenii)

  Nina abakaZulu lizayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela! IGwija likaMdlaka ligwegwe lijiyeze abasini beNgoma! UKlebe engimbone ukwehla kweziMangcengeza kwathi kwezikaPhungashe wanyamalala! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade kungumhla wamashumi amabili nambili kuN... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoSakhayedwa (Valachellia sieberiana, uMkhamba)

  Nina beNkwazi ka Ndaba emaphiko amhlophe ,uQwasa lukaWasa inkomo yiViyo , uSihlangu simagqabha sinamanxeba , uFulathela uBombo lwabhidlika! Enhla nasezansi ngiyayibingelela iNgabade , ngethemba basaphila bonke abeZulu eliphezulu. Nina beSilo lo muthi eniwubona esithombeni kuthiwa uSakhayedwa ... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoNozitholana(uNdlelazimhlophe, Silene capensi)

Nina beNkwazi ka Ndaba emaphiko amhlophe , uVava lweNkunzi yakithi kwaKhethomthandayo kayigwebi ichoma ngazo zombili! UZiyayinhlonhlonga inkomo ethandwa zibawu! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba nisaphila nina beSilo. Cha, thina sasaphila eMantungweni kungumhla weshumi nesi... qhubeka ufunde »

Ukuphupha udoba izinhlanzi.

Ukuphupha udoba izinhlanzi. Nina abeSela lintongande lawo Baleka lithabathe uMshiza lawetshatha laiyakugalela ngawo eMankenganeni ! Inkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe! Ngethemba isaphila iNgabade enhla nasezansi. INhlanzi ingesinye sezilwane okungekho lula neze kuba umuntu as... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMaluleka (Gerrardina foliosa, uMuthi okuzila, uMlulama omncane)

  Nina abakaVezi uNonyanda uMgabadeli owagabadela iNkundla yakwaBulawayo , iHwanqa eladla amanye amaHwanqa ngoba ladla uPiti kwabaseMgungundlovu ! UVezi kofa abantu kosala izibongo , yizona ezosala zibadabula, yizona ezosala zibalilela emanxiweni! Enhla nasezansi ngiyayibingelela iNgabade kungu... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMphenduli(IMpendulo, Acalypha villicaulis)

  Nina abaThambekeka wena owaliwayo thambekeka wewuswe iNtambanana nangezinyembezi ! UKhaba limile lodwa ngaseNhlungwane amanye amakhaba emila izixexelegu! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba isaphila kungumhla weshumi nesishiyagalombili (18Juni) onyakeni ka 2023. Cha, t... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeSihlanguli ( Gymnosporia senegalensis)

  Nina abakaKlebe engimbone ukwehla kwezikaMangcengeza kwathi kwezikaPhungashe wanyamalala! INkomo eyakhala eMthonjaneni izizwe zonke zayizwa ukulila! IGwija likaMdlaka ligwegwe lijiyeze abasini beNgoma ! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade kungumhla weshumi nesikhombisa kuNhlangula... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMpishimpishi (INdodemnyama, Diospyros galpini)

  Nina abakaSingquma khuluma bakuz’umoya abasezitheni nabasemakhaya! IMbuzi ka Dambuza abayibambe ngendlebe yabekezela ayinjengekaMdlaka ngaseNtshobozeni yena ayibambe ngendlebe yadabula yaqeda amadoda! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeSilo kungumhla we... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeCubudwane

  Incazelo ngeCubudwane Nina abakaMpondo zamila enjeni engabe enkomeni zesabani , uSomkhanda wakithi eMkhontweni okhande abezindlu nabezindlwana abezindlu bayikhexa imilomo! UCala lathethwa ngomkhonto kithi kwaMalandela amanye amacala ethethwa ngezindukwana! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yon... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!