Incazelo ngoBendle, iSiphephane( Gazania linearis)

UBendle, iISiphephane

Nina abeSilo sakithi oSuthu uMpondo zamila enjeni engabe enkomeni zesabani? USomkhanda wakithi emkhontweni okhande abezindlu nabezindlwana abezindlu bayikhexa imilomo! #ISilo uDinuzulu leso! Enhla nasezansi ngiyayibingelela iNgabade , ngethemba basaphila abeZulu eliphezulu kungumhla wesishiyagalolunye kuMandulo(Sephthemba) onyakeni ka 2023 . Sisaphila thina eMantungweni. Nina beSilo le Nduku eniyibonayo kuthiwa uBendle igama layo , ibuye yaziwe ngeSiphephane. Ukhula lobu nina beSilo obuqhakaza imbali ephuzi. Uma kukhona okungezwani ngenkulumoa noma ukuqhubuzana  phakathi kwabantu noma umndeni othile kuye kuthiwe “kuxabene uBendle” . UBendle yiyona kanye le Nduku eniyibonayo. Iyelapha-ke le Nduku, ingena ezindaweni eziningana impela.

Lwenzani-ke uBendle?

 

Nina beSilo le Nduku isetshenziswa ngezindlela ezahlukene. Impande yaleNduku iyangena entelezi yokuchitha izitha, intelezi yokulwa nezitha ezisuke zikumise kabi. Iyageza ,iyagquma , iyachela , iyaphalaza .Impande yale Nduku yinhle nasemacaleni , iyangena entelezini esetshenziswa umuntu ozoyobonana neMantshi noma neNduna , noma noMphathi  ngenxa yecala. Impande yale Nduku iyangena kwezokuphindisa , iye iqhathwe nemithi efana noMhlakaza , oChithibhunga, iMpinda kanye neminye. Impande yale Nduku yinhle futhi nakwezokugeza iDlozi , iyangena eziNkambeni ezimhlophe zeDlozi , oNtumbadlozi,oMadlozana , oVuma omhlophe , oMtholo kanye nezinye.Ngingasho ukuthi iwuBulawu . Impande yale Nduku iyangena entelezini yokuchupha umthakathi. Iyangena nakwezokuchela ikhaya.Impande yale Nduku iyangena kwezimhlophe zokuphalazela inhlanhla noBulomo. Isithombo sonke sale Nduku sihle kakhulu ekuvikeleni ukuchitheka kweSisu, sihle kakhulu kulabo abavamise ukuphuphunyelwa iziSisu. Siye sipheke sonke kanye nezimbali , kwezinziwe iMbiza eyophuzwa umuntu okhulelwe , usiphuza kanye ngenyanga kuze kufike isikhathi sokukhululeka. Imbali yale Nduku iye yonyiswe ebese iyagaywa , ibe impuphu eyokhothwa izingane ukuze zigomeke ezifeni, iphinde izichathe izichathele khona ukugoma.


Khumu!

Niphile nina abakaMamonga woSuthu ! Vakasehla uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo