Nina abakaZiyayinhlonhlonga inkomo ethandwa zibawu ! INtulo ebande ngodonga kwaBhekuzulu! #ISilo uMdlokombane leso! Nina beSilo ngiyanibingelela enhla nasezansi , ngethemba basaphila abeZulu eliphezulu.Cha, thina sisaphila eMantungweni. Nina beSilo le Nduku eniyibonayo iNduku esiyaziyo sonke,ebizwa ngeNkunzana\e noma ngoMankunzane. Le Nduku ikhula yenabe phansi njengoMisibhungu, ameva ayo ayahlaba njengawakhe uMisibhungu. Le Nduku sakhula oDadewethu begeza ngayo izinwele, iyazithambisa izinwele futhi izenza zibukeke kahle. Le Nduku ibizwa ngeDevil’s Claw ngesiNgisi, nawo uMsibhungu ubizwa ngalo lelo gama. OSosayensi bayibiza nge Harpagophytum procumbens . Ibuye yaziwe nge Grapple ngesiNgisi. Ka se Tswana bare ke Ghamaghoe. AmaBhunu ayibiza nge Veldspinnakop. UBaba uMoses Ngcobo encwadini yakhe ethi “Qhude Manikiniki”, uthi amaButho eLembe ayephekelwa endaweni eyayande kakhulu ameva ka Nkunzana, wona ehamba ngezinyawo , engazifakile iziNgxabulela.
Yenzani-ke iNkunzane?
Nina beSilo isithombo sonke sale Nduku kuhlanganisa namakhasi nezimbali kuye kuphekwe ndawonye , kwenziwe iMbiza yokwehlisa amandla ezifo ezingaMahlalakhona, izifo ezifana noHayihayi , Shukela kanye nezinye. Le Mbiza yenza inhliziyo ithande ukudla, ibe neApetite. Le Mbiza yinhle nasekuhleleni isisu , siyelapheka uma sigula. Izimpande zikaNkunzane ziyangena eMbizeni yoMvusankuzi. Ziyangena naseZimbizeni zokwelapha iDilobhu kanye nazo zonke izifo zocansi. Ameva ka Nkunzane aye wonyiswe , ebese eyashiswa abe insizwa ekhothelwa ukulwa namaLumbo ikakhulukazi iLumbo locansi kanti vele awasala uma kuthakwa iNduku yeLumbo locansi. Mahle nakwezokucupha, ayangena futhi naseNdukwini yokulwa, ayangena nakwezokuphindisa. Mahle kakhulu nasekwelapheni iSitshopi.
Khumu! Niphile nina bakaNtaba zimbili zakhelene zentula ngisho ukuxhawulana! Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi.