Nina abakaSingquma kakhulumi kanamlomo akanjengoDlondlwane lwakithi kwaBulawayo lona lwaqed’umuzi ngiokunkenkeza! Inkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe! #ISilo uDingane leso ! Nina beSilo le silwane enisibonayo kuthiwa iNgwenya ngesiZulu. Lesi isilwane esinamandla kabi uma usithola siseSibayeni saso , eManzini. Isilwane sihlala emanzini lesi . amaDamini , ezizibeni njalo njalo. Ngeke usenze lutho uma usithola sisemanzini , ngisho neBhubesi impela liyalugoba uphondo la . INgwenya iziphilisa ngokubamba ezinye izilwane uma zizophuza amanzi , imandla kakhulu uma isemanzini. Kukancane kabi ukuba ibambe isilwane esingekho emanzini.Ziningi izinhlobo zeziNgwenya , kukhona olunye uhlobo olutholakala lena phesheya olubizwa ngeLacoste, lolo-ke alunawo kangako amandla . Lwehlulwa ngezinye izilwane ezifana noJaguar (uhlobo lweNgwe yaphesheya). Kunezisho noma ngithi izinkulumo ezithinta yena uMfoka Mtimande lona. Inkulumo yokuqala ithi “Ukusinda emlonyeni weNgwenya” okusho ukusinda esimeni sokucisha ufe, noma ukusinda engozini ebikade izothatha umphefumulo wakho. Le nkulumo ibuye isetshenziswe lapho iKlabhu yeBhola icishe yehlulwa emdlalweni obalulekile. Inkulumo esiyaziyo sonke lena esetshenziswa ezindaweni eziningi. Eyesibili iyiSaga esithi “Akukho zinyane leMvubu ladliwa ziNgwenya kwacweba iziziba” okuyinkulumo noma iSaga esisakusongela , sisetshenziswa kakhulu ngabantu uma besongelana, uma omunye one omunye . IMvubu isilwane sasemanzini esinesikhumba esiqinile. Uma iziNgwenya zidle izinyane leMvubu -kuye kuqubuke impi enkulu yaseManzini phakathi kwabo oMtimande laba kanye neziMvubu .Inyama ka Mtimande iyadliwa , bathi yinhle kabi kubantu abakhathazwa amaDliso. Kuthiwa inyongo kaMtimande inobuthi , iyabulala. Kuyileso sizathu nesibindi seNgwenya singadliwa , kwazise phela inyongo isitho esitholakala sinamathelane nesibindi. UMtimande unesu lokubamba izinyamazane noma izilwane ezisuke zisophuza emanzini, lelo su elokuveza ikhala elibukeka njengexolo, ngeke usho nhlobo ukuthi kusuke kungelona ixolo kepha kunguMtimande nezinqotho zakhe.
Wenzani uMtimande kwezeNdabuko?
Nina beSilo uMtimande ungena ezindaweni ezimbalwa ekwelapheni. Amafutha ka Mtuimande mahle kakhulu kwezokwelapha iDliso. Kanti nayo inyama yakhe bathi iyelekelela impela eDlisweni uma umuntu eyidla. Ikhala likaMtimande lihle kwezokucupha , kungaba uMthakathi , isilwane njalo njalo .Isidumbu sonke sikaMtimande sihle kabi kwezokuqinisa ikhaya , noma ukubethela ikhaya. Ngeke ulenze lutho ikhaya eliqiniswe ngoMtimande kwazise naye ngeke umenze lutho uma eseSibayeni sakhe , emanzini. Izivalo zikaMtimande(izindebe)zinhle kabi kwezokuvala, kungaba ukuvala indoda noma umfazi ukuba angaphingi , noma yini nje osuke ufuna ukuyivala. IGobolondo likaMtimande lihle kabi kwezokugomela isibhamu, liye lithakwe niminye imithi.
Khumu!
Niphile nina beHwanqa aladla amanye amaHwanqa ngoba ladla uPiti kwabaseMgungundlovu! Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi.
