Nina abeSela lintongande lawoBaleka lithabathe uMshiza lawetshatha liyawugalela ngawo eMankenganeni! UVezi kofa abantu kosala izibongo yizona ezosala zibadabula! Yizona ezosala zibalilela emanxiweni!#ISilo uDingane leso! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade, ngethemba basaphila abeSilo , cha, thina sisaphila eMantungweni. Nina beSilo le Nduku eniyibonayo kuthiwa yiMpumelelo igama layo, kubuye kuthiwe uMphumeleli, noma uMphumelezi,noma iPhumela, noma uNompumelelo, noma ngoNdlelazinhle. Nina beSilo le Nduku ikhula ibe isihlahla impela esikhulu , kuthiwa eNdulo kwakwenziwa ngayo impahla yokhuni, iziNgqoko, iziGqiki, iziNkezo njalo njalo . Yinhle impela okhunini. Kanti nasekwelapheni lapha abantu abayivali imilomo ngayo. Kusebenza ixolo layo kanye nempande yayo. Le Nduku ibizwa nge Macaranga capensis Macaranga capensis ngoLimi loSosayensi. NgesiLungu ibizwa nge River macaranga, noma False-poplar, noma Spiny macaranga. NgesiBhunu ibizwa nge Riviermakaranga, noma Valspopulier,noma Wildepopulier
Yenzani le Nduku?
Nina beSilo le Nduku njengoba ibizwa ngeMpumelelo nje ngoba yinhle kakhulu kwezokuvula izindlela , noma ngithi kwezempumelelo. Ixolo nempande yale Nduku kuyangena kwezokufesa , kwezama Interview, kwezamaBhizinisi nakuzo zonke nje izinto ezithinta iMpumelelo. Le Nduku iyageza, iyakhafula , iyaphephetha , iyaphalaza , iyakhothwa , iyabhenywa kanti iyagquma futhi. Kahle -hle le Nduku iwuBulawu obungena kwezimhlophe zokugeza iDlozi , iziNduku esingabala kuzo uVumakubangoma omhlophe , uMadlozana, uMtholo kanye nezinye. NamaSoka ayikhonze kabi le Nduku , athambisa ngayo intombi-njengoba sazi vele ukuthi zonke iziNduku zeDlozi ayazithanda amaSoka. Le Nduku yakha obuhle uBulomo kulabo abathi bona abathandeki. Isetshenziswa kakhulu ngababesifazane, umuntu wesiMame osebenzisa le Nduku kukancane ukuba agugele ekhaya. Nina beSilo lena yiNduku yeNhlanhla akumele isale uma uvula izinhlanhla. NamaSela ayayisebenzisa le Nduku uma ezoyobamba inkunzi. Lena enye yeziNduku ezingashayi eceleni. Yinhle kakhulu kwezokudonsa eBhizinisini uma ishiswe namafutha eNhloli. Kanti ibuye yelaphe futhi. Ixolo layo lihle kwezesikhumba, liqeda uTwayi, izinsumpa , amathumba nokunye . Liye ligaywe libe impuphu eyophululwa esikhumbeni esibi, libuye libiswe kwenziwe ngalo iMbiza yomzimba omubi. Impande yale Nduku yinhle kwezophalazela ukusangana kwengqondo , naseMibhemisweni yeMihayizo.
Khumu!
Niphile nina bakaVezi uNonyanda uMgabadeli owagabadela inkundla yakwaBulawayo. Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole ulwazi oluthe thuthu.
