Incazelo ngeziNduku eziqinisa uBhoko lweSisu.

Nina beSilo ngiyanibingelela enhla nasezansi, ngibingelela kakhulu emaHwanqeni. Nina bakaKhawuleza Nkume yoHlanga iyasha imizi eMaphethelweni!#Inkosi uMalandela leyo. Ngethemba isaphila iNgabade , cha, sisaphila thina kwaKhumalo . Nina beSilo ziningi izizathu ezibangela ukungasebenzi kahle koBhoko lweSisu. Ezinye zalezo zizathu kuye kube wuKhwantalala kanye nokwanda kukaShukela emzimbeni wensizwa . Ikhona -ke nina beSilo imithi ekwaziyo ukwelekelela enkingeni yokuwa kweNdlu. Ngizoqala ngemithi ekwaziyo ukugiya iyodwa , ingelekelelwa mithi, ngizobuye ngithinte futhi nemithi ebuye ibe nobungozi uma isetshenziswe buvamba, budedengu. Ngeke ngizifake izithombe zale mithi nina beSilo.Ngizozama nokugwema ukufaka amagama esiLungu, ngoba le mithi iyatholakaka laphayana eFaradeyi futhi abeLaphi bakhona baqayisa ungqo wemithi. Nazo-ke iziNduku ngezansi.

*INduku

-Incazelo

*UQonsi

-Nina beSilo uQonsi yiyona Nduku engingasho ngesingami ngithi yiyona Nduku ehamba phambili kwezokucija uBhoko lweSisu.UQonsi abaningi balubiza ngoMfowabo woBangalala kwazise vele lezi ziNduku ziseMndenini owedwa. Isihlahlana nje esingakhuli kangako. Le Nduku isemndeni woBangalala, okuwumndeni obizwa ngokuthi i-Fabaceae . UQonsi ngesiSayensi lubizwa ngeEriosema salinum, kanti uBangalala lona kuthiwa i-Eriosema distinctum , Izimpande zale Nduku zinhle kakhulu nina beSilo ikakhulukazi uma uzomisile, wase uyazigaya zaba impuphu oyoyidla nobisi oluphekiwe  ekuseni njengamaCornflakes, noma uzidle ngomhlunzi wenyama enganonile , nawo oshisayo. Le Nduku iqinisa uBhoko lweSisu ngendlela eyisimanga futhi yandisa isidoda futhi yenza insizwa ingasheshi ichithe. Yinhle kakhulu nakulabo abangayitholi nhlobo inzalo. Iba mandla kakhulu le Nduku uma isithakwe eziMbizeni lapho kuthakwe khona nemithi efana naMasethole, uBangalala, uMthunduluka, uShisizwe kanye neminye.Nina beSilo le Nduku uQonsi iyathakwa nezinye iziNduku kwenziwe iziMbiza ephuzwayo yoMvusankuzi. Insizwa edle uQonsi iNduku yayo iyaqina, iyephuza futhi ukuchitha kanti nesidoda sihlezi sisiningi.

*UShisizwe

-Lobu wuKhula obedeleleke kabi nina beSilo kodwa imisebenzi yabo iyamangaza. UShisizwe unamanzi abaningi, iSithombo sikaShisizwe siye sibiliswe sibe iSiphungo esiphungwa umuntu onenkinga yokwanda kukaShukela emzimbeni. Lesi Siphungo nina beSilo sibuye sishise zonke izilonda ezingaphakathi ezingaba imbangela yokuwa noma ukungasebenzi kahle kweNduku, sivuselela imizwa ngendlela emazayo, sidambisa namandla ezifo ezingaMahlalakhona .UShisizwe muhle kakhulu nakuMalumbo.UShisizwe uvuselela imizwa yabesilisa kanye nabesifazane.UShisizwe muhle nakwizifo zocansi kanye nezifo ezishobingisa igazi.

*IMoringa Tree(Moringa Powder)

-Nina beSilo lo muthi umuthi owande ngapha koLimpompo. Amacembe alo muthi awumuthi omuhle kabi olwa nezifo ezingaMahlakhona, abuye aqinise namaSosha omzimba. Aye abiliswe abe iSiphungo esilwa nezifo ezingaMahlalakhona ezifana noShukela. Lesi Siphungo sicija uBhoko lweSisu . Amacembe alo muthi abuye onyiswe kwenziwe impuphu elihlaza cwe edayiswa nakwiZitolo ezinkulu , impuphu ebizwa ngeMoringa Powder. Lo Powder uye udliwe noBisi njengoba kweziwa nakuQonsi, uyadliwa nangamanzi noma ngomhluzi wenyama engenawo amafutha. Lo Powder ulalucija uBhoko lweSisu ngendlela emangazayo .Muhle nakulabo abangayitholi inzalo.

*UBangalala

-Izimpande zoBangalala zinhle kabi ekwandiseni isidoda . UBangalala ludilwa njengalo oQonsi . Luyathakwa naseZimbizeni zoMvusankunzi. Lena iNduku ekwaziyo ukugiya iyodwa njengalo uQonsi. Iba mandla kakhulu uma isiqhathwe nezinye ezifana noNdabingehlele , uMasethole ,uMdudu kanye nezinye. Izimpande zoBangalala ungazipheka uzenze iMbiza uma uthanda , noma uzidle ngoBisi.UBangalala luhle nakwezokubethela izulu. UBangalala lubuye lwaziwe ngoMbhadlangu.

*UMdubu wehlathi

-Nina beSilo izimpande zoMdudu wehlathi nazo zisebenza njengoQonsi. Lena enye yeziNduku ezimandla kakhulu ekuloleni iMbazo ebuthuntu. Iyakwazi ukugiya yodwa le Nduku, ngokubilisa izimpande zayo uzenze iMbiza .Kanti futhi nawo uMdudu ungawudla ekuseni ngoBisi njengamaCornflakes. Uyangena uMdubu eziMbizeni zokucija uBhoko lweSisu

****Nina beSilo ngisazoyiqhuba le Post , ngiphazanyiswa iLahle kwiKhomputha kwazise sinezinyanga sashelwa iTransformer

 

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo