Nina abakaHlamvana bhul’umlilo eNdulinde ububaswe nguMantshonga benoGqelebana! UZulu ladum’obala lapho kungeMunga kungeMtholo! #ISilo uCetshwayo leso! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeSilo , cha, thina sisaphila eMantungweni! Nina beSilo le Nduku eniyibonayo kuthiwa aMangwe amnyama, mabili aMangwe , kukhona amhlophe kanye namnyama. Zombili lezi zinhlobo zaMangwe zinhle kakhulu ekwelapheni izibhobo. AMangwe amhlophe mahle kakhulu naseNkomazini eninkinga yokuphunza njalo. Ngizowachaza ngelinye ilanga. Le Nduku aMangwe amanyama ibizwa nge Lebombo cluster-leaf ngesiNgisi. NgisiBhunu abizwa nge Lebombotrosblaar.Kanti oZifundiswa zona ziwabiza nge Terminalia phanerophlebia.
Enzani aMangwe amanyama?
Nina beSilo sakithi eNaleni lena yiNduku enhle kabi yezibhobo ,kuye kusetshenziswe kakhulu impande kule Nduku, ivamise ukuqhathwa naMangwe amhlophe, iSibhaha, iNyanzangoma elibomvu , kushiswa ndawonye kwenziwe insizi ekhothelwa izibhobo noma amahlaba ,ikakhulukazi awobuthakathi. Izimpande zaMangwe zibuye zibiliswe kwenziwe iSichongco sokuchathela isisu segazi , isisu esijuqayo. Kanti neSiphungo sazo siphungelwa inkinga efanayo. Izimpande zale Nduku zibuye zigxotshwe zibe impuphu enanyekwa amanxebeni nasezilondeni ezibhibhayo, le mpuphu ibuye ikhothelwe izinhlungu zezibhobo. Kahle-hle umuthi wezibhobo lo. Izimpande zale Nduku aMangwe amnyama zibuye zingene eMbizeni yokubuyisela noma ukuqondisa isizalo ezimpahleni ezifana nezinkomo , izimbuzi , izmvu njalo njalo.
Khumu!
Niphile nina abakaMashikizela ashiye impi yakhe! Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi
